Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

E-Azerbaijan

UKUSHUMAYELA NOKUFUNDISA EMHLABENI WONKE

EYurophu

EYurophu
  • INANI LAMAZWE 47

  • INANI LABANTU 744 482 011

  • INANI LABAMEMEZELI 1 611 290

  • INANI LEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI 834 121

Impendulo Emnene

EGeorgia, indoda ethile yaya enqoleni yezincwadi ithetha, ithi: “Ngeke nginivumele nishumayele la! IGeorgia iyizwe lamaKristu obu-Orthodox.” Umzalwane owayeseceleni kwenqola wabuza le ndoda ngomusa ukuthi yake yalithola yini ithuba lokufunda okungenani incwadi eyodwa ezincwadini zethu. Le ndoda yathi, “Cha, angikaze.” Umzalwane wabonisana kahle nale ndoda, eyicela ukuthi izifunde izincwadi. Indlela lo mzalwane akhuluma ngayo yenza ukuba le ndoda yehlise umoya, ithathe ezinye zezincwadi. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, le ndoda yabuya izoxolisa ngesenzo sayo. Yathi ifundele unina oyimpumputhe umagazini wethu. Bobabili bawuthanda kakhulu lo magazini futhi base befuna okunye ababezokufunda. Manje le ndoda isifika njalo enqoleni yethu izothatha omagazini bakamuva.

Indlela Engcono Yokulungisa Izinto

Ngenkathi abazalwane ababili beshumayela e-Azerbaijan, baya kwenye insizwa eyayimi phambi kwebhilidi elithile bayishumayeza. Le nsizwa yabaphendula, “Ngeke ngikulalele enikushoyo; ngabe ngenza isono.” Ngemva kwalokho yakhipha ummese ephaketheni elingemuva yathi, “Angizange ngiphathwe ngobulungisa, ngakho ngiyosebenzisa lo mmese ukuze kube nobulungisa.”

Lwabama entanyeni uvalo abazalwane, kodwa bathi kuyo, “Kuyisono ukubulala.”

Le nsizwa yathi, “Kufanele ngenzeni-ke mina?” Bayifundela umBhalo wamaRoma 12:17-21 bayichazela ukuthi impindiselo ingekaNkulunkulu nokuthi akufanele ‘inqotshwe okubi, kodwa kufanele iqhubeke inqoba okubi ngokuhle.’ Bayitshela ukuthi ulimi olumnene lunamandla nokuthi uma ilimaza noma ibulala othile, izohlushwa unembeza. Le nsizwa yakuthanda lokho eyayisanda kukuzwa, yabe isihamba.

Ngemva kwesikhathi esingangehora ihambile le nsizwa, yaphindela kulaba bazalwane yathi kubo: “Ngibuya kulo muntu ebengifuna ukumbulala. Angimenzanga lutho, sixoxile sayilungisa indaba. Ngiyabonga kakhulu, ningisizile ngangazifaka enkingeni.” Abazalwane bayichazela ukuthi empeleni nguJehova oyisizile.

Izinqola Zezincwadi Ziheha Udade Opholile

Eminyakeni ethile edlule, omunye udade waseNorway wahlehla eqinisweni. Nokho, ngemva kokuqalwa kokusetshenziswa kwezinqola ekufakazeni obala, lo dade wayevame ukudlula enye yezinqola lapho esezitolo.

Nakuba ayengakaze aye koFakazi ababesezinqoleni, wayekhangwa yizingqwembe kanye nezincwadi ezisezinqoleni. Lokhu kuhlanganise nobungani kanye nokubukeka koFakazi okunesizotha, kwamenza wafisa ukubuyela kuJehova nakubantu bakhe.

Lo dade wabona nophawu lwengosi yethu, i-jw.org, ngakho wanquma ukungena kuyo. Kwamhlaba umxhwele ukubona indlela okwakulula ngayo ukuthola ikheli leHholo LoMbuso eliseduze kanye nezikhathi zemihlangano. Wadawuniloda ezinye zezincwadi wabe eseya ehholo kodwa ethukile. Bamamukela ngemfudumalo, abadala bahlela ukuba udade othile amqhubele isifundo seBhayibheli. Ngokushesha waba nabangane ebandleni futhi wabuyela ekwenzeni izinto ezingokomoya. Manje uhlanganyela njalo emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini futhi ujabule ngokuthi usephinde wasondelana noJehova.

Ukushumayeza Afunda Nabo Ebhasini Yesikole

URonja waseNorway, oneminyaka engu-15, waxoxa nabafana abathathu afunda nabo ekilasini ebhasini lesikole ngokuziphendukela kwemvelo. Abazihloniphanga izinkolelo zakhe futhi lo dade osemusha akakuthandanga lokho. Ngenxa yokuthi wayengaqiniseki kahle ngalokho ayezokusho, wacela unina ukuba amsize ngamaphuzu ayezobenza bakholwe ukuthi ukhona uMdali.

