IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE
Umbiko Wezomthetho Ka-2016
Ezinkantolo nasezimweni ezinzima, abafowethu nodadewethu abangamaKristu bazibonakalisa beqotho kuJehova uNkulunkulu. Isibonelo sabo esihle sisikhuthaza sonke ukuba sime siqine okholweni, siqiniseka ngokuthi “uJehova . . . uyomenza ahluke oqotho wakhe.”—IHu. 4:3.
E-ARGENTINA | Ilungelo Lokufundisa Izingane Ngenkolo
URuth wakhulela emndenini woFakazi BakaJehova kodwa waphola lapho esemusha. Kamuva, wathandana nothile, wakhulelwa wazala ingane yentombazane. Ngelinye ilanga uRuth esedolobheni laseLa Plata, wabona oFakazi BakaJehova besetafuleni lokukhangisa ngezincwadi wabe esekhumbula lokho akufundiswa ekhaya. Lokho kwamenza wafuna ukubuyela koFakazi futhi waqala ukufundisa indodakazi yakhe iBhayibheli. Ubaba wengane wamelana nalokho waze wavulela uRuth icala ukuze amvimbele ukuba angayifundisi ingane yabo iBhayibheli noma ayiyise emihlanganweni yebandla.
Ummeli kaRuth wathi bobabili abazali bengane banelungelo lokuyifundisa ngenkolo nokuthi inkantolo ayikwazi ukuliphazamisa lelo lungelo ngaphandle uma kunobufakazi bokuthi leyo mfundiso iyayilimaza ingane. Inkantolo yanquma ukuthi abazali kufanele balihloniphe ilungelo lendodakazi yabo lokuba kunoma iyiphi inkolo, nakuba ingane yabo yayineminyaka emine kuphela ngaleso sikhathi! Inkantolo yokudlulisela amacala yathi ingane isencane kakhulu ukuba izinqumele ngokuphathelene nenkolo futhi bobabili abazali banamalungelo alinganayo okuyifundisa ngenkolo.
Indodakazi kaRuth ifunda iBhayibheli njalo ebusuku futhi iya naye emihlanganweni. Isijahe kakhulu ukuvakashela eBethel eBuenos Aires.
E-AZERBAIJAN | Ilungelo Lokuveza Izinkolelo
Umphostoli uPawulu waqaphela ukuthi ebandleni lamaKristu eqiniso, “uma ilungu elilodwa lihlupheka, wonke amanye amalungu ahlupheka kanye nalo.” (1 Kor. 12:26) Lokhu kwabonakala kuyiqiniso ngoba lapho u-Irina Zakharchenko noValida Jabrayilova base-Azerbaijan besebunzimeni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bazwelana nabo. Ngo-February 2015, iziphathimandla zabalahla ngamacala okwenza imisebenzi yenkolo engekho emthethweni. Ijaji labavalela esitokisini lapho babekezelela khona ukuhlukunyezwa nokugodlelwa izinto ababezidinga futhi kwacishe kwaphela unyaka bevalelwe ngoba icala labo lalihlehliswa kaningi.
Ekugcineni icala labo laqulwa ngo-January 2016, ijaji labalahla ngecala lase liyabahlawulisa, kodwa ngenxa yokuthi babekade betokile, ijaji alibahlawulisanga kodwa labadedela. Lapho odade befaka isicelo eNkantolo Yokudluliswa Kwamacala YaseBaku sokuba kusulwe amacala obugebengu ababebekwe wona, inkantolo yenqaba base bedlulisela icala eNkantolo Ephakeme. Ngaphezu kwalokho, bafaka izikhalo eKomitini Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangane ngokwephulwa kwelungelo lokuveza izinkolelo zabo nangokuhlukunyezwa.
Okwamanje, labo dade basalulama kulobo bunzima ababebhekene nabo. Babonga kakhulu ngemithandazo eminingi
kanye nothando ababoniswa lona. UDade Jabrayilova wabhalela iNdikimba Ebusayo: “Imithandazo yenu isisize sakwazi ukukhuthazela. Angisoze ngalukhohlwa uthando nokunakekela uJehova, abafowethu nodadewethu kanye nani enisibonise kona.”E-ERITREA | Baboshelwa Ukholo Lwabo
Kusukela ngo-July 2016, uhulumeni wase-Eritrea ubophe oFakazi BakaJehova abangu-55 ubabophela ukholo lwabo. Abazalwane abathathu—UPaulos Eyassu, u-Isaac Mogos noNegede Teklemariam—bebelokhu besejele kusukela ngo-September 1994 kanti kunabanye abazalwane abangu-9 uhulumeni abagcine ejele okungenani iminyaka eyishumi.
