Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imimoya Ayizange Iphile Emhlabeni Yase Ifa

Imimoya Ayizange Iphile Emhlabeni Yase Ifa

Imimoya ikhona! Endaweni yomoya engabonakali, kunemimoya emihle nemibi. Ingabe ingabantu abaye baphila emhlabeni base befa?

Cha, ayibona. Lapho umuntu efa, akadluleli ezweni lomoya, njengoba abantu abaningi becabanga. Sikwazi kanjani lokhu? Ngoba iBhayibheli lisho njalo. IBhayibheli liyincwadi yeqiniso evela kowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, ogama lakhe linguJehova. UJehova wadala abantu; ukwazi kahle okwenzekayo kubo lapho befa.—IHubo 83:18; 2 Thimothewu 3:16.

UAdamu wavela emhlabathini, waphindela emhlabathini

IBhayibheli lithi uNkulunkulu wenza uAdamu, umuntu wokuqala, “ngomhlabathi.” (Genesise 2:7) UNkulunkulu wambeka ePharadesi, insimu yaseEdene. Ukuba uAdamu wayelalele umthetho kaJehova, wayengeke afe; ngabe usaphila nanamuhla emhlabeni. Kodwa lapho uAdamu ewuphula ngamabomu umthetho kaNkulunkulu, uNkulunkulu wathi kuye: “[Uzobuyela] emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”—Genesise 3:19.

Kusho ukuthini lokhu? Wayekuphi uAdamu ngaphambi kokuba uJehova amdale ngomhlabathi? Wayengaphili ndawo. Wayengewona umoya owawungakazalwa ezulwini. Wayengekho. Ngakho lapho uJehova ethi uAdamu ‘wayezobuyela emhlabathini,’ wayesho ukuthi uAdamu wayezofa. Akazange awelele endaweni yomoya. Lapho efa, uAdamu waphinda waba ongaphili, ongekho. Ukufa kuwukungabi bikho kokuphila.

Kodwa kuthiwani ngabanye abaye bafa? Ingabe nabo abekho? IBhayibheli liyaphendula:

  • “Konke [kokubili abantu nezilwane] kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.”—UmShumayeli 3:20.

  • “Abafileyo abazi-lutho.”—UmShumayeli 9:5.

  • “Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile.”—UmShumayeli 9:6.

  • “Akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo [ethuneni], lapho uya khona.”—UmShumayeli 9:10.

  • “[Umuntu] abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.”—IHubo 146:4.

Abaphilayo kuphela abangenza lezizinto

Ingabe ukuthola kunzima ukwamukela lemibhalo? Uma kunjalo, cabanga ngalokhu: Emikhayeni eminingi, indoda ithola imali ukuze yondle abendlu yayo. Lapho indoda ifa, umkhaya wayo ngokuvamile ubhekana nobunzima. Ngezinye izikhathi umkayo nabantwana baswela ngisho nemali eyanele yokuthenga ukudla. Mhlawumbe izitha zalendoda zibaphatha kabi. Manje zibuze: ‘Uma leyondoda iphila ezweni lemimoya, kungani ingaqhubeki inakekela umkhaya wayo? Kungani ingavikeli umkhaya wayo kubantu ababi?’ Kungenxa yokuthi imibhalo iqinisile. Leyondoda ayiphili, ayikwazi kwenza lutho.—IHubo 115:17.

Abafileyo abanakubasiza abalambile noma bavikele izisulu ekuphathweni kabi

Ingabe lokhu kusho ukuthi abafileyo ngeke baphinde baphile? Cha, akunjalo. Sizobuye sikhulume ngovuko. Kodwa kusho ukuthi abantu abafileyo abakwazi okwenzayo. Abanakukubona, bakuzwe, noma bakhulume nawe. Akudingeki ubesabe. Abanakukusiza, futhi abanakukulimaza.—UmShumayeli 9:4; Isaya 26:14.