ENorway: URonja uvikela izinkolelo zakhe

Ngosuku olulandelayo ebhasini, uRonja wasebenzisa amaphuzu ayewalungiselele. Nokho, abafana bamgcona ngokuba nokholo kuJehova. Omunye kubo wamemeza wathi: “Akekho okholelwa kuJehova kuleli bhasi! Ngicela niphakamise izandla. Obani abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo, obani abakholelwa kuJehova?” Kwammangaza uRonja ukubona umfana owayeneminyaka engu-12 owayehleli eduze ephakamisa isandla ethi, “Ngiyakholelwa kuJehova!” Nezinye izingane ezimbili zathi, “Nami!” Abanye abafundi babemzwile uRonja exoxa futhi abanye babewakholelwa amaphuzu ayewavezile!

Indoda Engakwazi Ukufunda Ithola Incwadi

Ngenye intambama, amadoda amabili aseSiriya akhuluma isi-Arabhu, eza ehhovisi legatsha laseDenmark. Akhuluma nodade ababesendaweni okufikelwa kuyo bathi bafuna oFakazi BakaJehova. Odade bawatshela ukuthi ayefike endaweni efanele, ajabula kakhulu. Ayelithole kanjani ikheli? Ayebonise umuntu osebenza emtapweni wezincwadi isithombe ayesithathe ngomakhalekhukhwini wawo. Kwakuyisithombe sekhasi labanyathelisi lencwadi yesi-Arabhu ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Lowo muntu wabe esewanikeza ikheli lehhovisi legatsha.

Kwakunzima ngala madoda ukukhuluma isiDanish. Ngakho umzalwane owayekhuluma isi-Arabhu wabizelwa endaweni okufikelwa kuyo. Kwavele kwacaca ukuthi enye yawo yayinesifiso esijulile sokufunda kabanzi ngeBhayibheli. Umzalwane wathatha imininingwane wabe eseyithembisa ukuyivakashela ehamba nomunye umzalwane okhuluma ulimi lwesi-Arabhu.

Lapho laba bazalwane bevakashela le ndoda, bathola ukuthi yayingakaze ivakashelwe oFakazi BakaJehova. Yabatshela ukuthi yayikade ithole incwadi ebhalwe ngesi-Arabhu eposini layo, yabe isimangala ukuthi baze ngani ukuthi ikhuluma lolo limi ngoba iposi layo lalingabhaliwe ukuthi ikhuluma lolu limi. Ngenxa yokuthi yayingafundile, yacela omunye umngani wayo ukuba ayifundele incwadi, abayifunda bayiqeda ngezinsuku ezintathu. Lokho eyakuzwa kwakwanele ukuba ikholiseke ukuthi ilitholile iqiniso.

Ukuba umbaleki ezweni elikude kakhulu nomndeni wayo kuye kwayicindezela kodwa manje isithola induduzo eBhayibhelini. Ngesikhathi lo mlisa evakashelwe abazalwane okokuqala, wababuza: “Kungani ningafikanga esikhathini esingaphambili? Bengikudinga ngempela lokhu.” Usaqhubeka nokufunda nabazalwane futhi ujabule kakhulu ngalokho akufundayo.

Wayengazi Lutho Ngonkulunkulu Kodwa Manje Useyajabula

UDmitry wayengumphathi enkampanini kagwayi ese-Ukraine, kodwa lapho ebona ukuthi ugwayi uyingozi kangakanani empilweni yomuntu, washiya umsebenzi wakhe oholela kahle. Phakathi nezinyanga ezintathu, kwashona unina kanye nomkhwekazi wakhe. Ukulahlekelwa ngabathandekayo kwamqeda amandla. Wayethemba ukuthi esontweni wayezothola induduzo kanye nezimpendulo zemibuzo ayenayo, kodwa lokho akuzange kwenzeke. Umngane wakhe wamtshela ukuthi ukuba umKristu ongum-Orthodox kusho “ukugaxa isiphambano entanyeni ube ungazi lutho.” Yileyo ndlela uDmitry ayezizwa ngayo. Waqaphela ukuthi wayengazi lutho ngoNkulunkulu noma ngeBhayibheli. Esephelelwe yithemba, wathandaza ecela usizo. Ngemva kwalokho wakhumbula ukuthi wayeke wezwa ngoFakazi BakaJehova. Wathola ingosi yethu kuyi-Internet futhi wahlabeka umxhwele lapho ebona ukuthi le ngosi inikeza ulwazi oluningi kangakanani ngeBhayibheli. Ngokulandelayo, wafuna iHholo LoMbuso eliseduze. Lapho efika endaweni yokupaka izimoto, umzalwane owayengumlindi wamamukela, wambuza ukuthi kukhona yini angamsiza ngakho. UDmitry wathi, “Ngidinga isifundo seBhayibheli.” Sekuphele izinyanga eziyisithupha uDmitry efunda, eba khona njalo emihlanganweni futhi ehlanganyela kuyo.

