IGEORGIA
“Leli Yifa Lezinceku ZikaJehova.” —Isaya 54: 17.
IZINCEKU zikaJehova ziye zazishumayela ngenkuthalo izindaba ezinhle eGeorgia futhi uJehova ukubusisile ukuzikhandla kwazo. Ngenxa yalokho, izindaba ezinhle ziye zafinyelela kulo lonke elaseGeorgia.
Nokho, eminyakeni yamuva, amaphayona nabamemezeli abashisekayo baye bagxila ekunakekeleni izidingo zabantu abahlala emasimini angasetshenzwa njalo. Abantu
abahlala ezintabeni, emaphandleni nasezindaweni ezicezile bangafinyelelwa kuphela ngezimoto ezinkulu noma ngenqola ehamba phezulu ekhebulini.Unyaka ngamunye kusukela ngo-2009, igatsha laseGeorgia belinika wonke amabandla uhlu lwamasimu angabelwe, licela abamemezeli ukuba basekele umsebenzi wokushumayela kulawo masimu. Kudingeke ukuba abaningi bazidele kakhulu ukuze babe nengxenye kulo msebenzi.
UTemuri no-Ana Bliadze babesanda kushada lapho bezwa ukuthi kunesidingo esikhulu sabamemezeli esifundeni esinezintaba sase-Ajaria. Babesanda kuthenga indawo yokwakha. Kodwa manje base benethuba lokwandisa inkonzo yabo.
Baqale bahlala isonto elilodwa e-Ajaria. UTemuri ukhumbula into yokuqala ayiphawula: “Abamemezeli babehamba amabanga amade ukuze baye ezindaweni ezicezile. Ngavele ngabona ukuthi iveni lethu elikhulu lizoba wusizo.”
U-Ana uyanezela: “Kwakungelula neze ukuthutha ngoba sasilithanda ibandla esasikulo nomndeni wakithi. Kodwa sasibona isibusiso sikaJehova.” Sekuphele iminyaka emithathu uTemuri no-Ana besiza iqembu eliseKeda, idolobha elise-Ajaria.
Amaphayona Akhaliphile
Amaphayona akhethekile esikhashana abe wusizo olukhulu ekusekeleni umsebenzi wokushumayela ezindaweni eziqhelile. Lapho izabelo zawo ziphela, amaningi anquma ukuqhubeka ehlala lapho ayekade abelwe khona ukuze anakekele labo ayefunda nabo iBhayibheli.
OKhatuna, odade ababili abangamaphayona, abangobizo, babelwa edolobheni elihle laseManglisi. Babengekho oFakazi kule ndawo, kodwa inkonzo yalab’ odade yathela kakhulu. Enyangeni yokuqala baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-9, kwelandelayo baqhuba ezingu-12, kwelandelayo baqhuba ezingu-15, kwathi enyangeni eyalandela leyo baqhuba ezingu-18! Banquma ukuhlala eManglisi ukuze baqhubeke benakekela izifundo zabo zeBhayibheli.
Lab’ odade kwakudingeka bacabange amasu endlela ababezoziphilisa ngayo. Abantu abaningi abavakashela eManglisi bayasijabulela isithelo sikaphayini esiphekiwe esiwusizo emzimbeni. Ngakho, ekuqaleni, bakha izithelo zikaphayini eziluhlaza ukuze bazipheke bese bezidayisa emakethe yendawo. Kodwa babe sebethola indlela yokuziphilisa ababengayicabanganga.
Ngelinye ilanga umuntu ababefunda naye iBhayibheli wabaphathela amachwane. Wabachazela ukuthi enye yezinkukhu zakhe yayikade izalela endaweni ecashile yabe isiza namachwane ayo ayesanda kuchanyiselwa. Lo wesifazane wayefisa ukubapha wona la machwane. Omunye walab’ odade wayeke wafuya izinkukhu ngakho banquma ukuziphilisa ngokuzifuya.
Omunye walab’ odade uthi: “Sisizwa uJehova, abafowethu kanye nabantu esasifunda nabo iBhayibheli, sakwazi ukuhlala eManglisi iminyaka emihlanu.” Manje sekuneqembu labazalwane nodade abashisekayo kuleyo ndawo.
Ukuphayona Ensimini Yolunye Ulimi
Eminyakeni yamuva, kuye kwafika abantu abaningi eGeorgia bevela kwamanye amazwe. Amaphayona amaningi abona ukuthi kwase kuvuleke ithuba lokusebenza insimu entsha. Ngakho aqala ukufunda ezinye izilimi njengesi-Arabhu, isiNgisi, isiPersia, isiShayina, isiTurkish kanye nolimi lwase-Azerbaijan.
Nakuba amaphayona amaningi aye athuthela emaqenjini nasemabandleni okukhulunywa kuwo izilimi zakwamanye amazwe, amanye amaphayona aye athuthela kwamanye amazwe anendingeko enkulu. UGiorgi noGela babesanda kweva eminyakeni engu-20 lapho bethuthela ezweni elingumakhelwane. UGiorgi uthi: “Sasifuna ukunika uJehova okungcono kakhulu futhi ukuthutha kwaba ithuba elihle lokwenza lokho kanye.”
Ecabanga ngesikhathi asichitha elapho, uGela uthi, “Ukukhonza njengomdala kuleya nsimu kwangifundisa izinto eziningi. Ave kumnandi ukubona uJehova ekusebenzisa ukuba usize ‘amawundlu akhe.’”—Joh. 21:17.
UGiorgi uyanezela: “Zazikhona izinselele, kodwa sasigxile enkonzweni yethu futhi asizange siyekethise. Sasenza lokho okwakumelwe sikwenze.”
Omunye umzalwane, naye ogama lakhe linguGela, wakhonza eTurkey iminyaka ethile. Uyakhumbula: “Ekuqaleni, ngingakalwazi kahle ulimi lwendawo kwakunzima ukujabulela inkonzo. Kodwa lapho sengikwazi ukukhuluma kahle nabazalwane nodade kanye nabantu ensimini, ngangihlale ngichichima injabulo.”
UNino, osephayone e-Istanbul eTurkey iminyaka engaphezu kweyishumi, uveza imizwa yakhe ngale ndlela: “Isandla sikaJehova ngasibona ngifika nje kule ndawo. Uma uphayona ensimini yakwelinye izwe, uzibona ngokoqobo izinto ohlale ufunda ngazo eNcwadini Yonyaka.”