Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA EMHLABENI WONKE

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi
  • INANI LAMAZWE 47

  • INANI LABANTU 4 282 178 221

  • INANI LABAMEMEZELI 674 011

  • INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 672 318

Indoda Eyimpumputhe, Eyisithulu Neyisimungulu Ithola Usizo

Ngo-1999, ibandla lolimi lwezandla eKobe, eJapane, lezwa ngendoda eyisithulu okuthiwa uHirofumi. Lapho umfowethu emvakashela, unina wenqaba ukuba ambone. Umfowethu wabuya ephindelela, encenga unina, ekugcineni wavuma ukuba umfowethu abone uHirofumi.  Izinwele nentshebe yakhe kwakungamadlodlombiya. Wawungafunga ukuthi useneminyaka ehlala ehlathini. Wayendwazile nje. UHirofumi wayeyisithulu futhi eyimpumputhe. Umfowethu wamangala, wayesebamba izandla zikaHirofumi wakhuluma ngezandla ngendlela azoyiqonda. Akubanga khona kusabela. UHirofumi wayeneminyaka engu-31 lapho eba impumputhe futhi sekuphele iminyaka eyishumi engaxhumani nabantu.

Umfowethu waphindela kuye ngemva kwezinsuku ezimbili. Unina kaHirofumi wamangala ngoba wayecabange ukuthi ngeke esabuya umzalwane ngemva kokubona isimo sendodana yakhe. Umfowethu waphinde wamncenga unina kaHirofumi ukuba amvumele abone indodana yakhe, unina wamvumela. Ngemva kwenyanga umfowethu efika la kodwa uHirofumi engasabeli, unina watshela umfowethu ukuba angabe esazihlupha. Kodwa akaphelanga amandla umfowethu. Wabaphathela amakhekhe futhi wenza konke angakwenza ukuze ababonise ukuthi uyabakhathalela. Ngemva kwezinyanga ezimbili kungathi shu kuHirofumi, umfowethu waba nomuzwa wokuthi uchitha isikhathi.

Wanquma ukubuyela okokugcina. Ngaphambi kokuba angene endlini, wathandaza kuJehova ukuba amsize abone ukuthi kufanele yini abuye abuye. Lapho nje engena endlini, wabamba izandla zikaHirofumi wenza izimpawu ezithi kunoNkulunkulu ogama lakhe nguJehova obelokhu embhekile esezulwini futhi oqonda ukuhlupheka kwakhe ngaphezu kwanoma ubani. Wamtshela nokuthi uJehova uyamkhathalela nokuthi  ufuna ukumkhulula ekucindezelekeni kwakhe. Yingakho ethumele yena Fakazi kuye. Ekuqaleni uHirofumi akasabelanga; kodwa wabe esebamba umzalwane emqinisa, ngemva kwalokho kwehla unyembezi esihlathini. Umzalwane wathinteka, naye wakhala. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli.

Ngemva kokufundelwa iminyaka engu-11, uHirofumi waqala ukuya emihlanganweni yebandla eliseduze kunokuhamba ibanga elide eya ebandleni lolimi lwezandla njengoba ayenza ngaphambili. Kuleli bandla akekho owayazi ulimi lwezandla, kodwa ngemva kwezinyanga ezingu-18, kwase kunabazalwane nodade abangu-22 abasebelufundile ukuze basize uHirofumi. Ngo-January 2012, uHirofumi wanikeza inkulumo yakhe  yokuqala eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, kunomzalwane oyitolikayo. Ngo-October walowo nyaka, waba ummemezeli ongabhapathiziwe.

Ufundela Omantshingelana

UFloren, iphayon elihlala ePhilippines, uqhuba izifundo ezilinganiselwa ku-25, eziningi zazo omantshingelana. Laba balisa bavame ukusebenza kusihlwa—abanye basebenze ubusuku bonke. Ngenxa yalokho, uFloren kumelwe avumelane nezimo. Uya lapho omantshingelana besebenzela khona, afunde nabo ngesikhathi sekhefu noma ngesinye isikhathi esingangqubuzani nesikhathi somsebenzi. Ezinye izifundo uziqhuba phakathi kuka-7 no-11 ebusuku, ezinye phakathi kuka-5 no-9 ekuseni. Ngezinye izikhathi uhlela ukufika lapho abanye bephuma kungena abanye. Lokhu kwenza akwazi ukufunda nosuke esezoqala ukusebenza, uma eseqedile, afunde nalowo oseshayisile. UFloren uthi: “Ngenxa yokuba nezifundo zeBhayibheli eziningi kangaka, ngiye ngathola injabulo engingakaze ngiyithole.” Abanye balab’ omantshingelana sebebakhona emihlanganweni eHholo LoMbuso. Omunye wabo usebhapathiziwe futhi useyiphayona elivamile.

