Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Ama-video Opopayi Athinta Izinhliziyo Zabalungile

Ama-video Opopayi Athinta Izinhliziyo Zabalungile

Usaziwa emhlabeni wonke uKhwezi umfana omncane odlala kuma-video awuchungechunge athi Yiba Umngane KaJehova atholakala kuyi-jw.org. I-video yokuqala yalo mfana oyisilomo isihunyushelwe ezilimini ezingaphezu kuka-130, futhi kufike inqwaba yezincwadi ezikhuluma ngalolu chungechunge lwama-video.

Intombazanyana eneminyaka engu-11 nodadewabo oneminyaka engu-8 babhala incwadi ethi: “Sithanda ukunikelela umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke. Sikhulise izinkomo ezimbili sazidayisa ukuze sithole le mali. Amagama azo kwakuwuBig Red no-Earl. Sifuna ukuninika le mali ukuze nikwazi ukwenza ama-video  amaningi athi Yiba Umngane KaJehova. Sicabange ukuthi kungakuhle uKhwezi athole udadewabo omncane ukuze sibone ukuthi uzokwenzenjani uma engaseyena umagcino. I-video kaKhwezi iyintandokazi yethu!”

Izingane eziningi ziye zayibamba ngekhanda yonke le video, kuhlanganise nengoma ngisho namazwi olandisayo. Omunye udade wathi ebandleni labo elinabamemezeli abayikhulu kunezingane ezingamashumi amane, iningi lazo lineminyaka engaphansi kweyishumi. Ngolunye usuku wayehlezi ezihlalweni ezingaphambili lapho kuphethwa ngokucula ingoma-120. Wakhala lapho ezwa zonke izingane zicula ingoma ezithi ngeyazo ngomdlandla omkhulu.

Omunye ugogo walandisa ukuthi ngemva kokuba umzukulu wakhe eyibukele kabili le video wathi: “Kumelwe ngiqoqe ekamelweni lami ukuze amathoyizi ami angakhubi muntu amlimaze.” Wayezimisele kangangokuba wathi uyoze adle ngemva kokuqoqa.

Emaphandleni aseNingizimu Afrika, izinkumbi zezingane zaziphuma zingena nsuku zonke emzini kaFakazi. Abanye abantu babecabanga ukuthi yingoba kudayiswa uswidi kulo muzi. Nokho, izingane zakuleyo ndawo zazimenywe ezinye izingane ukuba ziyobukela i-video yopopayi ethi Lalela, Ubusiswe ngolimi lwazo—isiXhosa. Ngolunye usuku kwakukhona izingane ezingu-11 futhi zonke zayibamba ngekhanda yonke ingoma.

E-Ecuador abafana ababili bezwe abakhuluma isiQuichua, u-Isaac oneminyaka engu-8, noSaul, umfowabo oneminyaka engu-5, babebeka imali ukuze bathenge  amathoyizi anjengezibhamu, izinkemba nokunye. Langa limbe unina wathi abacoce ikamelo labo, bafake amathoyizi abo ebhokisini bese belifaka ngaphansi kombhede. Kamuva laba bafana baphiwa iDVD ethi Lalela, Ubusiswe, base beyibukela ndawonye. Ngemva kwesonto, ngesikhathi unina ecoca indlu, wabona ukuthi kuleli bhokisi elingaphansi kombhede kwase kunethoyizi elilodwa, imoto. Wathi kubafana bakhe: “Aphi amathoyizi enu?” Bathi: “UJehova akawathandi lawo mathoyizi, ngakho siwatshingile.” Manje uma ezinye izingane zomakhelwane zidlala ngamathoyizi akhuthaza ubudlova, u-Isaac uyazitshela: “Hey nina, musani ukudlala ngalelo thoyizi. UJehova akalithandi!”

ECroatia: Izingoma zoMbuso zithinta izinhliziyo zabancane