Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 15

Indlela Efanele Yokukhonza UNkulunkulu

Indlela Efanele Yokukhonza UNkulunkulu

1. Ubani okufanele asitshele indlela efanele yokukhonza uNkulunkulu?

IZINKOLO eziningi zithi zifundisa iqiniso ngoNkulunkulu. Kodwa lokho akulona iqiniso ngoba izinkolo zifundisa izinto ezingafani mayelana nokuthi ungubani uNkulunkulu, nokuthi kufanele simkhonze kanjani. Singayazi kanjani indlela uNkulunkulu afuna simkhonze ngayo? UJehova kuphela ongasitshela ukuthi ufuna simkhonze kanjani.

2. Ungayazi kanjani indlela efanele yokukhonza uNkulunkulu?

2 UJehova usinikeze iBhayibheli ukuze sifunde indlela okufanele simkhonze ngayo. Tadisha iBhayibheli, uJehova uzokusiza ukuqonde lokho elikushoyo ngoba ukuthanda kakhulu.—Isaya 48:17.

3. Yini uNkulunkulu afuna siyenze?

3 Abanye abantu bathi uNkulunkulu uzamukela zonke izinkolo, kodwa uJesu akakushongo lokho. Wathi: ‘Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa yilowo owenza intando kaBaba.’ Kubalulekile ukuba siyazi intando kaNkulunkulu futhi siyenze. Lokhu akufanele ukuthathe kancane, ngoba uJesu wathi labo abangamlaleli uNkulunkulu bafana nezigebengu, abantu “abenza okungemthetho.”—Mathewu 7:21-23.

4. Yini uJesu ayisho mayelana nokwenza intando kaNkulunkulu?

4 UJesu wathi ngeke kube lula ukwenza intando kaNkulunkulu. Wathi: “Ngenani ngesango elincane; ngoba ibanzi futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni, baningi abangena ngayo; kanti lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, bambalwa abayitholayo.” (Mathewu 7:13, 14) Indlela enyinyekile, ewukukhonza uNkulunkulu ngendlela ayifunayo, iholela ekuphileni okuphakade. Indlela evulekile, ewukukhonza uNkulunkulu ngendlela engafanele, iholela ekufeni. UJehova akafuni abantu bafe. Unika wonke umuntu ithuba lokufunda ngaye.—2 Petru 3:9.

INDLELA UNKULUNKULU AFUNA SIMKHONZE NGAYO

5. Ungababona kanjani labo abakhonza uNkulunkulu ngendlela ayifunayo?

5 UJesu wathi singakwazi ukubabona labo abakhonza uNkulunkulu ngendlela ayifunayo, ngokuhlola lokho abakukholelwayo nezenzo zabo. Wathi: “Niyobazi ngezithelo zabo.” UJesu wafanisa inkolo yeqiniso nesihlahla esihle lapho ethi: “Yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle.” (Mathewu 7:16, 17) Lokhu akusho ukuthi labo abakhonza uNkulunkulu abawenzi amaphutha. Kodwa bazama ngokusemandleni abo ukwenza okulungile. Ake sihlole lokho okungasisiza sibone labo abakhonza uNkulunkulu ngendlela ayifunayo.

6, 7. Kungani izimfundiso zenkolo yeqiniso zisekelwe eBhayibhelini? Isibonelo sikaJesu sisifundisani?

6 Esikufundisayo kufanele sikuthathe eBhayibhelini. IBhayibheli lithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” (2 Thimothewu 3:16, 17) Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu: “Ngesikhathi namukela izwi likaNkulunkulu, enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu njengoba nje liyilo ngempela.” (1 Thesalonika 2:13) Indlela yokukhonza uNkulunkulu efanele isekelwe eBhayibhelini kuphela. Ayisekelwe emibonweni yabantu, emasikweni noma kwezinye izinto.

7 Konke uJesu akufundisa wayekuthatha eZwini likaNkulunkulu. (Funda uJohane 17:17.) Wayevame ukucaphuna imiBhalo lapho efundisa. (Mathewu 4:4, 7, 10) Izikhonzi zikaNkulunkulu zilandela isibonelo sikaJesu, yonke into eziyifundisayo ziyithatha eBhayibhelini.