EPhilippines: UFloren uqhuba isifundo seBhayibheli ekuseni

Babezimisele Ukunethwa

E-Armenia ngolunye usuku izulu lina odadewethu ababili bahlangana nomama nendodakazi emgwaqweni base bebahambisela ipheshana. Bamangala odade lapho uMarusya, ongumama, ebatshela ukuthi yena nendodakazi yakhe uYeva bebelokhu bemi emvuleni amahora amabili benethemba lokubona oFakazi BakaJehova. Ngani? Ngesikhathi umfowabo kaMarusya esejele, wayethole iqiniso kubazalwane ababeboshelwe ukungathathi hlangothi. UMarusya wayelindele ukuba  umfowabo aphume ejele enenhliziyo embi futhi eyisidlova. Kunalokho, waphuma engumuntu ongcono. Njengoba eqhubeka ehlanganyela noFakazi, wenza izinguquko ezinhle. UMarusya nendodakazi yakhe abakuqondanga lokhu ngoba babebone inkulumo-ze ehlambalaza oFakazi BakaJehova ezingqwembeni ezazisedolobheni nakuthelevishini. UYeva wazibuza: ‘Umalume ungumuntu okahle. Kungani kukhulunywa izinto ezimbi kangaka ngoFakazi BakaJehova?’ Ezimisele ukuthola impendulo, wathi kunina: “Asisoze salithola iqiniso ngalaba bantu uma singanethwa yile mvula. Masihambe njengamanje siyofuna oFakazi BakaJehova size sibathole ukuze sikuqede konke lokhu kudideka.” Yilokho ababekwenza mhla behlangana nodade. Ngemva kwezinsuku ezimbili, kwaqalwa isifundo seBhayibheli nalo mama nendodakazi yakhe. Baqala ukuhlanganyela futhi sebethuthuke kangangokuba sebengabamemezeli abangabhapathiziwe.

Izingane Zamlethela Omagazini

E-Istanbul, eTurkey: Umzalwane uhambisa incwajana ethi Izindaba Ezinhle emgwaqweni

E-Adana, eTurkey, umame owayenezinkinga ezinkulu futhi eke wazama nokuzibulala wathola omagazini ababili phambi komnyango wakwakhe. Babetholwe ezinye izingane zomakhelwane phansi zase zibayisa kwakhe ngoba zicabanga ukuthi abakhe. Izindaba zokuphila ezazikomagazini zamhlaba umxhwele kakhulu futhi wafisa ukuba ukuphila kwakhe kushintshe ngendlela efanayo. Washayela izinombolo ezazibhalwe komunye walab’ omagazini, wathintana nodade oyiphayona ohlala eduze. Waqala ukufundelwa. Wakwazisa ayekufunda futhi wathi angathanda ukuya emihlanganweni. Kwenzeka konke lokhu nje kanti umame lo uhlala eduze kweHholo LoMbuso. Waqala ukuhlanganyela  ngaso leso sikhathi futhi namanje usahlanganyela.

Izinsuku Eziyishumi Esejele Azimshintshanga Ingqondo

UBam, owayeyiphoyisa futhi esonta eNepal, wahlangana nombhangqwana ongamaphayona akhethekile emgwaqweni ngesikhathi esemsebenzini. Wayehlatshwe umxhwele ukuthi babephendule yonke imibuzo yakhe besebenzisa iBhayibheli. UBam wavuma ukufundelwa futhi ngokushesha waqala ukuya emihlanganweni. Njengoba ethuthuka, waqala ukuhlushwa unembeza ngenxa yomsebenzi wakhe, ngakho wacela abaphathi bakhe ukuba bamnike umsebenzi wasehhovisi ozomenza angaphathi zikhali. Bavuma. Kodwa ngemva kokuya emhlanganweni wesigodi, wabuye wamhlupha unembeza, wayesenquma ukushiya phansi emaphoyiseni.

