UKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA EMHLABENI WONKE
E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi
-
INANI LAMAZWE 49
-
INANI LABANTU 4 464 374 770
-
INANI LABAMEMEZELI 728 989
-
INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 771 272
Kwaxoxwa Noyedwa Kwasabela Abaningi
EPhilippines, uJonathan wayelinde ukubona udokotela. Ebona indlela uJonathan ayegqoke ngayo, owesifazane owayesetafuleni lokwamukela abafikayo wacabanga ukuthi uJonathan wayesebenza ngomshuwalense. UJonathan wachaza ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova futhi wayezosiza isiguli esinguFakazi. Lo wesifazane, ogama lakhe linguLaila, uJohane 5:28, 29 wabe esemnika ipheshana elithi Ingabe Abafileyo Bangaphinde Baphile Ngempela?
kwamjabulisa lokho, wayesetshela uJonathan ukuthi ubaba wakhe, owayesanda kushona, wayevame ukufunda INqabayokulinda. UJonathan wamfundelaLapho uJonathan ebuyela esibhedlela waphathela uLaila ezinye izincwadi futhi wamdlulisela komunye udade owaqala ukufunda naye iBhayibheli. Ngokushesha umyeni kaLaila,
udadewabo nonina, bonke ababehlala naye, bahlanganyela esifundweni.URose, umakhelwane kaLaila, waya kuye wambuza ukuthi kungani ayevakashelwa abantu abaningi kangaka. ULaila wachaza ukuthi utadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngenxa yalokho, uRose naye waqala ukutadisha iBhayibheli futhi lapho evakashela udadewabo esifundeni sakubo, wamxoxela ngesasasa ngalokho ayekufunda. Udadewabo u-Abigail naye wafisa ukwazi okwengeziwe ngalokho uRose ayemxoxela khona, ngakho wacela isifundo seBhayibheli. Umama kaRose naye wasamukela isifundo seBhayibheli.
ULaila wabhapathizwa emhlanganweni wesifunda osanda kubakhona. Unina naye usebhapathiziwe. Umakhelwane wakhe, uRose kanye nodadewabo babhapathizwe ngonyaka odlule. Umama kaRose uba khona njalo emihlanganweni. Kukhona nezinye izihlobo zikaLaila eziqhubekayo nokutadisha iBhayibheli. Konke kwaqala ngomuntu oyedwa nje okwaxoxwa naye esibhedlela!
Kusetshenziswa Ezobuchwepheshe Ukuze Kufinyelelwe Izithulu
Ensimini okukhulunywa kuyo ulimi lwezandla eSri Lanka kunokwanda okukhulu. Ngo-2015, oFakazi babenamakheli angaphansi kwangu-80 ezithulu, ayebhalwe ephepheni. Manje, sekumiswe ibandla lokuqala okukhulunywa kulo uLimi Lwezandla LwaseSri Lanka, kwenziwe nendlela yokugcina imininingwane kuyi-computer enamagama angu-420 abayizithulu kanye namakheli anemininingwane yabo ye-GPS. Abazalwane sebeye baxhumana nabangaba ngamaphesenti angu-80, ngokuhlangana nabo, nge-video noma ngokuthumelelana imiyalezo. Abashadikazi abayizithunywa zevangeli bayabika: “Manje abamemezeli abayizithulu
sebenensimu abangayisebenza. Esikhathini esingaphambili, babehambela izithulu abazaziyo kuphela.”Izincomo Ezivela Esikhulwini Sikahulumeni
Abafowethu baseMongolia bahlanganyela ngentshiseko ekufakazeni okukhethekile emadolobheni amakhulu ngisho noma izinga lokushisa lehla lifike ku-30°C ngaphansi kwezinga-qhwa. Esinye isikhulu sikahulumeni sathatha incwadi enqoleni sabe sesibhala incwadi yokubonga. Leyo ncwadi yayithi: “ NgingumBuddha. Kodwa ngiyazihlupha ngokwazi ngezinye izinkolo ngoba ngikholelwa ukuthi akufanele sinamathele endleleni eyodwa kuphela, kufanele sifunde nangezinye. Ngemva kokufunda ezinye zezincwadi enizinikeza umphakathi, nginqume ukuba ngibhale nginitshele indlela engizizwa ngayo. Kuyacaca ukuthi siningi isikhathi namandla enikusebenzisa lapho nilungiselela lolu lwazi oluwusizo. Into engiyifundile kulezi zincwadi zenu ukuthi iBhayibheli liyincwadi okufanele umuntu ayifunde ngempela. Le ncwadi iqukethe iqiniso. IBhayibheli lisinika isiqondiso sangempela esiwusizo ekuphileni. Ngifisa ukubonga bonke abazikhandlayo ekuhumusheni izincwadi ngesiMongolia. Ngifisa nokubonga bonke abasilethela lezi zincwadi ukuze zisisize, kungakhathaliseki ukuthi kushisa noma kubanda kakhulu kangakanani.”
Umthandazo Wakhe Waphendulwa
EHong Kong, iphayona okuthiwa uBrett laxoxa nensizwa ecela eminyakeni engu-30, layinika ipheshana elithi Siyini Isihluthulelo Sokuba Nomndeni Ojabulayo? Ibona leli pheshana, le nsizwa yakhala. Yachaza ukuthi yayikhulele eqinisweni kodwa lapho isineminyaka engu-16, yabaleka ekhaya. Eminyakeni emihlanu eyalandela, yahlala emgwaqweni yagcina isiwumlutha wezidakamizwa kwaze kwaba yilapho itholwa futhi isizwa yinhlangano esiza umphakathi.
Buyela KuJehova. Ngenxa yokuthi le nsizwa kwakumelwe ibuyele eFrance ngalobo busuku, banikezana imininingwane yokuxhumana. Kamuva, le nsizwa yabhalela uBrett: “Mfowethu othandekayo, uJehova uye wayiphendula imithandazo yami. Ngizoya ehholo eliseduze ngeSonto.” Yaxhumana noFakazi eFrance futhi yaqala ukutadisha iBhayibheli nokuya esifundweni.
Yathi ngosuku eyayihlangane ngalo nalo mzalwane, yayikade ithandazile ithi, “Uma inkolo engakhulela kuyo ingeyeqiniso, ngicela wenze okuthile namuhla okuzongenza ngiyibone.” Yaba nomuzwa wokuthi umthandazo wayo usuphenduliwe. Bobabili baya esitolo sekhofi bafike baxoxa ngezinto ezimbalwa ezisencwadini ethi