Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amademoni Akhuthaza Ukuhlubuka KuNkulunkulu

Amademoni Akhuthaza Ukuhlubuka KuNkulunkulu

Amanye amasiko asekelwe emangeni okuthi abafileyo bayakwazi ukusibona

Kodwa kungani uSathane namademoni akhe besebenza kanzima kangaka ukuze bakhohlise abantu? Kungoba bafuna sihlanganyele nabo ekuhlubukeni kwabo. Bafuna sibakhulekele. Bafuna siwakholelwe amanga abo futhi senze izinto uJehova angazithandi. Eminingi yalemikhuba ihilela amasiko aphathelene nabafileyo.

Ukufa kothandekayo kungokuhlangenwe nakho okubuhlungu ngokomzwelo, futhi kuyinto evamile nefanelekile ukubonisa ukudabuka. Ngemva kokushona komngane wakhe uLazaru, uJesu “wakhala izinyembezi.”—Johane 11:35.

Kunamasiko amaningi ahlobene nokufa, futhi lawa ayahlukahluka emhlabeni wonke. Amaningi awaphikisani nezimiso zeBhayibheli. Nokho, eminye imikhuba isekelwe embonweni wokuthi abafileyo bayaphila futhi bayakwazi ukubabona abaphilayo. Imilindelo, ukulila okungalawulwa, kanye nezinkonzo zemingcwabo ezinemicikilisho konke kusekelwe ekwesabeni ukudumaza imimoya yabafileyo. Kodwa njengoba abafileyo ‘bengazi lutho,’ labo abenza izinto ezinjalo bakhuthaza amanga kaSathane.—UmShumayeli 9:5.

Amanye amasiko asekelwe emangeni okuthi abafileyo badinga usizo lwethu

Amanye amasiko noma izinkonzo avela enkolelweni yokuthi abafileyo badinga usizo kwabaphilayo futhi bayobalimaza abaphilayo uma bengashwelezi kubo. Kwamanye amazwe imikhosi nemihlatshelo yenziwa ngemva kwezinsuku ezingu-40 noma unyaka umuntu ashona. Lokhu kucatshangwa ukuthi kusiza umufi ukuba ‘awelele’ endaweni yomoya. Omunye umkhuba ovamile uwukunikeza abafileyo ukudla neziphuzo.

Lezizinto azilungile ngoba zikhuthaza amanga kaSathane ngabafileyo. Ingabe uJehova angakuthanda ukuba kwethu nengxenye emasikweni asekelwe ezimfundisweni zamademoni? Lutho neze!—2 Korinte 6:14-18.

Izinceku zikaNkulunkulu weqiniso azihlanganyeli nganoma iyiphi indlela emikhubeni esekela amanga kaSathane. Kunalokho, ngothando zigxila ekusizeni nasekududuzeni abaphilayo. Ziyazi ukuthi lapho umuntu eseshonile, uJehova kuphela ongasiza lowomuntu.—Jobe 14:14, 15.

UNkulunkulu Uyakulahla Ukusebenzisa Imimoya

Abanye abantu bathintana namademoni ngokuqondile noma ngomuntu osebenzelana nemimoya. Lokhu kubizwa ngokuthi ukusebenzisa imimoya. Ukulumba, ubuthakathi, umlingo, ukubikezela inhlanhla nokubuza ngabafileyo konke kuyizinhlobo zokusebenzisa imimoya.

UNkulunkulu umelene nalezizinto ezimbi. Ufuna ukuzinikela okuphelele kuye.—Eksodusi 20:5

IBhayibheli liyazilahla lezizinto, lithi: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.”—Duteronomi 18:10-12.

Kungani uJehova esixwayisa ngokuqine kangaka ngalemikhuba?

Ngenxa yenhlala-kahle yethu siqu, uJehova usixwayisa ngazo zonke izinhlobo zokusebenzisa imimoya. Uyabathanda futhi uyabanakekela abantu, futhi uyazi ukuthi labo abathintana namademoni kumelwe bahlupheke nakanjani.

Omunye umuntu onjalo kwakunguNilda, owayengumuntu osebenzelana nemimoya eBrazil. Amademoni enza ukuphila kwakhe kwaba lusizi. Uyalandisa: “Imimoya . . . yayingibusa, ingiyala. Ngangiphaphama ngibuye ngiquleke, futhi nganginezinkinga zokungasebenzi kahle kwengqondo. Amademoni angishushisa kakhulu kangangokuthi imizwa yami yathinteka. Ngangisebenzisa imilaliso futhi ngaqala ukuphuza utshwala futhi ngabhema njalo. Lokhu kwaqhubeka iminyaka eminingi.”

Labo abasebenzisa imimoya ngokuvamile bayahlupheka. Bangalahlekelwa amakhaya abo, inkululeko yabo, ngisho nokuphila kwabo

Ngokuhamba kwesikhathi, ngosizo lukaJehova noFakazi bakhe emhlabeni, uNilda wagqashula ethonyeni lamademoni futhi manje usephila ukuphila okunenjongo nokunempilo. Uthi: “Ngikhuthaza bonke ukuba bangalokothi, ngisho nakanye, bathintane nemimoya [emibi].”