Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IGEORGIA

Abantu AbangamaKurd Basabela Eqinisweni

Abantu AbangamaKurd Basabela Eqinisweni

UGULIZAR uthi: “Ngihlale ngithandaza kuJehova ngimbonga ngokuthi ngafunda ngaye ngolimi engaluncela.”

UGulizar wazihlanganisa noFakazi BakaJehova iminyaka engu-8 kodwa waze wabhapathizwa ngemva kokuba esethole imihlangano ngesiKurd, ulimi aluncela. Ungomunye wamaKurd amaningi amukele iqiniso eGeorgia eminyakeni yamuva. Angobani amaKurd?

AmaKurd angabantu asebahlale amakhulu eminyaka eMpumalanga Ephakathi. Ezinye izazi zicabanga ukuthi ayisizukulwane samaMede asendulo okukhulunywa ngawo eBhayibhelini. (2 AmaKh. 18:11; IzE. 2:9) Ulimi lwawo luyingxenye yeqoqo lwezilimi zase-Iran.

Namuhla, izigidi zamaKurd zihlala emazweni amaningi ahlanganisa i-Armenia, i-Iran, i-Iraq, iSyria, neTurkey. Alinganiselwa ku-20 000 amaKurd eGeorgia. Ngokuvamile, angabantu abamesabayo uNkulunkulu nabazihlonipha kakhulu izinto ezingokomoya.

Manje sekunabamemezeli abangamaKurd abangu-500 eGeorgia kanye namabandla esiKurd amathathu. Ngo-2014, kwaba nomhlangano wesifunda wokuqala ngesiKurd eTbilisi, owawunezihambeli ezivela e-Armenia, eJalimane, eTurkey, nase-Ukraine.