Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umhlaba Oyipharadesi

Umhlaba Oyipharadesi

UJehova uyobuqeda ngokuphelele bonke ububi uSathane abenzile. UJehova uye wenza uJesu waba iNkosi phezu kwawo wonke umhlaba. Ngaphansi kokubusa kwakhe, umhlaba uyokwenziwa ipharadesi.—Daniyeli 7:13, 14; Luka 23:43.

UJehova uthembisa lezizinto:

  • INALA YOKUDLA: “Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.” “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.”—IHubo 67:6; 72:16.

  • IMPI NGEKE ISABA KHONA: “Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 46:8, 9.

  • ABANTU ABABI NGEKE BABE KHONA: “Ngokuba ababi bazakuchithwa, . . . Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.”—IHubo 37:9, 10.

  • NGEKE KUBE KHONA UKUGULA, USIZI, NOMA UKUFA: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 35:5, 6.

    “Yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Ngokungafani noSathane namademoni, uJehova akalokothi aqambe amanga. Konke akwethembisayo kumelwe kugcwaliseke. (Luka 1:36, 37) UJehova uyakuthanda futhi ufuna ukuba uphile ePharadesi azolenza. Ngakho thintana noFakazi BakaJehova ukuze ufunde okwengeziwe ngalamaqiniso amangalisayo atholakala eZwini likaNkulunkulu. Uma usebenzisa iqiniso ekuphileni kwakho, uyokhululeka ebugqilini bamanga, bokukholelwa ezeni, nobokungazi. Ngokuhamba kwasikhathi, uyokhululeka ngisho nasebugqilini besono nokufa. Njengoba uJesu asho: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”—Johane 8:32.