Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Abazalwane emhlanganweni owawuseTbilisi ngo-1992

IGEORGIA | Kusukela Ngo-1991 Kuya Ku-1997

Kusukela Ngo-1991 Kuya Ku-1997 UNkulunkulu Waqhubeka Ekhulisa.”—1 Kor. 3:6.

Kusukela Ngo-1991 Kuya Ku-1997 UNkulunkulu Waqhubeka Ekhulisa.”—1 Kor. 3:6.

UGenadi Gudadze wakhonza njengombonisi wesigodi ekuqaleni kwawo-1990

NGO-1991, unyaka iSoviet Union eyahlakazwa ngawo, iGeorgia yazimela. Kodwa ukushintsha kwezombusazwe nezinxushunxushu kwabangela ukuba izimo zokuphila zibe zimbi kakhulu. UGenadi Gudadze, owayekhonza njengombonisi wesigodi ngaleyo minyaka, ukhumbula ukuthi abantu babema kulayini usuku lonke belinde isinkwa.

Ngaleso sikhathi, kwakuyinto evamile ukuba oFakazi baxoxe ngeBhayibheli nabantu abame kulayini. UGenadi uthi, “Kuleyo minyaka enzima, kwakubonakala sengathi bonke abantu babethambekele ekulaleleni iqiniso. Sathola izicelo eziningi ezinamakheli alabo ababefuna ukufundelwa iBhayibheli.”

Ekupheleni komhlangano ngamunye, abazalwane abanemisebenzi eyengeziwe ebandleni babefunda uhlu lwamagama namakheli alabo ababecele ukuvakashelwa. Abamemezeli babebe sebevolontiya ukuya kulabo bantu.

Ukufakaza kubantu ababelinde isinkwa ngawo-1990

UMfoweth’ uLevani Sabashvili, owayekhonza njengomdala eTbilisi, ukhumbula uRoini noNana Grigalashvili abashadile abacela ukuvakashelwa. Uthi, “Abamemezeli bawathatha wonke amanye amakheli kodwa akekho owavolontiya ukubavakashela. Babehlala kude kakhulu futhi iningi lethu lase livele linezifundo eziningi.”

Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, uRoini noNana baphinde bathumela esinye isicelo. Baphinde bathumela nesesithathu, kulokhu sebebhale nepheshana bencenga oFakazi ukuba “bazigcine bemsulwa ecaleni legazi.” (IzE. 20:26, 27) ULevani uyakhumbula, “Kwakuyinkathi kaNcibijane futhi ngokuvamile sasikugwema ukuvakashela abantu ngaleso sikhathi. Kodwa sabona ukuthi ngeke sisakwazi ukuhlehlisa ukubavakashela.”

URoini noNana abazange bakholwe lapho bebona uLevani nomunye umzalwane bebavakashele. Ngokushesha kwaqalwa isifundo seBhayibheli. URoini noNana manje bangamaphayona avamile kanye nezingane zabo.

Ukuzikhandla Ukuze Kufinyelelwe Abathanda Iqiniso

Labo abamukela iqiniso abazigodlanga ekunikeleni ngesikhathi, amandla, nangezinto zabo ukuze bahlanganyele izindaba ezinhle nabanye, ngenxa yokwazisa ababenakho. Nakuba babenakekela umndeni, uBadri noMarina Kopaliani babephakathi kwalabo ababehamba amabanga amade beya emadolobhaneni aqhelile beyosiza abantu abaqotho.

UBadri, uMarina namadodana abo asemasha uGocha noLevani, babehlela ukuba ngezimpelasonto baye eDusheti, isifunda esihle esinezintaba esisenyakatho yeTbilisi. Ngezinye izikhathi, babehamba amakhilomitha angaba ngu-150 emigwaqweni egwincizayo ukuze bafinyelele izindawo ezikude.

Ngelinye ilanga, owesifazane othile wacela uBadri nomkakhe ukuba beze lapho ayesebenzela khona. UBadri uyalandisa: “Sazithola sisegunjini elikhulu eligcwele abantu abangaba ngu-50 ababesilindile! Ngaqale ngethuka, kodwa ngemva kokuthandaza kuJehova ngabe sengixoxa ngamavesi akuMathewu 24 akhuluma ngezinsuku zokugcina. Omunye wabuza emangele, ‘Kungani abefundisi bethu bengasitsheli lezi zinto?’”

Isikhumbuzo Sidonsa Amehlo Abantu

ISikhumbuzo sokufa kukaJesu sanikeza abantu abaningi abaqotho baseGeorgia elinye ithuba lokuzwa iqiniso. Ngokwesibonelo, iSikhumbuzo esaba semzini kaDade Ia Badridze eTbilisi ngo-1990, sabangela ukuba abaningi endaweni bafise ukuzwa iqiniso.

U-Ia Badridze wamukela abantu abangu-200 emzini wakhe ngeSikhumbuzo

UDade Badridze wathi indlu yakhe ingasetshenziselwa iSikhumbuzo. Izingane zakhe zamsiza wakhipha izimpahla egunjini lokuphumula ukuze kube nendawo eyanele. Kodwa wayezozitholaphi izihlalo ezazizokwanela ababezoba khona? EGeorgia, ngokuvamile abantu baqasha amatafula nezihlalo uma bezoba nemibuthano emikhulu. Njengoba yena ayeqasha izihlalo kuphela, abanini zitolo babelokhu bembuza: “Awuwadingi yini amatafula? Nizodlelaphi?”

