Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uzoyenza Intando KaJehova?

Ingabe Uzoyenza Intando KaJehova?

Siyakubonga ngokuzinika isikhathi sokufunda le ncwajana ukuze wazi kabanzi ngoFakazi BakaJehova, ufunde ngemisebenzi yethu futhi ubone indlela inhlangano yethu esebenza ngayo. Sethemba ukuthi ikusizile ukuba ubone ukuthi yithina esenza intando kaJehova namuhla. Sikukhuthaza ukuba uqhubeke ungenisa ulwazi ngoNkulunkulu, uxoxele wonke umkhaya wakho noma abakini nabangane ngalokho okufundayo, futhi ube khona njalo emihlanganweni yethu yobuKristu.—Hebheru 10:23-25.

Uzothola ukuthi lapho uqhubeka ufunda ngoJehova, kuyokukhanyela nakakhulu ukuthi ukuthanda kakhulu kangakanani. Uyobe usuthinteka ukuba wenze konke okusemandleni ukuze nawe umbonise uthando. (1 Johane 4:8-10, 19) Kodwa ungalubonisa kanjani lolo thando ekuphileni kwakho kwansuku zonke? Kungani ukulalela imithetho yakhe yokuziphatha kuzuzisa wena? Futhi yini ezokusiza ufune ukwenza intando kaNkulunkulu kanye nathi? Umuntu okufundela iBhayibheli uzokusiza uhlole izimpendulo zale mibuzo ukuze wena nomkhaya wakho ‘nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, ninombono wokuphila okuphakade.’—Jude 21.

Siyakucela ukuba uqhubeke uthuthuka eqinisweni ngokufunda le ncwadi . . .  “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu.”