Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Khonza UJehova, Hhayi USathane

Khonza UJehova, Hhayi USathane

Sonke kumelwe sikhethe. Kuphakathi kokuthi sikhonza uJehova noma sikhonza uSathane namademoni akhe. Asinakukwenza kokubili. Yeka indlela okuhlakaniphe ngayo ukukhonza uJehova!

UJehova Muhle

Njengoba sesibonile, amademoni ayakujabulela ukulimaza nokukhohlisa abantu. UJehova akanjalo. Uyasithanda isintu njengoba ubaba ethanda abantwana bakhe. UnguMniki ‘wezipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo.’ (Jakobe 1:17) Akasigodleli lutho oluhle isintu, ngisho nakuba kusho ukulahlekelwa okukhulu ngaye.—Efesu 2:4-7.

UJesu, iNdodana kaNkulunkulu, wabonisa uthando ngabantu ngokwelapha ukugula kwabo

Cabanga ngezinto uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, azenza emhlabeni. Wenza ukuba izimungulu zikhulume futhi wavula amehlo ezimpumputhe. Welapha abanochoko nabantu abayizishosha. Wakhipha amademoni futhi welapha zonke izinhlobo zokugula. UJesu, ngamandla kaNkulunkulu, wavusela ngisho nabafileyo ekuphileni.—Mathewu 9:32-35; 15:30, 31; Luka 7:11-15.

Esikhundleni sokukhuluma amanga ukuze asidukise, uNkulunkulu njalo ukhuluma iqiniso. Akakhohlisi muntu nanini.—Numeri 23:19.

Gwema Imikhuba Engcolile

Njengoba nje ulwembu luyibamba luyithi ngqí impukane, izigidi zabantu zibanjwe ngqí yizinkolelo-ze namanga. Zesaba abafileyo. Zesaba amademoni. Zikhathazeka ngeziqalekiso, amabika okubi, iziphonso, nezintelezi. Ziboshwe yizinkolelo namasiko asekelwe emangeni kaSathane uDeveli. Izinceku zikaNkulunkulu azibanjiwe yinoma iyiphi yalezinto.

UJehova unamandla kakhulu kunoSathane. Uma ukhonza uJehova, uyokuvikela emademonini. (Jakobe 4:7) Iziphonso ngeke zisebenze kuwe. Ngokwesibonelo, eNigeria, izangoma ezintathu ezinamandla zenza iziphonso zokubulala uFakazi kaJehova owanqaba ukuhamba kulelodolobha. Lapho leziziphonso zihluleka, esinye salezizangoma sesaba, saya kuloFakazi, futhi sacela uxolo.

Abase-Efesu bashisa izincwadi zabo zemilingo

Uma amademoni ekuhlukumeza, ungabiza uJehova ngegama futhi uyokuvikela. (IzAga 18:10) Kodwa ukuze uthole isivikelo sikaNkulunkulu, kumelwe ugqashule ngokuphelele kuyo yonke into ehlobene nokusebenzisa imimoya nokukhulekelwa kwamademoni. Abakhulekeli bakaNkulunkulu base-Efesu yasendulo benza kanjalo. Babuthela ndawonye zonke izincwadi zabo zemilingo futhi bazishisa. (IzEnzo 19:19, 20) Izinceku zikaNkulunkulu namuhla kumelwe zenze okufanayo. Lahla izigqizo zokuzivikela, iziphandla, imichilo “yokuzivikela,” izithixo, izincwadi zemilingo, nanoma yini ehlobene nemikhuba yokusebenzisa imimoya.

Qhuba Ukukhulekela Kweqiniso

Uma ufuna ukujabulisa uNkulunkulu, akwanele nje ukumane ulahle ukukhulekela kwamanga nokuyeka ukwenza izinto ezimbi. Kumelwe uqhube ukukhulekela okuhlanzekile ngenkuthalo. IBhayibheli libonisa lokho okufunekayo:

Yiba khona emihlanganweni yobuKristu.—Heberu 10:24, 25

Tadisha iBhayibheli.—Johane 17:3

Shumayela kwabanye.—Mathewu 24:14

Thandaza kuJehova.—Filipi 4:6, 7

Bhapathizwa.—IzEnzo 2:41

Hlanganyela NoFakazi BakaJehova

USathane namademoni banabantu emhlabeni abafundisa nabenza izinto ezingalungile. Kodwa noJehova unabantu bakhe. BangoFakazi BakaJehova. (Isaya 43:10) Emhlabeni wonke, kunoFakazi abangaphezu kwezigidi eziyisithupha. Bonke bazama kanzima ukwenza izinto ezilungileyo nokufundisa abantu iqiniso. Emazweni amaningi, ungabathola emaHholo oMbuso, lapho beyokwamukela khona ngokufudumele.

Umsebenzi wabo uwukusiza abanye ukuba bakhonze uNkulunkulu. Bayotadisha nawe iBhayibheli ekhaya lakho, bekusiza ukuba ufunde ukuthi ungamkhulekela kanjani uJehova ngendlela efanele. Akudingeki ukuba ukukhokhele lokhu. OFakazi bayakujabulela ukufundisa iqiniso ngoba bayabathanda abantu futhi bayamthanda uJehova uNkulunkulu.

OFakazi BakaJehova bayokusiza ukuba ukhonze uNkulunkulu