Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ESierra Leone: UCrystal uthola usizo

UKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA EMHLABENI WONKE

Africa

Africa
  • INANI LAMAZWE 58

  • INANI LABANTU 1 109 511 431

  • INANI LABAMEMEZELI 1 538 897

  • INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 4 089 110

Wathandazela Ukuthola Izithulu

ESierra Leone, uCrystal, isithunywa sevangeli esikhonza ensimini okukhulunywa kuyo ulimi lwezandla, waqala usuku lwakhe ngokuthandazela ukuba athole izithulu. Ngalolo suku, njengoba ayecinga umuntu othile, wahamba ngenye indlela. Wabuza omakhelwane ukuthi bakhona yini abantu ababaziyo abayizithulu endaweni, babe sebemtshengisa umuzi othile. Kulowo muzi, wahlangana nowesifazane osemusha onobungane owajabula ngalokho ayemtshela kona futhi wathi angathanda ukuya emihlanganweni yolimi lwezandla. Abantu bendawo babuza uCrystal ukuthi angathanda yini ukwazi omunye umuntu oyisithulu. Ngakho wathola omunye umuntu othobekile owayomele iqiniso. Nakuba ayejwayele ukushumayela kuleyo ndawo, wayengakaze ahlangane nalabo bantu ababili ahlangana nabo ngalelo langa. UCrystal wathi wayengeke ahlangane nalabo bantu abathanda iqiniso ngaphandle kosizo lukaJehova.

“Le Nkulumo Ibiqondiswe Kimi!”

U-Emmanuel ohlala eLiberia, wayeya eHholo LoMbuso ukuze athole imihlangano yangempelasonto. Eduze komgwaqo kwakukhona insizwa egqoke kahle eyayibukeka ikhathazeke kakhulu. Ekhathazwe indlela eyayibukeka ngayo, u-Emmanuel wamisa imoto efuna ukuyisiza. Wathola ukuthi igama lale nsizwa uMoses. Ngayizolo ebusuku, kwakwebiwe yonke imali yakhe futhi wayesefuna ukuzibulala. U-Emmanuel wamlalela, wayesethi ngomusa, “Ngicela uhambe nami siye eHholo LoMbuso.” Baya ehholo ndawonye. Lokho uMoses akuzwa kwamkhalisa. Ngemva kokulalela inkulumo yeningi uMoses wathi: “Le nkulumo ibiqondiswe kimi! OFakazi BakaJehova abafani nezinye izinkolo.” Ekupheleni komhlangano uMoses wavuma ukufundelwa iBhayibheli futhi manje uba khona njalo emihlanganweni yebandla.

“Mina Angilona Iqaba”

U-Aminata ungumfundi oneminyaka engu-15 eGuinea-Bissau. Lapho eneminyaka engu-13, uthisha wakhe wezobuciko wacela ikilasi ukuba lidwebe izifihla-buso nezinye izinto ezihlotshaniswa nokugujwa kwemikhosi. Kunokuba enze kanjalo, u-Aminata wadweba izilwane nezihlahla wabe esebhala ukuthi “iPharadesi.” Lapho uthisha eseqoqa imidwebo, watshela u-Aminata ukuthi umdwebo wakhe wawungahambisani nesihloko ayesinikiwe futhi lapho uthisha esemaka wamnika u-0. Seliphelile ikilasi u-Aminata waya kuthisha, wambuza: “Obani abagubha lo mkhosi?”

“Amaqaba,” kuphendula uthisha.

EGuinea-Bissau: U-Aminata udweba “iPharadesi”

U-Aminata wabe esethi: “Mina angilona iqaba, ngakho angiyigubhi le mikhosi. Ngikholelwa ukuthi maduze uNkulunkulu uzoguqula lo mhlaba ube ipharadesi futhi yilokho engikudwebile.” Uthisha wathi wayezosihlela kabusha isivivinyo, kulokhu sibe imibuzo edinga izimpendulo. Waba yini umphumela? Wathola amamaki angu-18 kwangu-20.

Kwafika Abaningi

Iqembu elingalodwa elisemaphandleni aseMalawi linabamemezeli abangu-7. Bahlanganyela phansi kwesakhiwo esenziwe ngezingodo, utshani namacansi. Ngenxa yesikhuthazo abasinikezwa umbonisi wesifunda, abazalwane babonisa intshiseko enkulu lapho bememela abantu eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Isikhulumi sethula inkulumo yeSikhumbuzo kukhanyiswe izibani zamafutha ezazigaxwe ophahleni. Sasingakwazi nokunyakaza kahle ngenxa yobuningi babantu ababemenyiwe. Ungacabanga ukuthi labo bamemezeli abangu-7 bajabula kanjani lapho bezwa ukuthi bangu-120 ababekhona ngalolo suku!

EMalawi: Bangu-120 ababekhona

Incwajana Yamsiza Waxazulula Izinkinga Zomshado Wakhe

Ukufakaza okukhethekile emadolobheni amakhulu kuvame ukuphumela ezibusisweni ezingasheshi ukubonakala. ELomé, inhloko dolobha yaseTogo, owesifazane wasondela ngokungabaza enqoleni yezincwadi wabe esethatha incwajana ethi Umndeni Wakho Ungajabula. Kwaxoxwa naye ngencwadi yabase-Efesu 5:3. Lo wesifazane noFakazi banikezana izinamba zocingo. Ngemva kwamasonto amabili, lo wesifazane washaya ucingo, wathi: “Ngangingabathandi nhlobo oFakazi BakaJehova. Nokho, ngayifunda incwajana futhi imnandi kakhulu. Ingisize kakhulu ekuxazululeni izinkinga emshadweni wami futhi ngiye ngasiza neminye imindeni emibili. Umbono wami ngoFakazi BakaJehova wawunephutha. Ngicela nifike nizotadisha nami iBhayibheli.” Lo wesifazane kanye nale mindeni emibili ayeyisizile baqala ukufundelwa.

Wahumusha Incwajana

I-Ankasie idolobha elincane laseGhana. Kunabadayisi abambalwa abakhangisa ngezinto abazidayisayo emgwaqweni omkhulu. Nokho, njalo ngoMsombuluko kubekwa inqola yokufakaza emphakathini. Ngemva kokuba umfowethu uSamuel esexoxe no-Enoch, u-Enoch wathatha incwajana ethi Listen to God wabe esebuza uSamuel ukuthi zikhona yini izincwadi zolimi lwesiKusaal.

EGhana: Incwajwana wayihumushela olimini lwesiKusaal

USamuel wamphendula: “Ngiyaxolisa, asinazo. Kodwa zikhona ezesiFrafra,” ulimi oluhlobene nesiKusaal. Kamuva, u-Enoch wabuya ezocela ezinye izincwadi ukuze aziphathele izihlobo zakhe ngaphambi kokubuyela kubo enyakatho eqhelile.

Lapho esebuyela e-Ankasie, u-Enoch wanikeza uSamuel incwajana. U-Enoch wayeseyihumushele olimini lwesiKusaal incwajana ethi Listen to God! Uba khona emihlanganweni futhi ulitadisha njalo iBhayibheli.