ISIFUNDO 14
Iyiphi Imfundo Elungiselelwe Amaphayona?
Kusukela kudala, imfundo engokwasezulwini ibilokhu iyisici esiphawulekayo soFakazi BakaJehova. Labo abanikela ngesikhathi sabo esigcwele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso banikezwa imfundo ekhethekile ukuze bakwazi ‘ukuyifeza ngokugcwele inkonzo yabo.’—2 Thimothewu 4:5.
ISikole Senkonzo Samaphayona. Lapho iphayona elivamile seliqede unyaka wokuqala enkonzweni yesikhathi esigcwele, libe selibhaliswa esikoleni esithatha izinsuku eziyisithupha esingase sibe seHholo loMbuso eliseduze. Injongo yaso iwukusiza iphayona lisondele nakakhulu kuJehova, liphumelele ngokwengeziwe kuzo zonke izici zenkonzo futhi liqhubeke nenkonzo yokwethembeka.
ISikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Lesi sikole esithatha izinyanga ezimbili sihloselwe ukuqeqesha amaphayona angomakad’ ebona azimisele ukushiya amakhaya ukuze ayokhonza nomaphi lapho edingeka khona. Kunjengokungathi athi, “Nangu mina! Thuma mina,” elingisa uMvangeli omkhulu kunabo bonke owake wakhonza emhlabeni, uJesu Kristu. (Isaya 6:8; Johane 7:
I-Watchtower Bible School of Gilead. NgesiHebheru igama elithi “Gileyadi” lisho “iNqwaba Yobufakazi.” Kusukela iSikole SaseGileyadi sasungulwa ngo-1943, bangaphezu kuka-8 000 abaye bathweswa iziqu bathunywa njengezithunywa zevangeli ukuba bayonikeza ubufakazi “kuze kube semkhawulweni womhlaba” futhi baphumelela kakhulu. (IzEnzo 13:
-
Iyini injongo yeSikole Senkonzo Samaphayona?
-
Sihloselwe obani iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso?