Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuXuba Izinkolo

UkuXuba Izinkolo

Ingabe bonke abantu abakholwayo bakhonza uNkulunkulu oyedwa?

Ingabe zonke izinkolo ezifundisa izimfundiso ezingafani ziyamjabulisa uNkulunkulu?

Mat 7:13, 14; Joh 17:3; Efe 4:4-6

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Jos 24:15—UJoshuwa uthi kumele sikhethe phakathi kokukhonza uJehova nabanye onkulunkulu

    • 1Kh 18:19-40—UJehova usebenzisa umprofethi u-Eliya ukuze abonise ukuthi abakhonza uNkulunkulu weqiniso kumele bangakhonzi abanye onkulunkulu njengoBhali

UJehova uzizwa kanjani ngonkulunkulu bezizwe nangokukhonzwa kwabo?

UJehova uzizwa kanjani ngabantu abathi bayamkhonza kodwa bebe benza izinto azizondayo?

Isay 1:13-15; 1Ko 10:20-22; 2Ko 6:14, 15, 17

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Eks 32:1-10—Ecindezelwa ama-Israyeli, u-Aroni wenza isithombe sethole legolide futhi ulisebenzisela ukugubha “umkhosi wokuhlonipha uJehova,” okumenza athukuthele kakhulu

    • 1Kh 12:26-30—Ukuze avimbele abantu bangayi ethempelini eJerusalema, iNkosi uJerobowamu isebenzisa izithombe ukuze zimelele uJehova, okuholela abantu esonweni

Yini uJehova ayifundisa ama-Israyeli ngalabo abakhonza abanye onkulunkulu?

Wenzani uJehova lapho abantu bakhe bekhonza abanye onkulunkulu?

Hlu 10:6, 7; Hu 106:35-40; Jer 44:2, 3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Kh 11:1-9—INkosi uSolomoni icasula uJehova ngokukhuthaza abanye ukuba bakhonze onkulunkulu, icindezelwa abafazi bayo bezinye izizwe

    • Hu 78:40, 41, 55-62—U-Asafa uchaza indlela ama-Israyeli amzwisa ngayo ubuhlungu uJehova ngokuvukela nangokukhonza izithombe, okwabangela ukuba abalahle abantu baKhe

UJesu wayezisekela yini izimfundiso zenkolo ezazingahambisani neZwi likaNkulunkulu?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 16:6, 12—UJesu ufanisa izimfundiso zabaFarisi nabaSadusi nemvubelo ngoba izimfundiso ezingamanga zisakazeka ngokushesha, zonakalise amaqiniso afundiswa yiZwi likaNkulunkulu

    • Mat 23:5-7, 23-33—UJesu ugxeka ababhali nabaFarisi ngokuziphatha kwabo kokuzenzisa nezimfundiso ezingamanga abazifundisayo

    • Mar 7:5-9—UJesu udalula ababhali nabaFarisi ngokuhlonipha imibono yabantu kunezimfundiso zeZwi likaNkulunkulu

UJesu wabakhuthaza yini abalandeli bakhe ukuba babe amaqembu ezinkolo ezihlukahlukene?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Joh 15:4, 5—UJesu usebenzisa umfanekiso wegatsha lesihlahla samagilebhisi ukuze achaze ubunye abalandeli bakhe okufanele babulondoloze naye kanye namanye amaKristu

    • Joh 17:1, 6, 11, 20-23—Ngobusuku bokugcina enabaphostoli bakhe ngaphambi kokuba abulawe, uJesu uthandazela ukuba bonke abalandeli bakhe beqiniso babe nobunye

Ingabe amabandla ahlukahlukene obuKristu angekhulu lokuqala ayekholelwa ezintweni ezifanayo futhi ekhonza uJehova ngendlela efanayo?

IzE 16:4, 5; Rom 12:4, 5

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzE 11:20-23, 25, 26—Amabandla ase-Antiyokiya nawaseJerusalema anobunye futhi ayabambisana

    • Rom 15:25, 26; 2Ko 8:1-7—Amabandla amaningi angekhulu lokuqala aphana izipho ngezikhathi ezinzima ukuze asizane, okubonisa ukuthi uthando luwenza abe nobunye

Uma abantu bethi banokholo kuKristu, ingabe lokho kwenza inkolo yabo yamukeleke kuNkulunkulu?

Uma abantu bengazilaleli izimfundiso zikaKristu nezabaphostoli, ingabe ukukhonza kwabo kuyamukeleka?

IzE 20:29, 30; 1Ti 4:1-3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 13:24-30, 36-43—UJesu wenza umfanekiso wokhula olumila ensimini ukuze abonise ukuthi kuyoba namaKristu mbumbulu amaningi ayeyovela futhi angene enhlanganweni kaNkulunkulu

    • 1Jo 2:18, 19—Umphostoli uJohane osekhulile wembula ukuthi base bekhona abaphik’ ukristu abaningi ngasekupheleni kwekhulu lokuqala

Kwenzekani ebandleni uma izimfundiso ezingamanga nokuziphatha ngendlela engamfanelekeli umKristu kuvunyelwa?

Yini okumele yenziwe amaKristu ukuze ahlale emunye?

Kungani amaKristu kufanele agweme ukukhulekela kwamanga?

Kungani kuzuzisa futhi kufaneleka ukuba abantu baxwayiswe ngezimfundiso ezingamanga zenkolo

Kungani kungafanele simangale lapho abantu benkolo abaphikisana nokukhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa besicindezela futhi besihlasela?