Ngo-January 2016, inkantolo yaqula icala loFakazi ababekade beboshwe eSikhumbuzweni esasingo-April 2014, e-Asmara. Kwakuqala ukuba iziphathimandla zibeke oFakazi icala “lokwephula umthetho” futhi zibanike ithuba lokuziphendulela. Njengoba kwakulindelekile, abazalwane nodade abaningi batholakala benecala lokuba nomhlangano “ongekho emthethweni” bahlawuliswa base beyadedelwa. Nokho, uSaron Gebru, wenqaba ukuhlawula. Ngakho, wagwetshwa izinyanga eziyisithupha esejele. UDade Gebru wayevumelekile ukuba avakashelwe kanye ngesonto futhi wathi wayephethwe kahle. Yena nabanye oFakazi abangu-54 ababoshiwe bayazisa kakhulu imithandazo yethu eminingi njengoba sonke ‘sihlala sibakhumbula labo abasezibophweni zasetilongweni njengokungathi siboshwe kanye nabo.’—Heb. 13:3.
EJALIMANE | Inkululeko Engokwenkolo—Ukuqashelwa Ngokomthetho
Ekugcineni, ngo-December 21, 2015, iBremen eyisifundazwe esisenyakatho-ntshonalanga yeJalimane yagunyaza ukuqashelwa ngokomthetho kweNhlangano Yenkolo YoFakazi BakaJehova yaseJalimane okusezingeni eliphezulu kunangaphambili. Lo mphumela waqeda ukugqigqa izinkantolo okwase
kuthathe iminyaka emine kulwelwa ukuqashelwa ngokomthetho eJalimane. Kulandelwa isinqumo esathathwa yi-Higher Administrative Court yaseBerlin iningi lezifundazwe ezingu-16 zaseJalimane lagunyaza ukuqashelwa ngokomthetho koFakazi BakaJehova, lathi bayinhlangano esemthethweni. Nokho, iziphathimandla zaseBremen zaphikisana nokuqashelwa koFakazi ngenxa yezinsolo ezingamanga ezazisatshalaliswa abaphikisi.Ngo-2015, iNkantolo yaseJalimane Yomthetho-Sisekelo yaphetha ngokuthi ukwenqaba kweBremen ukuba oFakazi baqashelwe ngokomthetho kuwukungalihloniphi ilungelo labo elingokomthetho. Lesi sinqumo sasiqinisekisa ukuthi umthetho-sisekelo unikeza oFakazi BakaJehova inkululeko engokwenkolo eBremen. Amabandla ayengeke esayikhokha intela futhi ayezothola namanye amalungelo ayetholwa izinhlangano zenkolo eJalimane.
EKYRGYZSTAN | Ilungelo Lokuveza Izinkolelo
Ngo-March 2013, izikhulu zase-Osh, eKyrgyzstan, zathwesa u-Oksana Koriakina nonina uNadezhda Sergienko amacala angamanga. Umshushisi wathi oFakazi babegebenga omakhelwane babo lapho bebashumayeza, ijaji lase libagweba ukuba bangaphumi endlini kuze kuthethwe icala labo. Ngo-October 2014, inkantolo yathola ukuthi ubufakazi babungelona iqiniso futhi kwakungalandelwanga imigomo efanele ngakho odadewethu batholwa bengenacala. Ngo-October 2015, inkantolo yokudlulisa amacala yavumelana naleso sinqumo.
Nokho, umshushisi wasedolobheni lase-Osh wafaka isikhalo eNkantolo Ephakeme yaseKyrgyzstan. INkantolo yasisula isinqumo esasithe odade abanacala, yathi kufanele lithethwe kabusha icala. Lapho kuthethwa icala ngo-April 2016, abameli bodade bafuna ukuba icala lichithwe ngoba isikhathi esasigunyaziwe sokuthethwa kwalo sase siphelile. Ngenxa yalokho, ijaji lalichitha leli cala.
esiku-Isaya 41:10: “Ungesabi . . . Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.”
