Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amademoni Aqamba Amanga Athi Abafileyo Bayaphila

Amademoni Aqamba Amanga Athi Abafileyo Bayaphila

IBhayibheli lithi uSathane ‘udukisa izwe lonke.’ (IsAmbulo 12:9) USathane namademoni akhe abafuni ukuba silikholelwe iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Bazama ukwenza abantu bakholelwe ukuthi abafileyo bayaphila endaweni ethile yomoya. Ake sibone ukuthi bakwenza kanjani lokho.

Inkolo Yamanga

Abantu, izilwane, izinhlanzi, nezinyoni—konke kuyimiphefumulo

Izinkolo eziningi zifundisa ukuthi wonke umuntu unomphefumulo odlulela endaweni yomoya ngemva kokufa komzimba oyinyama. Zithi umzimba uyafa kodwa umphefumulo awufi. Ngaphezu kwalokho, zigomela ngokuthi umphefumulo akunakwenzeka ufe, zithi awunakufa nhlobo.

Kodwa iZwi likaNkulunkulu alikufundisi lokho. IBhayibheli libonisa ukuthi umphefumulo ungumuntu, hhayi okuthile okungaphakathi kumuntu. Ngokwesibonelo, lapho lichaza ukudalwa kuka-Adamu, iBhayibheli lithi: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7) Ngakho uAdamu akanikezwanga umphefumulo; wayengumphefumulo.

Nezilwane zibizwa ngokuthi imiphefumulo.—Genesise 1:20, 21, 24, 30, qhathanisa neNW.

Njengoba igama elisetshenziswa yiBhayibheli elithi “umphefumulo” lisho umuntu ngokwakhe, akufanele kusimangalise ukwazi ukuthi imiphefumulo ingafa nokuthi iyafa. ImiBhalo ithi:

  • “Umphefumulo owonayo uyakufa.”—Hezekeli 18:4.

  • “Athi amadoda kuye: Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu.”—Joshuwa 2:14.

  • “Bahlosa ukubulala umphefumulo wami.”—IHubo 31:13.

IBhayibheli libonisa ukuthi umphefumulo awuwona ongafi

Eminye imibhalo ibonisa ukuthi imiphefumulo ingabhujiswa (Genesise 17:14NW), ingabulawa ngenkemba (Joshuwa 10:37, NW), ingaklinywa (Jobe 7:15), futhi ingaminziswa (Jona 2:5, NW). Ngakho, umphefumulo uyafa.

Uma ulifunda lonke iBhayibheli, ngeke uwathole amazwi athi “umphefumulo ongafi.” Umphefumulo womuntu awuwona umoya. Imfundiso yomphefumulo ongafi ayiyona imfundiso yeBhayibheli. Iyimfundiso kaSathane namademoni akhe. UJehova uyawazonda wonke amanga enkolo.—IzAga 6:16-19; 1 Thimothewu 4:1, 2.

Abantu Abasebenzelana Nemimoya

Eqinisweni amademoni azenza sengathi ayimimoya yabafileyo

Enye indlela uSathane adukisa ngayo abantu iwukusebenzisa abantu abasebenzelana nemimoya. Umuntu osebenzelana nemimoya umuntu okwazi ukuthola izigijimi ezivela ezweni lomoya ngokuqondile. Abantu abaningi kakhulu, kuhlanganise nalabo abasebenzelana nemimoya, bakholelwa ukuthi lezigijimi zivela emimoyeni yabafileyo. Kodwa njengoba sesibonile eBhayibhelini, lokhu akunakwenzeka.—UmShumayeli 9:5, 6, 10.

Khona-ke, zivela kobani lezigijimi? Kuwo kanye amademoni! Amademoni ayakwazi ukuqaphela umuntu lapho esaphila; ayazi ukuthi lomuntu wayekhuluma kanjani, ukuthi wayebukeka kanjani, ukuthi wayenzani, nokuthi yini ayeyazi. Ngakho kulula ngawo ukuba alingise abantu abaye bafa.—1 Samuweli 28:3-19.

Izindaba Ezingamanga

Enye indlela uSathane akhuthaza ngayo amanga ngabafileyo iwukusebenzisa izindaba ezingamanga. Izindaba ezinjalo ngokuvamile zichezukisa abantu eqinisweni leBhayibheli.—2 Thimothewu 4:4.

