Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ikusasa Elimangalisayo

Ikusasa Elimangalisayo

Ngokushesha uSathane namademoni bazoyekiswa ukusebenza

USathane namademoni akhe ngeke besasikhohlisa isikhathi eside isintu. UJehova kakade useye wabaxosha ezulwini. (IsAmbulo 12:9) Esikhathini esizayo esingekude, uNkulunkulu uzophinda futhi athathe isinyathelo ngokumelene noSathane namademoni akhe. Embonweni ovela kuNkulunkulu, umphostoli uJohane wathi: “Ngase ngibona ingelosi yehla ezulwini, iphethe isihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu ngesandla sayo. Yambamba udrako, inyoka endala, onguMhlebi noSathane, yambopha iminyaka eyinkulungwane, yamphonsa-ke kwalasha, yamvalela phakathi, yamqinisa ngophawu ngaphezu kwakhe, ukuze angabe esadukisa izizwe, ize iphele iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:1-3) Kamuva, uDeveli namademoni akhe bayobhujiswa phakade.—IsAmbulo 20:10.

Abantu ababi emhlabeni nabo bayobhujiswa.—IHubo 37:9, 10; Luka 13:5.

Abafileyo Bayophinde Baphile!

Abafileyo bayobuye baphile emhlabeni

Ngemva kokuba uSathane namademoni bengasekho, uJehova uyolethela isintu izibusiso eziningi. Uzokhumbula ukuthi abafileyo abaphili, abekho. UJesu wafanisa ukufa nokulala—ubuthongo obukhulu obungenamaphupho. (Johane 11:11-14) Lokho wakwenza ngoba wayazi ukuthi kwakuyofika isikhathi lapho abalele ekufeni beyovuselwa ekuphileni. Wathi: “Isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni . . . [beyophuma].”—Johane 5:28, 29; qhathanisa nezEnzo 24:15.

Bayobuyiselwa ekuphileni lapha emhlabeni. Esikhundleni sezaziso zokuthi abantu bafile, imibiko ejabulisayo iyolandisa ngabaye babuyiselwa ekuphileni! Yeka injabulo okuyoba yiyo ukwamukela abathandekayo bebuyile emathuneni!