8. Yini uJesu asifundisa yona mayelana nokukhonza uJehova?

8 Kufanele sikhonze uJehova kuphela. IHubo 83:18 lithi: “Wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” UJesu wayefuna abantu bamazi uNkulunkulu weqiniso, futhi wabafundisa igama likaNkulunkulu. (Funda uJohane 17:6.) UJesu wathi: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.” (Mathewu 4:10) Njengezikhonzi zikaNkulunkulu, silandela isibonelo sikaJesu. Sikhonza uJehova kuphela, sisebenzisa igama lakhe futhi sifundisa abanye ngalo nangalokho azosenzela kona.

9, 10. Sibonisa kanjani ukuthi siyathandana?

9 Kumelwe sithandane ngokusuka enhliziyweni. UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandane. (Funda uJohane 13:35.) Akunandaba ukuthi siqhamukaphi, sakhuliswa kanjani, sinemali noma asinayo. Kumelwe sithandane njengezingane zandawonye. (Kolose 3:14) Ngakho, asiyi ezimpini noma sibulale abantu. IBhayibheli lithi: “Abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaDeveli babonakala ngalokhu: Wonke umuntu ongaqhubeki enza ukulunga akaveli kuNkulunkulu nalowo ongamthandi umfowabo.” Liphinde lithi: “Kufanele sithandane; singafani noKhayini, owayevela komubi futhi wabulala umfowabo.”—1 Johane 3:10-12; 4:20, 21.

10 Sisebenzisa isikhathi sethu, amandla kanye nezinto esinazo ukuze sisizane futhi sikhuthazane. (Hebheru 10:24, 25) ‘Senza okuhle kubo bonke.’—Galathiya 6:10.

11. Kungani silalela uJesu?

11 Kufanele silalele uJesu ngoba uyindlela esiyisa kuNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Ayikho insindiso kunoma ubani omunye, ngoba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikwe ukuba libe phakathi kwabantu okumelwe sisindiswe ngalo.” (IzEnzo 4:12) ESahlukweni 5 sale ncwadi, sifunde ukuthi uJehova wathumela uJesu ukuze anikele ngokuphila kwakhe, kube yisihlengo sabantu abalalelayo. (Mathewu 20:28) UJehova ukhethe uJesu ukuba abuse njengeNkosi emhlabeni wonke. Yingakho iBhayibheli lithi uma sifuna ukuphila phakade, kufanele silalele uJesu.—Funda uJohane 3:36.

12. Kungani singangeni ezindabeni zepolitiki?

12 Akufanele singene ezindabeni zepolitiki. UJesu akazange angene ezindabeni zepolitiki. Lapho equliswa icala, watshela umbusi wamaRoma uPilatu: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.” (Funda uJohane 18:36.) NjengoJesu, sisekela uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini kuphela, ngenxa yaleso sizathu asingeni ezindabeni zepolitiki, noma ngabe sihlalaphi. Noma kunjalo, iBhayibheli lisiyala ukuba sizithobe “emagunyeni aphakeme,” ohulumeni. (Roma 13:1) Siyayilalela imithetho yasemazweni esihlala kuwo. Kodwa uma leyo mithetho iphikisana nemithetho kaNkulunkulu, silingisa abaphostoli abathi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:29; Marku 12:17.

13. Yini esiyikholelwayo nesiyitshela abantu ngoMbuso kaNkulunkulu?

13 Sikholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu iwona kuphela ongalungisa izinkinga ezisemhlabeni. UJesu wathi ‘izindaba ezinhle zombuso’ zaziyoshunyayelwa emhlabeni wonke. (Funda uMathewu 24:14.) Awukho uhulumeni, ngaphandle kokaNkulunkulu, ongasilethela ukuphila okungcono. (IHubo 146:3) UJesu wasifundisa ukuba sithandazele uMbuso kaNkulunkulu lapho ethi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) IBhayibheli lisitshela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyobhubhisa bonke ohulumeni babantu, bese ‘wona uqobo uma kuze kube phakade.’—Daniyeli 2:44.

14. Obani okholelwa ukuthi bakhonza uNkulunkulu ngendlela ayifunayo?

14 Njengoba usufunde lokhu okungenhla, zibuze: ‘Obani abafundisa lokho okuseBhayibhelini? Obani abatshela abanye igama likaNkulunkulu? Obani abathandana ngempela futhi abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wathumela uJesu ukuze sisindiswe? Obani abangangeni ezindabeni zepolitiki? Obani abafundisa ukuthi nguMbuso kaNkulunkulu kuphela ongalungisa izinkinga zethu?’ OFakazi BakaJehova kuphela abakwenzayo konke lokho.—Isaya 43:10-12.