Ukulandelela Isithakazelo Ngokubhala Umyalezo Omfushane

UPaul noFaith, abahlala eBrithani, baxoxa kamnandi nowesifazane ogama lakhe linguSusan futhi bahlela ukuphindela kuye. Kodwa lapho bebuyela, uSusan wayengekho ekhaya. UPaul noFaith balandela isiqondiso sokushiya umyalezo omfushane, esikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 2014, bawushiya bathi bazobuya ngosuku olulandelayo. Lapho bebuyela, bamangala lapho bethola umyalezo omfushane ubhalwe wananyekwa esicabheni somnyango kaSusan. Kuwo, uSusan wachaza ukuthi wayeyothenga izinto zomshado wendodakazi yakhe. UPaul noFaith baphinde bashiya omunye umyalezo owawuthi bazophinde babuye ngesonto elilandelayo. Kulokhu, uSusan wabalinda futhi baqala ukufunda incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.

EBrithani: UPaul noFaith bashiya imiyalezo

USusan wabuza ukuthi bangakwazi yini ukuhlehlisa isifundo esilandelayo ngenxa yokuthi wawususondele umshado wendodakazi yakhe. Lapho uPaul noFaith bebuyela, bangqongqoza emnyango bangavulelwa muntu ngakho bashiya umyalezo owawunenombolo yabo yocingo. Bajabula lapho bethola umyalezo ocingweni ovela kuSusan owawuthi uyaxolisa ngokuthi abamtholanga; wayekade ekhuluma nomakhelwane wakhe engadini. Kusukela lapho, uSusan uye wajabula ngokuba nesifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo futhi usanda kuya emhlanganweni okokuqala ngqa.

UPaul noFaith bayakuthanda ukushiya izincwadi abazibhalile ukuze baqhubeke bexhumana nabantu. “Sibe nezimpindelo eziningi zabantu abafunda imiyalezo esibashiyele yona. Akuve kusebenza!”

Ukholo Lwakhe Lwathinta Umhlengikazi

Ngo-August 2014, umzalwane owayenehlule emaphashini, walaliswa esibhedlela esiseHungary. Ngokudabukisayo, washona ngemva kwesikhashana. Inkosikazi yakhe yabhala lokhu mayelana noTünde, umhlengikazi owasiza umyeni wayo:

“Ngehlobo lonyaka ka-2015, mina nendodana yami saya eMhlanganweni Wesifunda owawunesihloko esithi ‘Lingisa UJesu!’ Lapho kuphela usuku lokugcina lomhlangano, njengoba sasisendaweni yezimoto silungiselela ukubuyela ekhaya, kwama owesifazane phambi kwami, wadedela izikhwama zakhe, wangibamba ngemfudumalo, wakhala. Kwakungumhlengikazi owayenakekele umyeni wami egunjini labagula kakhulu. Wachaza ukuthi njalo ngezikhathi zokungena, umhlengikazi ngamunye wayabelwa ukuba anakekele isiguli esisodwa. Uthi njalo wayethandazela ukuba abelwe ukuba asize umyeni wami. Yilokho kanye okwakwenzeka!

“UTünde uthi ukuziphatha okuhle komyeni wami ngenxa yokholo lwakhe kanye nokukhuluma kwakhe njalo ngethemba ayenalo kwamkhuthaza ukuba afune ukuqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova.

“UTünde, usetadisha iBhayibheli futhi uthi ubheke phambili esikhathini lapho eyokwamukela khona umyeni wami. Ufuna ukumazisa ukuthi ukuziphatha kwakhe kanye nokholo ayenalo kwamsiza ukuba azi uJehova kanye nezithembiso zakhe ezimangalisayo.”

Ukushumayela Emalolini

EBulgaria: Ukushumayela kubashayeli bamaloli emngceleni

Ngenxa yemibhikisho kanye nokuvalwa kwemigwaqo, ezinye izindawo zokusesha emngceleni ohlukanisa iGreece neBulgaria zazivaliwe, kunezimoto ezikolayini abaningi, abade kakhulu. Ibandla laseBulgaria elaliseduze lasebenzisa lelo thuba ukuze lihambise izincwadi nomagazini kulabo ababelinde kolayini. Abazalwane baya emngceleni bephethe izincwadi ngezilimi ezingu-12. Abashayeli abaningi bamaloli babekhathele futhi becasukile kodwa babefuna ukukhuluma. Abazalwane babalalela ngesineke, babanika ithemba nesikhuthazo. Omunye umshayeli wabuza, “NingoFakazi BakaJehova?” Ngemva kokuba umzalwane evumile, wanezela, “Bengazi, ngoba oFakazi BakaJehova kuphela abangashumayela njengoba nenza.” Umshayeli weloli wase-Austria wancokola nabo wathi: “Ngisho nalapha asikwazi ukunibalekela! Siyanibongela! Ngicela niqhubeke ninika abantu induduzo nethemba.” Omunye wathi: “Angikaze ngibe nesifiso sokufunda izincwadi zenu. Manje sengizozifunda ngokukhulu ukwazisa.” Zavele zehla izinyembezi komunye umshayeli lapho umzalwane emshumayeza. Umshayeli wathi wayekade enguFakazi eminyakeni eminingi edlule. Abazalwane bamkhuthaza ukuba angagcini nje kuphela ngokufunda izincwadi kodwa axhumane nebandla.