Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMndeni

UMndeni

UJehova wasungula umndeni

Abazali

Bheka nesithi “AbaZali

Obaba

Bheka nesithi “OBaba

Omama

Bheka nesithi “OMama

Abayeni, Amakhosikazi

Bheka nesithi “UmShado

Amadodana namadodakazi

Yini okufanele yenziwe izingane emndenini?

Kungani izingane kufanele zihloniphe abazali bazo?

Efe 6:1-3; Kol 3:20

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 78:1-8—Ama-Israyeli axoxela izingane zawo okwenziwa okhokho bawo ukuze zithembele kuNkulunkulu zingadlubulundi

    • Luk 2:51, 52—UJesu, nakuba engenasono, ulalela abazali bakhe abanesono

Yini engenza izingane zikuthole kunzima ukuhlonipha abazali bazo?

Uzizwa kanjani uNkulunkulu ngezingane ezingamahlongandlebe?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Dut 21:18-21—UMthetho KaMose uvumela ukuba ibulawe indodana enenkani, edlubulundayo, eyisidakwa nengafuni ukulalela

    • 2Kh 2:23, 24—Lapho abafana abancane bedelela umprofethi u-Elisha, ongummeleli kaNkulunkulu, babulawa amabhere amabili

Abazali kufanele balibheke kanjani ilungelo lokukhulisa izingane?

Hu 127:3; 128:3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Lev 26:9—Ama-Israyeli abheka ukuba nezingane njengesibusiso esivela kuJehova

    • Job 42:12, 13—UJehova ubusisa uJobe nomkakhe ngezinye izingane eziyishumi ngenxa yobuqotho bakhe obumangalisayo

Izingane zandawonye kufanele ziphathane kanjani ngendlela edumisa uJehova?

Hu 34:14; IzA 15:23; 19:11

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Gen 27:41; 33:1-11—UJakobe uzama ukwenza ukuthula nomfowabo u-Esawu ngokumbonisa udumo, u-Esawu umamukela ngemfudumalo

Yini izingane esezikhulile okufanele ziyenzele abazali nogogo nomkhulu?

IzA 23:22; 1Ti 5:4

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 11:31, 32—Ngesikhathi u-Abrahama ethutha e-Uri, wahamba nobaba wakhe, uThera, wamnakekela waze washona

    • Mat 15:3-6—UJesu usebenzisa uMthetho KaMose ukuze abonise ukuthi izingane esezikhulile kufanele zisekele abazali bazo abadinga usizo

Abasemzini noma abasekhweni

Bheka nesithi “AbaseMzini Noma Abasekhweni

Ugogo nomkhulu

Bheka nesithi “UGogo Nomkhulu