Umkakhe wayengajabule ngalesi sinqumo ngoba umsebenzi wasemaphoyiseni wawungasho nje kuphela ukuthi umphakathi uzokuhlonipha kodwa futhi wawuholela kahle, unezinzuzo nemali enhle yomhlalaphansi. Ukuze amenze ashintshe ingqondo, wathi: “Uma uqhubeka usebenza emaphoyiseni, ngizoqala ukufunda iBhayibheli noFakazi.” Lapho ehluleka, wakholisa isikhulu samaphoyisa ukuba sivalele uBam ejele, enethemba lokuthi uzovuma. Ngemva kwezinsuku eziyishumi esejele, uBam wadedelwa, kodwa wayesazimisele ukuthola omunye umsebenzi. Wathola umsebenzi wokuba urisho, okwakusho ukuthi uzosebenza amahora amaningi elangeni elishisayo. Naphezu kwalezo zinselele, wayejabule. Waqhubeka ethuthuka futhi waba ummemezeli. Ngokuhamba kwesikhathi, umkakhe akabange esamshushisa kakhulu. Ngenxa yomusa  awuboniswa abafowethu nodadewethu ebandleni, waqala ukufundelwa. UBam waqhubeka ondla umndeni wakhe, esehola imali engaphezu kwaleyo ayeyithola ebuphoyiseni. Wabhapathizwa emhlanganweni ngo-February 2013, futhi umkakhe nendodana yabo baya naye emihlanganweni.

ENepal: Lapho uBam eshintsha umsebenzi wakhe, yena nomndeni wakhe bathuthuka ngokomoya

Wayefuna Ukuba Iphayona Elisizayo

Udade waseKorea uMyeong-hee unenkinga yomlenze ngoba wakhubazeka lapho eneminyaka emibili. Usheshe akhathale futhi ngezinye izikhathi uyawa. Ngaphezu kwalokho, uba neziqubu zokushaywa uvalo ngokwedlulele abuye aguliswe yimithi ayiphuzayo. Uphefumula kanzima futhi ukucindezeleka nokukhathazeka akuzwayo kumzwisa ubuhlungu. Naphezu kwalezi zinkinga, uMyeong-hee wayefuna ukuba iphayona elisizayo futhi kule minyaka emibili edlule uphayone cishe zinyanga zonke. Uyambonga uJehova ngokumupha amandla okwenza inkonzo yakhe.

“Sekuphele Iminyaka Engu-30 Ngiyifuna!”

U-Agnes, isithunywa sevangeli sase-Indonesia, wayevame ukushumayeza umama okhulelwe. Lo mama wayedayisa imifino emakethe. Wayekuthanda ukufunda omagazini bethu, ekujabulela nokuxoxa ngeBhayibheli uma engematasa. Ngolunye usuku lapho u-Agnes eya emakethe eyobona lo mama, akamficanga. Umyeni wakhe watshela u-Agnes ukuthi umkakhe wayesanda kubeletha. U-Agnes wahamba wayombona. Wamphathela incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli  isongwe njengesipho. Kwammangaza lo mama ukuthi u-Agnes wayehambe ibanga elide ezobona yena nosana lwakhe, kodwa wamangala nakakhulu lapho u-Agnes emnika isipho. Wayiqaqa incwadi, wayibuka engakholwa, wayesethi: “Uyitholephi le ncwadi? Sekuphele iminyaka engu-30 ngiyifuna! Sengiyifune kuzo zonke izitolo zezincwadi futhi ngabuza wonke umuntu. Akukho muntu onayo, akukho muntu oyaziyo, kanti ayikho enye incwadi emnandi njengayo.” Ngesikhathi eseyingane, umalume wakhe wayenayo le ncwadi futhi ethanda ukuyifunda. Useyayifunda futhi kanti nendodakazi yakhe endala iyathanda ukuyifunda. Bobabili sebeyafundelwa.

E-Indonesia: U-Agnes uphethe incwadi eyaba isipho