UkuThobeka
UJehova ubabheka kanjani abantu abathobekile nabaqhoshayo?
Hu 138:6; IzA 15:25; 16:18, 19; 22:4; 1Pe 5:5
Bheka nale miBhalo IzA 29:23; Isay 2:11, 12
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
2Kr 26:3-5, 16-21—INkosi u-Uziya iyaqhosha; iphula uMthetho kaNkulunkulu futhi iyathukuthela lapho yelulekwa; uNkulunkulu uyishaya ngochoko
Luk 18:9-14—UJesu usebenzisa umfanekiso ukuze achaze indlela uJehova azizwa ngayo ngemithandazo yabaqhoshayo neyabathobekile
UJehova uzizwa kanjani ngabantu abazithobayo baphenduke ngobuqotho?
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
2Kr 12:5-7—INkosi uRehobowamu nezikhulu zakwaJuda bayazithoba kuJehova, ngenxa yalokho uJehova akababhubhisi
2Kr 32:24-26—Inkosi elungile uHezekiya iyaqhosha kodwa uJehova uyayithethelela lapho izithoba
Ukuzithoba kusisiza kanjani sithuthukise ubungani bethu nabanye?
Efe 4:1, 2; Flp 2:3; Kol 3:12, 13
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
Gen 33:3, 4—UJakobe ubonisa ukuzithoba okukhulu lapho ehlangana nomfowabo u-Esawu owayemzonda, okwenza kube nokuthula phakathi kwabo
Hlu 8:1-3—Ngokuthobeka, umaHluleli uGideyoni utshela amadoda akwa-Efrayimi ukuthi wona aphakeme kunaye okuwenza angabe esathukuthela, ayeke ukuxabana naye
UJesu Kristu wakufundisa kanjani ukubaluleka kokuthobeka?
Mat 18:1-5; 23:11, 12; Mar 10:41-45
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
Isay 53:7; Flp 2:7, 8—Njengoba kwaprofethwa, uJesu wamukela isabelo sokuza emhlabeni ngokuthobeka, uze avume ukufa kabuhlungu nangokuhlazisayo
Luk 14:7-11—UJesu ukhuluma ngendlela okuhlalwa ngayo lapho kudliwa edilini ukuze abonise ukuthi ukuthobeka kusisiza kanjani ekuphileni
Joh 13:3-17—UJesu ubekela abalandeli bakhe isibonelo sokuthobeka ngokwenza umsebenzi ophansi wokugeza abaphostoli bakhe izinyawo
Ukuzibheka ngendlela uJehova asibheka ngayo nangendlela ababheka ngayo abanye kusisiza kanjani sithobeke?
Kungani ukuzithoba kokuzenzisa kungasizi ngalutho?