Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IGEORGIA

Uthando Lweqiniso LwamaKristu Alusoze Lwaphela

Uthando Lweqiniso LwamaKristu Alusoze Lwaphela

U-Igor: Sobabili sasiseqenjini loFakazi elalisedolobheni laseTkvarcheli, e-Abkhazia. Ibandla esasingaphansi kwalo laliqhelelene ngamakhilomitha angu-85 nedolobha laseJvari, ngangiya eJvari njalo ngenyanga ngiyolanda izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Ngo-1992, ngemva nje kokuphela kwe-Soviet Union, isifunda esasizimele sase-Abkhazia sazama ukuzehlukanisa. Impi eyagqashuka phakathi kwebutho lezempi laseGeorgia nababezihlukanisa yadala izinkinga ezinkulu.

UGizo Narmania no-Igor Ochigava

La bazalwane ababili basebenza ndawonye ukuze basize amaKristu ayekanye nabo phakathi nempi eyayise-Abkhazia.

UGizo: Ngabhapathizwa ngineminyanga engu-21, kusasele unyaka nje kuqale izinxushunxushu. Lapho kugqashuka impi, abazalwane besaba, bengazi ukuthi bazoshumayela kanjani. U-Igor yena, obelokhu engumalusi onakekelayo, wayesikhuthaza, athi: “Lesi yisikhathi lapho abantu bedinga khona induduzo. Kudingeka siqhubeke nokushumayela ukuze sihlale siqinile ngokomoya.” Nsuku zonke sasiqhubeka sixoxa nomakhelwane bethu ngenduduzo evela eZwini likaNkulunkulu, kodwa sikwenza ngokuqapha.

U-Igor: Ngenxa yokuthi kwakunombango, sasingasebenzisi izindlela ezivamile eziya eJvari uma siyolanda izincwadi zethu. Njengoba ngakhulela khona e-Abkhazia, ngangikwazi ukuthola izindlela eziphephile emasimini etiye nasezintabeni. Kodwa ukuphila kwethu kwakusengozini ngoba sasingase sihlangane nabantu abahlomile noma sinyathele ibhomu elicushiwe. Nokho, ngangihamba ngedwa njalo ngenyanga ngoba ngangingafuni ukufaka ukuphila kwabafowethu engozini. Ngosizo lukaJehova, ngangihlale ngiphumelela ukuthola izincwadi ezasisiza sahlala siqinile ngokomoya.

Nakuba kwakungaliwa eTkvarcheli, idolobha lethu laligadiwe, lokho kwabangela ukuba sibhekane nobunzima besikhathi sempi. Njengoba ubusika babusondela futhi ukudla kuphela, sonke sasikhathazekile ngokuthi sizosinda kanjani. Sajabula kakhulu lapho sizwa ukuthi abafowethu baseJvari benza amalungiselelo okusisiza!

UGizo: Langa limbe, u-Igor wakhuluma nabasekhaya ebuza ukuthi indlu yasekhaya yayingasetshenziselwa yini ukugcina ukudla esasikulungiselelwe abafowethu. Wayehlela ukuyokulanda eJvari. Sasikhathazeke kakhulu njengoba sasazi ukuthi uzodlula ezindaweni zokusesha eziningi futhi wayengase abhekane nabantu abahlomile nezigebengu.—Joh. 15:13.

Sajabula kakhulu lapho u-Igor ebuya ephephile ngemva kwezinsukwana ehambile, eshayela imoto eyayigcwele ukudla okwakuzosilonda ezinyangeni ezaziseza zobusika! Ngalezo zikhathi zobunzima, sazizwela thina mathupha ukuthi uthando lweqiniso lwamaKristu alusoze lwaphela.—1 Kor. 13:8.