Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuZinikela

UkuZinikela

Yisiphi isisusa esifanele sokuzinikela kuJehova uNkulunkulu?

Uma sifuna ukukhonza uNkulunkulu, kumele silibheke kanjani iBhayibheli?

Yini okumele siyazi ngendlela uNkulunkulu asisiza ngayo sinqobe isono?

Yini okufanele siyenze ukuze siphenduke ezintweni ezimbi esizenzile?

IzE 3:19; 26:20

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Luk 19:1-10—UZakewu, umqoqi wentela omkhulu, uyaphenduka ashiye ukuphila kwakhe kokuqola abantu futhi uyayibuyisela imali ayeyithathe kubo

    • 1Ti 1:12-16—Umphostoli uPawulu uchaza indlela ashintsha ngayo indlela embi ayephila ngayo nendlela athethelelwa ngayo ngenxa yomusa kaNkulunkulu noKristu

Lapho sesiyekile ukwenza izinto ezimbi, yini enye okumele siyenze?

Iyiphi indlela okumele siziphathe ngayo ukuze sikhonze uNkulunkulu ngokwamukelekayo?

1Ko 6:9-11; Kol 3:5-9; 1Pe 1:14, 15; 4:3, 4

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Ko 5:1-13—Umphostoli uPawulu uyala ibandla laseKorinte ukuba lisuse phakathi kwalo umuntu oziphatha ngendlela eyenyanyekayo

    • 2Ti 2:16-19—Umphostoli uPawulu uxwayisa uThimothewu ukuba angawalaleli amazwi ezihlubuki asakazeka njengomlilo wequbula

Kufanele zizimisele ukwenzani izinceku zikaNkulunkulu ngokuphathelene nohulumeni baleli zwe?

Isay 2:3, 4; Joh 15:19

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Joh 6:10-15—Ngemva kokuba uJesu ondle isixuku esikhulu ngokuyisimangaliso, abantu bafuna ukumenza inkosi kodwa uyasuka kubo

    • Joh 18:33-36—UJesu uchaza ukuthi uMbuso wakhe awuhlanganise lutho nezepolitiki zaleli zwe

Umoya ongcwele usisiza kanjani sikhonze uNkulunkulu?

Joh 16:13; Gal 5:22, 23

Bheka nale miBhalo IzE 20:28; Efe 5:18

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • IzE 15:28, 29—Indikimba ebusayo yaseJerusalema iholwa umoya ongcwele lapho kudingeka yenze isinqumo esibalulekile esimayelana nokusokwa

Inkonzo yethu yokuzinikela esiyenzela uNkulunkulu kufanele ifane ngayiphi indlela nekaJesu Kristu?

Kungani amaKristu azinikezele kufanele abhapathizwe?

Mat 28:19, 20; IzE 2:40, 41; 8:12; 1Pe 3:21

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 3:13-17—UJesu uzinikela ekwenzeni intando kaYise, lokhu ukubonisa ngokubhapathizwa

    • IzE 8:26-39—Isikhulu esingumTopiya, esesingumJuda ongumproselithe, sifuna ukubhapathizwa ngemva kokufunda iqiniso ngoJesu Kristu