Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIERRA LEONE NEGUINEA

Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeSierra Leone NeGuinea

Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeSierra Leone NeGuinea

Izwe Womabili la mazwe anamaxhaphozi agudle ugu, izinkangala, amathafa alinyiwe nezintaba ezinde ezimaphakathi nezwe. EGuinea kunesizalo semifula emikhulu emithathu yaseNtshonalanga Afrika—iGambia, iNiger neSenegal.

Abantu AmaMende namaTemne ayizizwe zendabuko ezinkulu kunazo zonke kwezingu-18 eSierra Leone. AmaKrio—isizukulwane sezigqila zase-Afrika ezakhululwa—ahlala ikakhulu eFreetown. EGuinea kunezizwe zendabuko ezingaphezu kuka-30, ezinkulu kunazo zonke amaFulani, amaMandingo namaSusu. *

 Inkolo Cishe amaphesenti angu-60 abantu baseSierra Leone bangamaSulumane; abanye bathi bangamaKristu. Amaphesenti acishe abe ngu-90 abantu baseGuinea angamaSulumane. Iningi labantu kuwo womabili la mazwe lisezinkolweni zendabuko zase-Afrika.

Ulimi Isizwe ngasinye sinolimi lwaso. Ulimi oluyinhloko eSierra Leone isiKrio—inhlanganisela yesiNgisi nezilimi zaseYurophu nezase-Afrika. Ulimi olusemthethweni eGuinea isiFulentshi. Cishe abantu abangamaphesenti angu-60 ezweni ngalinye abafundile.

Indlela yokuziphilisa Iningi labantu liyalima ukuze lithole ukudla. Cishe isigamu semali engena eSierra Leone bayithola ngokuthumela amadayimane kwamanye amazwe. EGuinea kumbiwa into ebizwa ngokuthi i-bauxite okutholakala kuyo i-aluminum.

Ukudla Abantu bavame ukuthi “Uma ngingakalidli ilayisi, ngisuke ngingakadli!” I-fufu, umdumbula obilisiwe owenziwe inhlama, ivame ukudliwa nenyama, nomfino okuthiwa i-okra nesosi emuncu.

Isimo sezulu Kuyashisa futhi kunomoya onomswakama ngasogwini. Kupholile ezinkangala. Ngenkathi elingani ngayo, i-harmattan, umoya oshisayo nowomile waseSahara, ivunguza ivunguzile, yenze kubande futhi yemboze le ndawo ngezintuli.

^ isig. 4 Ezinye izizwe zaziwa ngamagama amaningi.

 

ISIERRA LEONE

IGUINEA

IZWE (Amakhilomitha-skwele)

71 740

245 857

INANI LABANTU

6 092 000

11 745 00

ABAMEMEZELI NGO-2013

2 039

748

ISILINGANISO, UMMEMEZELI OYEDWA KUBANTU ABANGU-

2 988

15 702

ABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI NGO-2013

8 297

3 609