Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Umbukiso Ojabulisayo Wezenzakalo Ezidllule Nezamanje

Umbukiso Ojabulisayo Wezenzakalo Ezidllule Nezamanje

Ngo-October 2012 kwavulwa umbukiso omusha womlando woFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Uyazihambela wena uzibukele wona lo mbukiso. Uqokomisa ubunzima nezingozi ababhekana nako abantu ababefuna ukwenza ubuKristu ngendlela uJesu abufundisa ngayo.

Ngesonto lokuqala lilodwa nje, izivakashi namalungu omkhaya waseBethel angu-4 200 zawuvakashela lo mbukiso. UNaomi onguFakazi ohlala eduze kwalapho ukhona waya mhla uvulwa. Wathi: “Uhlelo lokulandelana kwezikhathi lwangisiza ngaqonda ukuthi izinto zenzeka nini nokuthi kungani zenzeka. Ngafunda okuningi ngenhlangano yethu nomlando wayo wanamuhla.”

 Lolu hambo luqala ngenkathi yobuKristu ngo-33 C.E., luqhubeke kuze kube manje. Umbukiso uhlukaniswe izingxenye ezine. Ingxenye ngayinye inesihloko esisekelwe emBhalweni, futhi yethulwa yi-video emfushane yesiNgisi, bese kuba namagama achazayo ngezilimi ezingu-7.

Isihloko sengxenye yokuqala ethi “Abantu Baye Bathanda Ubumnyama,” sisekelwe emazwini kaJesu akuJohane 3:19. IBhayibheli labikezela ukuthi ngemva kokufa kwabaphostoli, ‘kwakuzovela’ amadoda amabi “akhulume izinto ezisontekile.” (IzE. 20:30) Labo ababephikisana nalokho babejeziswa kabuhlungu.

Ngokuphambene nalokho, ingxenye elandelayo ethi “Ukukhanya Makukhanye,” esekelwe kweyesi-2 Korinte 4:6, iqhubeka nohlelo lokulandelana kwezikhathi, yona  isuka ekupheleni kwawo-1800 ngesikhathi abafundi beBhayibheli beqala ukutadisha imiBhalo kabusha. Bazilahla izinkolelo ezingekho eBhayibhelini abase benesikhathi eside bezikholelwa futhi ngesibindi bashumayela amaqiniso akhanyisela abantu. Le ngxenye ikhuluma ngokwanda kolwazi lwabo namanani abo ngaphambi kweMpi Yezwe I.

Egumbini elilandelayo kunento eyenziwa oFakazi BakaJehova esabadida kwabona kuze kube namuhla. Ngo-1914 abaFundi BeBhayibheli (njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo) baqala ukubukisa i-“Photo Drama of Creation.” Izigidi zayibukela le filimu eyayihlanganisa izithombe ezinyakazayo nezinganyakazi nomsindo. Phakathi kwezinto ezisembukisweni kunezithombe zakudala, isethulo esifushane nama-slide anombala angaphezu kuka-500.

 Ukushushisa kukaSathane abalandeli bakaKristu, okuchazwe encwadini yesAmbulo 12:17, kuyisihloko sengxenye yesithathu ethi “USathane Wagcwala Ulaka.” Kule ngxenye kuqokonyiswa ukungathathi hlangothi kwamaKristu ngezikhathi zempi. Okwenezela embukisweni wezinto ezingamagugu nezithombe yi-video emfushane ebonisa ukuphoqwa kwabantu ababenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza, njengoRemigio Cuminetti wase-Italy, owenqaba ukugqoka umfaniswano wezempi noma ukuyolwa eMpini Yezwe I. Enye i-video ikhuluma ngo-Alois Moser wase-Austria. Wenqaba ukuthi “Heil Hitler,” ngenxa yalokho waxoshwa emsebenzini, ekugcineni wayiswa ekamu lokuhlushwa eDachau. Kunomfanekiso obonisa isitokisi esikhanya kalufifi bese kulandela izithombe ezibonisa oFakazi BakaJehova beboshelwa ukholo lwabo eGreece, eJapane, ePoland, ezweni elaliyiYugoslavia nakwezinye izindawo.

Ingxenye yokugcina ethi “Izindaba Ezinhle Zazo Zonke Izizwe” isekelwe encwadini yesAmbulo 14:6. Ikhulumela umsebenzi woFakazi BakaJehova kula mashumi eminyaka amuva. Ukwanda kwabo ngokushesha, ukuphikelela kwabo beshumayela nothando lwabo konke kubonakala ezithombeni ezisodongeni. Okokugcina, emagumbini alandelanayo izivakashi zingabuka iBible House neBrooklyn Tabernacle, izindawo ezazisetshenziswa oFakazi BakaJehova eminyakeni engaphezu kwekhulu edlule.

Lo mbukiso use-25 Columbia Heights eBrooklyn, eNew York. Kuvulwa ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu ngo–8:00 ekuseni kuya ku–5:00 ntambama futhi kungenwa mahhala. Uma useNew York City, ungeza uzobukela lo mbukiso ojabulisayo wezenzakalo ezidlule nezamanje.