Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izigidi Zezidalwa Zomoya

Izigidi Zezidalwa Zomoya

IBhayibheli lisitshela ukuthi kunabantu abaningi bomoya. UJehova ngokwakhe ungumoya.—Johane 4:24; 2 Korinte 3:17, 18.

Esikhathini esithile uJehova wayeyedwa endaweni yonke. Wabe eseqala ukudala abantu bomoya ababizwa ngokuthi izingelosi. Banamandla futhi bahlakaniphe ngaphezu kwabantu. UJehova wadala izingelosi eziningi; inceku kaNkulunkulu uDaniyeli, embonweni, yabona izingelosi eziyizigidi eziyikhulu.—Daniyeli 7:10; Heberu 1:7.

Lezingelosi zadalwa uNkulunkulu ngisho nangaphambi kokuba adale umhlaba. (Jobe 38:4-7) Azikho kuzona ezingabantu abake baphila emhlabeni base befa.

UMoya omkhulu, uJehova, wadala izigidi zabantu bomoya