UDade Badridze wakwazi ukwamukela bonke ababeze endlini yakhe esesitezi se-13 bezokhumbula ukufa kukaJesu. Bangu-200 ababa khona! Shono nje omakhelwane abaningi bafuna ukwazi ngoFakazi BakaJehova!

ISikhumbuzo Esingenakulibaleka

Ngo-1992, kwaqashwa amahholo amakhulu ezindaweni ezihlukahlukene zezwe ukuze asetshenziselwe iSikhumbuzo. UDavit Samkharadze owayehlala eGori, ukhumbula lokho umbonisi ojikelezayo ababuza kona mayelana nezinhlelo zabo zeSikhumbuzo.

Lapho ezwa ukuthi abamemezeli babehlela ukuhlangana emzini othile, wabuza: “Alikho yini ihholo elikhulu edolobheni? Kungani ningazami ukuliqasha?” Lelo hholo lalingathatha abantu abangaphezu kwenkulungwane ngakho abamemezeli—ababengaphezudlwana kwekhulu—abasibonanga isidingo sokuqasha ihholo elikhulu kangako.

Umbonisi wabe esesikisela: “Uma ummemezeli ngamunye engakwazi ukumema abantu abayishumi, zingagcwala zonke izihlalo.” Nakuba akusikisela kwaqale kwabonakala kungenakwenzeka, abamemezeli benza umzamo wokukwenza. Bamangala futhi bajabula kakhulu lapho kuba khona abantu abangaphezu kuka-1 036 eSikhumbuzweni! *

Amaphayona Ashisekayo Afinyelela Amasimu Amasha

Ngo-1992, abantu bakaJehova babengakazifinyeleli izifunda eziningi zaseGeorgia ngomyalezo weBhayibheli. La masimu amasha ayezofinyelelwa kanjani izwe libhekene nezinkinga zomnotho?

UTamazi Biblaia owayehlala entshonalanga yeGeorgia ngaleso sikhathi, uyakhumbula, “Umbonisi ojikelezayo wahlangana nathi ukuze sixoxe ngokwakungenziwa. Sasingazi kahle ukuthi ilungiselelo lamaphayona akhethekile kufanele lihleleke kanjani. Kodwa sasazi ukuthi izindaba ezinhle kwakumelwe zishunyayelwe ngokushesha.” (2 Thim. 4:2) Ngenxa yalokho, kwakhethwa amaphayona angu-16 futhi abelwa ezindaweni ezihlukahlukene kulo lonke izwe.—Bheka ibalazwe elisekhasini elilandelayo.

Izindawo amaphayona abelwa kuzo izinyanga ezinhlanu

Ngo-May 1992, kwaba nomhlangano owathatha amahora amathathu eTbilisi, wokukhuthaza amaphayona ayabelwe ukukhonza izinyanga ezinhlanu kulawo masimu. Abadala babewavakashela inyanga ngayinye ukuze bawakhuthaze ngokomoya futhi bawanikeze nolunye usizo uma kunesidingo.

Odadewethu ababili abangamaphayona, uManea Aduashvili noNazy Zhvania, babelwa edolobheni lase-Ozurgeti. UManea owayeneminyaka engu-60 ngaleso sikhathi uyakhumbula, “Sasazi ukuthi kwakunomuntu othanda iqiniso owayehlala eduze kwase-Ozurgeti. Ngakho lapho nje sifika sahlela ukuhlangana naye. Lapho sifika emzini wakhe wayesilindile, ekanye nabanye abangaba ngu-30 ayebamemile. Ngalolo suku, saqala izifundo zeBhayibheli eziningi.”

Kwaba nemiphumela emihle nasezinyangeni ezalandela. Ngemva kwezinyanga ezinhlanu nje kuphela, kwase kunabangu-12 ababekulungele ukubhapathizwa!

Umoya Wabo Wokuzidela Wavuzwa

Abazalwane ababili abangamaphayona, uPavle Abdushelishvili noPaata Morbedadze bathunyelwa eTsageri. Le ndawo isesifundeni esiyisizinda samasiko akudala axubene nezimfundiso zeLobukholwa.

Indawo yaseTsageri

Njengoba ubusika obushubisa umnkantsha babusondela, isabelo sezinyanga ezinhlanu salawa maphayona sase sizophela futhi uPaata wamenyelwa kwenye indawo ukuba ayosiza emsebenzini wokuhumusha. Ngakho kwadingeka ukuba uPavle anqume. Uyalandisa: “Ngangazi ukuthi ukuba seTsageri ebusika kwakuzoba nzima. Kodwa esasifunda nabo iBhayibheli babedinga usizo olwengeziwe, ngakho nganquma ukuhlala.”

UPavle uthi: “Ngahlala nomndeni wakule ndawo. Ingxenye enkulu yosuku ngangiyisebenzisela ukushumayela. Kusihlwa, ngangihlala nalo mndeni egunjini lokuphumula singunge isitofu sezinkuni. Kodwa lapho kufika isikhathi sokuba ngiyolala ekamelweni eliphezulu, ngangivele ngifake isigqoko sami esifudumele bese ngimbatha ingubo efudumalayo.”

Lapho abadala bevakashela uPavle entwasahlobo, kwase kunabantu abangu-11 ababekufanelekela ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe. Ngokushesha, bonke babhapathizwa.

^ isig. 20 Ngo-1992, iGeorgia yayinabamemezeli abashisekayo abangu-1 869 futhi kwaba khona abangu-10 332 eSikhumbuzweni.