Kubo bonke lobo bunzima, odade babelokhu benombono omuhle. UDade Sergienko wathi, “Ngokuvamile abantu baba nenzondo uma bephathwa kabi kodwa mina ngalubona uthando lukaJehova nokunakekela kwakhe esebenzisa abafowethu nodadewethu—sasingesodwa. Labo dade bazibonela ngawabo ukuthi uJehova uyaqhubeka esifeza isithembiso sakheEKYRGYZSTAN | Inkululeko Engokwenkolo—Ukuqashelwa Ngokomthetho
Ngo-August 9, 2015, kwatheleka amaphoyisa ayishumi phakathi nomhlangano webandla e-Osh eKyrgyzstan. Athi awuvalwe lo mhlangano “ongekho emthethweni” asongela ngokuthi uma kungenjalo azodubula bonke abantu abangu-40 ababekhona. Athatha abazalwane abayishumi aya nabo esiteshini samaphoyisa, afike ashaya abangu-9 ayesebadedela. Ngemva kwezinsuku ezimbili, amaphoyisa abopha uNurlan Usupbaev, omunye wabazalwane owayeshayiwe futhi amthwesa icala lokuqhuba inkolo engekho emthethweni ngoba uyena owayekade eqhuba umhlangano.
Lapho icala likaMfoweth’ u-Usupbaev selithethwa eNkantolo Yedolobha Lase-Osh, ijaji alibutholanga ubufakazi ngokumelene naye, ngakho lalichitha icala. Umshushisi wafaka isikhalo eNkantolo Yesifunda Yase-Osh, nayo yalichitha icala yathi uMfoweth’ u-Usupbaev akanakubekwa icala lokuqhuba imisebenzi engagunyaziwe engokwenkolo ngoba oFakazi BakaJehova eKyrgyzstan babhaliswe ngokomthetho.
Umshushisi akayekanga kodwa waqhubeka wafaka isikhalo eNkantolo Ephakeme YaseKyrgyzstan. UMfoweth’ u-Usupbaev wajabula lapho iNkantolo Ephakeme ilichitha icala ngo-March 2016, yabambelela kulokho okwakunqunywe iNkantolo Yedolobha nenkantolo yokudluliswa kwamacala, okwaqinisekisa ukuthi oFakazi BakaJehova banalo ilungelo lokuba nemihlangano engokwenkolo eKyrgyzstan. Icala abazalwane
abalivula ngokumelene namaphoyisa ase-Osh lisesezithebeni zenkantolo.ERUSSIA | Inkululeko Engokwenkolo
Naphezu kwemizamo yabamelela amalungelo abantu eRussia yokuba oFakazi bathole inkululeko engokwenkolo, uhulumeni waseRussia uyaqhubeka ubahlasela uphindelela. Okwamanje zingu-88 izincwadi zethu uhulumeni ozinqabelayo ngoba uthi “ziyeqisa” futhi usunqabele nokusetshenziswa kwengosi yoFakazi BakaJehova i-jw.org kuleli zwe. Ngo-2015, izikhulu zasemngceleni zakwenqabela ukungena kwe-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele eRussia futhi inkantolo yaseVyborg isicabanga ukunquma ukuthi leli Bhayibheli lesimanje libhekwe “njengeleqisayo.” Ngo-March 2016, iHhovisi LoMshushisi lasabisa ngokuthi lizovala amahhovisi amakhulu OFakazi BakaJehova eSolnechnoye, angaphandle kweSt. Petersburg, ngoba lithi benza “umsebenzi oweqisayo.”
Naphezu komkhankaso omkhulu osekelwa uhulumeni omelene noFakazi BakaJehova kukhona okuhle okuye kwenzeka. Ngo-October 2015, umshushisi othile wafaka isicelo sokuba kuqedwe iNhlangano Yenkolo (LRO) yoFakazi BakaJehova eseTyumen, eqhele ngamakhilomitha angu-2 100 empumalanga yeMoscow. Naphezu kobufakazi bokuthi amaphoyisa ayefake ubufakazi obungamanga, iNkantolo Yesifunda YaseTyumen yathola iNhlangano Yenkolo yoFakazi BakaJehova inecala. Nokho, ngo-April 15, 2016, iNkantolo Ephakeme Yombuso WaseRussia yasichitha leso sinqumo, yathi “zazingekho izizathu zokuvala iNhlangano Yenkolo yoFakazi BakaJehova edolobheni laseTyumen.” Lapho ijaji lifunda isinqumo abafowethu nodade abangu-60 ababegcwele enkantolo basukuma bashaya izandla.
