Ukushumayela Nokufundisa Emhlabeni Wonke
EMHLABENI WONKE
INANI LAMAZWE 239
INANI LABAMEMEZELI 7 965 954
INGQIKITHI YAMAHORA ASENSIMINI 1 841 180 235
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 9 254 963
KULE NGXENYE
I-Afrika
E-Afrika, abantu bamukela iqiniso leBhayibheli, futhi linethonya elinamandIa ekuphileni kwabo. Funda ngesidakwa esasibhema ogwayi abangu-60 ngosuku.
Amazwekazi AseMelika
Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa ukuthi ukusiza abantu ngezindlela ezingokoqobo nokuxoxa nabo ngeqiniso leBhayibheli naphezu kokuphikiswa kungaba nemiphumela emihle.
E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi
Ukuphikelela emsebenzini wokushumayela kunomvuzo. Funda ngomzamo owenziwa ukuze kusizwe indoda eyimpumputhe, eyisithulu neyisimungulu ukuba iqonde ukuthi uNkulunkulu uyayikhathalela.
EYurophu
Ukucwaswa kubangelwa ukungabi nolwazi oluyiqiniso. Funda indlela uhlelo lomsakazo olwaqeda ngayo ukucwaswa koFakazi BakaJehova.
E-Oceania
Ukubhala izincwadi enye yezindlela yokusakaza iqiniso leBhayibheli eChristchurch, eNew Zealand. Kungani abanye bebiza lezi zincwadi ngokuthi “Izincwadi ezivela kuNkulunkulu?”