Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Enhla neSvaneti

IGeorgia

Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeGeorgia

Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeGeorgia

Ukuvuna amagilebhisi kuyajabulisa

Izwe IGeorgia yaziwa ngezintaba zayo ezinhle kakhulu ezineziqongo ezimbozwe yiqhwa, ezinye zazo ziphakeme ngamamitha angaphezu kuka-4 500. Leli zwe linezingxenye ezimbili—impumalanga nentshonalanga yeGeorgia, ngayinye inezifunda eziningana, isifunda ngasinye sinesimo sezulu, amasiko, umculo, imidanso nokudla okuhlukile kunokwezinye izifunda.

Abantu Iningi labantu bakule ndawo abayizigidi ezingu-3,7 lingabomdabu baseGeorgia.

Inkolo Abantu abaningi bathi bangamaKristu obu-Orthodox. Abangaba amaphesenti ayishumi bangamaSulumane.

Ulimi Ulimi lwaseGeorgia aluhlobene nezilimi zamazwe angomakhelwane bayo. Imithombo yomlando ibonisa ukuthi indlela yokubhala yaseGeorgia engafani nezinye izindlela yasungulwa ngaphambi kwenkathi evamile.

Indlela yokuziphilisa Abantu abaningi baziphilisa ngokulima nokufuya. Muva nje, ezokuvakasha ziye zaba negalelo elikhulu emnothweni waseGeorgia.

Isimo sezulu Ingxenye esempumalanga yaleli zwe ayibandi kakhulu futhi ayishisi kakhulu. Indawo engasogwini loLwandle Olumnyama, entshonalanga yeGeorgia, ifudumele futhi inenala yezithelo ezifana namawolintshi.

Ukuvuna amagilebhisi esifundeni saseKakheti

Ukudla Asisali isinkwa uma kudliwa eGeorgia. Isinkwa sakhona sibhakwa kuhhavini owenziwe ngobumba. Kuvame ukuphekwa isitshulu esishubile esinezinongo nemifino. Ukwenziwa kwewayini kunomlando omude kule ndawo. Ngokwendlela yakhona, iwayini liyabiliswa bese ligcinwa ezimbizeni ezinkulu ezenziwe ngobumba. Imindeni eminingi itshala amagilebhisi futhi izenzele iwayini. Kunezinhlobo zamagilebhisi ezingaba ngu-500 eGeorgia.

Kwenziwa isinkwa