Abantu bakaJehova eRussia bazimisele ukuqhubeka bemkhulekela kungakhathaliseki ukuthi “isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene [nabo].”—ERWANDA | Ilungelo Lokuthola Imfundo Ngaphandle Kokucwaswa Ngokwenkolo
Eminyakeni yamuva, izingane zesikole ezingoFakazi ziye zaxoshwa ezikoleni ngenxa yokwenqaba ukusekela izinto ezingokwenkolo noma ezibonisa ukushisekela izwe ezenziwa esikoleni. Ngo-December 14, 2015 uhulumeni wakhipha umyalo owawuhloselwe ukuqeda ukucwasa ngokwenkolo ezikoleni. Lo myalo uthi izikole kufanele zihloniphe ilungelo labafundi lokukhulekela ngokukhululekile.
Ngo-June 9, 2016 kwakhishwa isihloko esithi “INkantolo YaseRwanda Ilahla Ukucwasa Ngokwenkolo” engxenyeni ethi Izindaba kuyi-jw.org/zu. Iphephandaba elidumile laseRwanda elitholakala kuyi-Internet laphinde lasinyathelisa lesi sihloko. Ngemva kwalokho, abantu bangena kule ngosi izikhathi ezingaphezu kuka-3 000 futhi abaningi babhala izinto ezazisekela lokho okwakwenziwe uhulumeni. OFakazi eRwanda bajabula kakhulu ngalo myalo ngoba uqinisekisa ukuthi izingane zabo zingakwazi ukufunda ngaphandle kokucwaswa ngokwenkolo.
ESOUTH KOREA | Inkululeko Kanembeza—Ukwenqaba Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza
Sekuphele iminyaka engu-60 abazalwane abaneminyaka ephakathi kwengu-19 kuya kwengu-35 baseSouth Korea bebhekene nenkinga yokuthi bazoya yini empini. Uhulumeni waseSouth Korea awulihloniphi ilungelo lokwenqaba ukuya empini kanembeza futhi ayikho enye indlela ngaphandle kokuthi umuntu aye empini. Kweminye imindeni yoFakazi kugcina sekuboshwa umkhulu, ubaba kanye nendodana ngenxa yokwenqaba ukuya empini.
Izinkantolo ezincane nabanye abantu bathi kungokomthetho ukuba umuntu enqabe ukuya empini ngenxa kanembeza, iNkantolo yoMthetho-sisekelo ithi akunjalo. Ngo-July 9, 2015 iNkantolo yalalela lokho okwakushiwo abameli balabo abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. UMfoweth’ uMin-hwan Kim owaboshwa izinyanga ezingu-18 ngoba unembeza wakhe ungamvumeli ukuba aqeqeshelwe impi, uyachaza, “Ngijezisiwe ngabe sengiyakhishwa ejele. Nokho, ngithemba ukuthi abanye bona ngeke bajeziswe. Uma bevunyelwa ukwenza eminye imisebenzi bangaba usizo olukhulu emphakathini.” Kulindelwe ukuba iNkantolo Yomthetho-sisekelo ikhiphe isinqumo maduze.
ETURKMENISTAN | UBahram Hemdemov
UMfoweth’uHemdemov, uneminyaka engu-53 ushadile futhi unamadodana amane. Uyindoda emthandayo uNkulunkulu, eshisekayo futhi ehlonishwayo emphakathini. Ngo-May 2015, inkantolo yamgweba iminyaka emine esejele okufukuzwa kulo ngenxa yokuba nemihlangano engokwenkolo “engekho emthethweni” emzini wakhe. Uvalelwe ekamu lokufukuza elisesimweni esibi kakhulu edolobheni laseSeydi, lapho ayehlonywa khona imibuzo kaningi futhi eshaywa izikhulu. Nokho, yena nomndeni wakhe baye bahlala beqotho kuJehova uNkulunkulu. Inkosikazi kaMfoweth’ uHemdemov, uGulzira, iye yamvakashela izikhathi eziningana ukuze imkhuthaze.
Siyabathandazela laba bantu bakaJehova njengoba beqhubeka bebonakalisa ubuqotho babo naphezu kovivinyo. Isibonelo sabo sisenza sifune ukuba qotho kuNkulunkulu, sisethemba ngokuphelele isithembiso esisencwadini yamaHubo 37:28 esithi: “Ngeke abashiye abaqotho bakhe.”