Abanye bacabanga ukuthi baye babona abantu ababuya kwabafileyo

EAfrika kunezinganekwane eziningi ezikhuluma ngabantu abaye babonakala bephila ngemva kokuba befile. Ngokuvamile, izinto ezinjalo zibonakala kude nalapho umuntu ayehlala khona. Kodwa zibuze: ‘Ingabe kubonakala kunengqondo ukuthi ukuba umuntu ubenamandla okubuya kwabafileyo, ubengabuyela endaweni ekude kakhulu nomkhaya wakhe nabangane?’

Futhi, akunakuba yini ukuthi lowomuntu obonakele umane nje ufana nalowomuntu owashona? Ngokwesibonelo, izikhonzi ezimbili ezingamaKristu ezazishumayela endaweni ethile yezwe zabona ikhehla elithile elalilokhu lizilandela amahora athile. Lapho zilibuza, zathola ukuthi lelikhehla lalicabanga ukuthi esinye salezikhonzi sasingumfowabo owayeshone eminyakeni ethile ngaphambili. Yiqiniso, lalenza iphutha, kodwa lenqaba ukukukholelwa ukuthi lenza iphutha. Cabanga ngendaba lelikhehla kamuva elayixoxela abangane balo nomakhelwane!

Imibono, Amaphupho, Namazwi

Amademoni adukisa ngamaphupho, ngemibono, nangamazwi

Ngokungangabazeki uke wezwa ngezinto ezimangalisayo abantu abaye bazibona, bazizwa, noma baziphupha. Okuhlangenwe nakho okunjalo okungaphezu kokuvamile ngokuvamile kuyabethusa labo ababa nakho. UMarein, owayehlala eNtshonalanga Afrika, wayevame ukuzwa izwi likagogo wakhe owashona limbiza ebusuku. Ethukile, uMarein wayememeza, avuse bonke abakubo. Ekugcineni, wahlanya.

Manje, uma abafileyo bebephila ngempela, ingabe kunengqondo ukuthi bebengethusa abathandekayo babo? Ngokuqinisekile akunjalo. Imithombo yalezozigijimi ezilimazayo ingamademoni.

Kodwa kuthiwani ngezigijimi ezibonakala ziwusizo futhi ziduduza? Ngokwesibonelo, uGbassay, waseSierra Leone, wayegula. Waphupha ebona uyise owayeseshonile. Wamyala ukuba aye emthini othile, athathe iqabunga, alixube namanzi, abese ephuza. Kwakungamelwe akhulume namuntu ngaphambi kokuba akwenze. Wakwenza lokhu futhi waba ngcono.

Owesifazane othile wathi umyeni wakhe wabonakala kuye ngobunye ubusuku ngemva kokuba eseshonile. Wathi wabonakala emuhle kakhulu futhi egqoke izingubo ezinhle.

Izigijimi ezinjalo nemibono kubonakala kukuhle futhi kuwusizo. Ingabe kuvela kuNkulunkulu? Cha, akuveli kuye. UJehova ‘unguNkulunkulu weqiniso.’ (IHubo 31:5, NW) Akasoze asiphambe noma asikhohlise. Amademoni kuphela enza lokho.

Kodwa ingabe akhona amademoni alungileyo? Cha. Ngisho noma ngezinye izikhathi engase ebonakale ewusizo, mabi wonke. Lapho uDeveli ekhuluma noEva, wabonakala enobungane. (Genesise 3:1) Kodwa waba yini umphumela kuEva ngemva kokuba emlalelile futhi wenza lokho ayekusho? Wafa.

USathane wathi uEva wayengeke afe. UEva wamkholelwa, kodwa ekugcineni wafa

Uyazi ukuthi akukhona okungavamile ukuba umuntu omubi abe nobungane kulabo afuna ukubakhohlisa nokubaphamba. Isaga saseAfrika sithi: “Imbulu ekhala ngamayiko amabili.” Futhi iZwi likaNkulunkulu lithi: “USathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.”—2 Korinte 11:14.

UNkulunkulu akasathintani nabantu emhlabeni ngamaphupho, imibono, noma amazwi avela ezweni lomoya. Ubaqondisa futhi abafundise ngeBhayibheli, elingenza umuntu ‘ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’—2 Thimothewu 3:17NW.

Ngakho, lapho uJehova esixwayisa ngamacebo kaDeveli, lokho ukwenza ngoba esithanda. Uyazi ukuthi amademoni ayizitha eziyingozi.