INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017

Funda ngemisebenzi yoFakazi BakaJehova ezweni laseGeorgia nasemhlabeni wonke.

Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Bazwakalisa uthando lwabo nokwazisa ngoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke.

Ukugxila Emsebenzini Wokushumayela Emhlabeni Wonke

Abebengamalungu aseBethel bajwayelane kanjani nezimo ezintsha ensimini?

“Bekumnandi Ukuhlala Nani”

Ngo-May 7 no-8, 2016, kwaba nombukiso wamaBhayibheli owanikeza ubufakazi obuhle komakhelwane beBethel yase Brooklyn.

UMhlangano Omusha Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu

Ngo-January 2016 yashintshwa indlela imihlangano yamasonto onke ehlelwe ngayo emhlabeni wonke.

ISiteshi Sokusakaza Se-JW ‘Sisinika Amandla Futhi Siyasivuselela!’

ISiteshi Sokusakaza Se-JW saqala ngo-2014 futhi sesitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-90. Bathini ababukeli ngaso?

Ukunikezelwa Kwamagatsha

Ukunikezelwa kwezakhiwo ezintsha zegatsha laseKyrgyzstan nelase-Armenia kwaba izenzakalo ezabajabulisa OFakazi bakulezo zindawo.

Umbiko Wezomthetho Ka-2016

Yiziphi izinkinga zomthetho oFakazi ababhekana nazo ngo-2016?

Amanqampunqampu—Avela Emhlabeni Wonke

Ukwaziswa okusha ngomsebenzi woFakazi BakaJehova e-Argentina, eBelize, eBurundi, eCongo (Kinshasa), eJalimane, e-Italy, eNepal, Peapua New Guinea nase-Uganda.

Africa

Funda okuhlangenwe nakho kanye namanqampunqampu omsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa oFakazi BakaJehova eGhana, eGuinea-Bissau, eLiberia, eMalawi, eTogo, naseSierra Leone.

Amazwekazi AseMelika

Okuhlanganwe nakho okuvela eBrazil, eHaiti, eMexico, e-United States, naseVenezuela.

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi

Amanqampunqampu avela eHong Kong, eMongolia, ePhilippines, naseSri Lanka.

EYurophu

Funda okuhlangenwe nakho okuvela e-Azerbaijan, eBrithani, eBulgaria, eGeorgia, eDenmark, eHungary, eNorway, nase-Ukraine.

E-Oceania

Amanqampunqampu nokuhlangenwe nakho okuvela e-Australia, eGuam, eNew Caledonia, ePapua New Guinea naseTimor-Leste.

Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeGeorgia

Thola amabal’ engwe ngesimo sendawo, abantu, amasiko kanye nolimi lwaleli zwe elisoLwandle Olumnyama.

Kusukela Ngo-1924 Kuya Ku-1990 Iqembu Lokuqala Lababefuna Iqiniso

Abantu ababefunde iqiniso leBhayibheli kwezinye izindawo beza eGeorgia futhi basakaza umyalezo woMbuso.

Imihlangano Isiza Bonke Ukuba Babe Nokholo Oluqinile

Imihlangano yobuKristu nezincwadi zesiGeorgia kwasibeka kanjani isisekelo sentuthuko eyayisazoba khona?

Ngangifuna Ukushintsha Ukuphila Kwami

Ngemva kokuphothula inkonzo yakhe yezempi, uDavit Samkharadze wathandazela usizo ukuze alungise ukuphila kwakhe. Ngosuku olulandelayo, wahlangana noFakazi BakaJehova.

Ukufuna Isiqondiso KuJehova

Ngaphambi kokuthuthela kwelinye idolobha, uTamazi Biblaia wafuna usizo kuNkukunkulu futhi waluthola.

“KuNkulunkulu Zonke Izinto Zingenzeka”

Lapho esiza oFakazi ayekanye nabo ukuba banyathelise izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngesiGeorgia, uNatela Grigoriadis wabhekana nenkinga eyayibonakala ingeke ixazululeke.