YINI OZOYENZA?

15. Yini okufanele siyenze uma sifuna uNkulunkulu ayamukele indlela esimkhonza ngayo?

15 Akwanele ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ngisho namademoni ayakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, kodwa awamlaleli. (Jakobe 2:19) Uma sifuna uNkulunkulu ayamukele indlela esimkhonza ngayo, akwanele ukukholelwa ukuthi ukhona, kufanele senze lokho akushoyo.

16. Kungani kufanele singazihlanganisi nenkolo yamanga?

16 Uma sifuna uNkulunkulu ayamukele indlela esimkhonza ngayo, kufanele siyeke ukuzihlanganisa nenkolo yamanga. Umprofethi u-Isaya wabhala: “Phumani phakathi kwalo, zigcineni nihlanzekile.” (Isaya 52:11; 2 Korinte 6:17) Yingakho kufanele senqabe noma yini engase isihlanganise nenkolo yamanga.

17, 18. Liyini “iBhabhiloni Elikhulu” futhi kungani kuphuthuma ukuba uphume kulo?

17 Iyini inkolo yamanga? Yinoma iyiphi inkolo esifundisa ukukhonza uNkulunkulu ngendlela ehlukile kunalokho iZwi lakhe elikushoyo. IBhayibheli libiza zonke izinkolo zamanga ngokuthi “iBhabhiloni Elikhulu.” (IsAmbulo 17:5) Kungani lizibiza kanjalo? Ngemva kukaZamcolo, izimfundiso eziningi ezingamanga zaqala edolobheni laseBhabhiloni. Lezo zimfundiso ezingamanga, zagcwala umhlaba wonke. Ngokwesibonelo, abantu ababehlala eBhabhiloni babekholelwa ukuthi kunonkulunkulu oyedwa kodwa ohlukene kathathu. Nanamuhla, izinkolo eziningi zifundisa ukuthi uNkulunkulu, uJesu, nomoya ongcwele kuyinto eyodwa, kodwa iBhayibheli likwenza kucace ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa weqiniso uJehova, nokuthi uJesu uyiNdodana yakhe. (Johane 17:3) Abantu ababehlala eBhabhiloni babekholelwa nokuthi umuntu unento ethile engaphakathi kuye eqhubeka iphila ngemva kokuba umzimba usufile, nokuthi leyo nto iyahamba iyohlushwa esihogweni. Akulona iqiniso lokho.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 14, 17 no 18.

18 UNkulunkulu wathi zonke izinkolo zamanga zizobhujiswa maduze. (IsAmbulo 18:8) Uyabona ukuthi kungani kuphuthuma ukuba uphume enkolweni yamanga? UJehova uNkulunkulu ufuna uphume kuyo isikhathi sisekhona.—IsAmbulo 18:4.

Uma ukhonza uJehova ukanye nabantu bakhe, uyoba ingxenye yomndeni wakhe osemhlabeni wonke

19. Uma ukhetha ukukhonza uJehova, yini azokwenzela yona?

19 Uma ukhetha ukushiya inkolo yamanga bese ukhonza uJehova, abanye abangane bakho nezihlobo bangase bangaqondi ukuthi ukwenzeleni lokho, futhi bangase benze ukuphila kwakho kube nzima. Kodwa uJehova ngeke akulahle. Uzoba ingxenye yomndeni wabantu abayizigidi emhlabeni wonke abathandana ngempela, futhi uyoba nethemba lokuphila phakade emhlabeni omusha kaNkulunkulu. (Marku 10:28-30) Ngokuhamba kwesikhathi kungenzeka abanye babangane nezihlobo ababengavumelani nesinqumo sakho sokukhonza uJehova bavume ukufunda iBhayibheli.

20. Kungani kubalulekile ukukhonza uNkulunkulu ngendlela efanele?

20 Maduze uNkulunkulu uzoziqeda zonke izinto ezimbi, bese uMbuso wakhe ubusa umhlaba wonke. (2 Petru 3:9, 13) Kuyoba isikhathi esimnandi leso! Wonke umuntu uyokhonza uJehova ngendlela afuna simkhonze ngayo. Kubalulekile ukuba unqume manje ukukhonza uNkulunkulu ngendlela efanele.