UMusa
Yibuphi ubufakazi esibubonayo bokuthi uJehova unomusa?
Rom 3:23, 24; Tit 3:3-6; Heb 2:9; 1Pe 5:5
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Jon 3:10; 4:11—UJehova ubonisa abaseNineve abaphendukayo umusa ngokubathethelela, ubonisa uzwela ngisho nasezilwaneni zabo
-
Luk 6:32-36—UJesu usifundisa ukuba nomusa ngokusikhumbuza ukuthi uJehova ubabonisa umusa ngisho nalabo abangabongi nababi
-
Yiziphi ezinye zezindlela esingababonisa ngazo abanye umusa?
IzA 19:17; 22:9; Luk 6:35; Efe 4:32
Bheka nale miBhalo IzA 11:17; 31:10, 26; Heb 13:16
-
Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:
-
Mar 14:3-9; Joh 12:3—UJesu uncoma uMariya, udadewabo kaLazaru, ngokuba nesandla esivulekile nomusa
-
2Ti 1:16-18—U-Onesiforu ukhuthaza umphostoli uPawulu ngesikhathi esejele
-