IBhayibheli LesiGeorgia

Eminye imibhalo yesandla yeBhayibheli yesiGeorgia Sakudala yabhalwa phakathi nekhulu lesihlanu C.E noma ngaphambi kwalo.

Kusukela Ngo-1991 Kuya Ku-1997 UNkulunkulu Waqhubeka Ekhulisa.”—1 Kor. 3:6.

Ngemva kokuba iGeorgia isizimele, oFakazi BakaJehova banda kakhulu.

Abelusi Abanakekelayo Baqeqesha Abanye

Ngemva kokuwa kombuso wobuKhomanisi, oFakazi bakwazi kanjani ukuhlela amabandla, imihlangano emincane nemikhulu kanye nokuhumusha izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini?

Kwakungavumi Ayeke Ukufunda Umyeni Wami!

UBadri Kopaliani wayekulangazelela kakhulu ukufunda iBhayibheli lakhe elisha kangangokuba wahlala wangaya emsebenzini ukuze aliqede.

Ubukuphi Sonke Lesi Sikhathi?

Ungakapheli unyaka ebhapathiziwe, u-Artur Gerekhelia wathuthela lapho kunendingeko enkulu khona.

Ngangicabanga Ukuthi Sengiphumelele Ekuphileni

UMadona Kankia wayeyilungu eliqavile leQembu LamaKhomanisi eGeorgia kodwa wanquma ukuthatha enye inkambo ekuphileni.

Uthando Lweqiniso LwamaKristu Alusoze Lwaphela

Phakathi nezinxushunxushu e-Abkhazia, u-Igor Ochigava noGizo Narmania basiza oFakazi abakanye nabo kanye nabanye ukuba bathole izinto nosizo olungokomoya.

Ngazibonela Ngawami Lokho Okufundiswa IBhayibheli!

Nakuba ayengabathembi oFakazi BakaJehova, uPepo walalela lokho okwakushiwo umama wakhe: “Hamba uyozizwela mathupha lokho abakufundisayo.”

Kusukela Ngo-1998 Kuya Ku-2006 Izibusiso ‘Ngenkathi Evumayo Nangenkathi Enzima.’—2 Thim. 4:2.

Kule minyaka kunokwanda okukhulu enanini labamemezeli kodwa kungazelelwe kuqubuka ushushiso olukhulu olungalindelelekile.

Ukwesatshiswa Akuzange Kubavimbele Ukuba Bakhonze UJehova

Umphakathi wasabela kanjani ekuphikisweni ngodlame koFakazi BakaJehova eGeorgia?

“Leli Yifa Lezinceku ZikaJehova.”—Isaya 54:17.

Abamemezeli abazikhandlayo ukuze bandise inkonzo yabo babusiswa uJehova.

Bakhumbula UMdali Wabo Omkhulu

Emaphayoneni aseGeorgia, elilodwa kwamathathu lineminyaka engu-25 noma ngaphansi.

Abantu AbangamaKurd Basabela Eqinisweni

Abantu abesaba uNkulunkulu bayajabula lapho bezwa umyalezo weqiniso ngolimi lwabo.

Uthando Luwela Imingcele Ebekwe Abantu

Ogogo ababili babona uthando lobuzalwane.

Eminyakeni Eyikhulu Edlule—Ngo-1917

KubaFundi BeBhayibheli abaningi, u-1917 waba unyaka wokuvivinywa nokuhlungwa. Naphezu kwezingqinamba, abaqotho baqhubeka nomsebenzi wokuthuthukisa izithakazelo zoMbuso.

Izingqikithi Zika-2016

Lo mbiko usitshela ngomsebenzi owenziwe OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ngo-2016.

Umbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-2016 WoFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke

Lo mbiko uhlanganisa amalungu, amagatsha, amazwe, ababekhona eSikhumbuzweni nokunye.