Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
Ingabe . . .
-
uyinto ethile esenhliziyweni yakho?
-
ufanekisela okuthile?
-
unguhulumeni osezulwini?
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
“UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze ubhujiswe.”—Daniyeli 2:44, INguqulo Yezwe Elisha.
‘Siphiwe indodana; uhulumeni uyoba semahlombe ayo.’—Isaya 9:6; umbhalo waphansi.
LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE
-
Kuyoba nohulumeni onobulungisa oyokwazi ukuzuza kuwo.—Isaya 48:17, 18.
-
Emhlabeni omusha ozayo, uyophila saka futhi ujabule.—IsAmbulo 21:3, 4.
SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?
Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezimbili:
-
UJesu wakubonisa lokho okuyofezwa uMbuso kaNkulunkulu. UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze nokuba intando yaKhe yenzeke emhlabeni. (Mathewu 6:9, 10) UJesu wabonisa indlela lowo mthandazo oyophendulwa ngayo.
Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wondla abalambile, welapha abagulayo futhi wavusa abafileyo! (Mathewu 15:29-38; Johane 11:38-44) NjengoMbusi wesikhathi esizayo woMbuso kaNkulunkulu, uJesu wasinikeza amazwibela amahle alokho lowo Mbuso oyokwenzela abantu abangaphansi kwawo.—IsAmbulo 11:15.
-
Izinto ezenzeka emhlabeni ziqinisekisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzofika maduzane. UJesu wabikezela ukuthi ngaphambi nje kokuba uMbuso ulethe ukuthula emhlabeni, umhlaba uyogcwala izimpi, indlala nokuzamazama komhlaba.—Mathewu 24:3, 7.
Yilokho kanye esikubona namuhla. Ngakho singaqiniseka ngokuthi maduzane uMbuso kaNkulunkulu uzoziqeda zonke lezi zinkinga.
CABANGA NGALOKHU
Kuyoba njani ukuphila lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu?
IBhayibheli liyawuphendula lowo mbuzo encwadini yeHUBO 37:29 naku-ISAYA 65:21-23.