Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 18

Ngikunikele Yini Ukuphila Kwami KuNkulunkulu Bese Ngiyabhapathizwa?

Ngikunikele Yini Ukuphila Kwami KuNkulunkulu Bese Ngiyabhapathizwa?

1. Yini okungenzeka uzibuze yona njengoba usufunde amaqiniso akule ncwadi?

MANINGI amaqiniso aseBhayibhelini osuwafundile ngosizo lwale ncwadi, njengesithembiso sikaNkulunkulu sokusipha ukuphila okuphakade, ukuthi kwenzekani uma sesifile, nokuthi abafile bazovuswa. (UmShumayeli 9:5; Luka 23:43; Johane 5:28, 29; IsAmbulo 21:3, 4) Kungenzeka ukuthi usuyaya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, futhi uyakholelwa ukuthi bakhonza uNkulunkulu ngendlela ayifunayo. (Johane 13:35) Kungenzeka usuqalile nokwakha ubungane noJehova, wanquma nokuthi usufuna ukumkhonza. Mhlawumbe usuyazibuza, ‘Yini osekumelwe ngiyenze manje ukuze ngikhonze uNkulunkulu?’

2. Kungani indoda engumTopiya yayifuna ukubhapathizwa?

2 Yilokho indoda engumTopiya eyayiphila ngesikhathi uJesu esasemhlabeni eyazibuza kona. Ngemva kwesikhathi uJesu evusiwe, umfundi wakhe uFiliphu washumayeza le ndoda. UFiliphu wayibonisa ubufakazi bokuthi uJesu wayenguMesiya. Lokho le ndoda engumTopiya eyayikufunda kwayithinta kakhulu, ngaso leso sikhathi yathi: “Bheka! Amanzi amaningi; yini engivimbela ukuba ngibhapathizwe?”—IzEnzo 8:26-36.

3. (a) Imuphi umyalo uJesu awunika abalandeli bakhe? (b) Umuntu kufanele abhapathizwe kanjani?

3 IBhayibheli liveza ngokucacile ukuthi ukuze ukhonze uJehova, kufanele ubhapathizwe. UJesu watshela abafundi bakhe: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize.” (Mathewu 28:19) Naye wabeka isibonelo ngokuthi abhapathizwe. Akazange afafazwe ngamanzi ekhanda, kodwa umzimba wakhe wonke wacwiliswa emanzini. (Mathewu 3:16) Nanamuhla, lapho umKristu ebhapathizwa, kumelwe umzimba wakhe wonke ucwiliswe emanzini.

4. Usuke ubabonisani abanye lapho ubhapathizwa?

4 Lapho ubhapathizwa, usuke ubonisa abanye ukuthi uzimisele ukuba umngane kaNkulunkulu nokumkhonza. (IHubo 40:7, 8) Kungenzeka uzibuze, ‘Yini okumelwe ngiyenze ukuze ngibhapathizwe?’

KUDINGEKA UBE NOLWAZI NOKHOLO

5. (a) Yini okufanele uyenze ngaphambi kokuba ubhapathizwe? (b) Kungani imihlangano yebandla ibalulekile?

5 Ngaphambi kokuba ubhapathizwe, kudingeka ube nolwazi ngoJehova noJesu. Usuqalile ukungenisa ulwazi ngabo ngokufunda iBhayibheli. (Funda uJohane 17:3.) Kodwa akwanele lokho. IBhayibheli lithi kumelwe ‘ugcwale ulwazi olunembile’ mayelana nentando kaJehova. (Kolose 1:9) Imihlangano yebandla yoFakazi BakaJehova izokusiza ube nobungane obuqinile noJehova. Lesi esinye sezizathu ezenza kubaluleke ukuthi ube khona njalo emihlanganweni yebandla.—Hebheru 10:24, 25.

Ngaphambi kokuba ubhapathizwe, kumelwe uqale utadishe iBhayibheli

6. Kufanele ulazi kangakanani iBhayibheli ngaphambi kokuba ubhapathizwe?

6 UJehova akalindele ukuba wazi yonke into eseBhayibhelini ngaphambi kokuba ubhapathizwe. Akazange alindele ukuba indoda engumTopiya yazi yonke into ngaphambi kokuba ibhapathizwe. (IzEnzo 8:30, 31) Empeleni, sizoqhubeka sifunda ngoJehova kuze kube phakade. (UmShumayeli 3:11) Nokho, ukuze ubhapathizwe kunezimfundiso eziseBhayibhelini eziyisisekelo okumelwe uzazi futhi uphile ngokuvumelana nazo.—Hebheru 5:12.

7. Ukutadisha iBhayibheli kukusize kanjani?

7 IBhayibheli lithi: ‘Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa uNkulunkulu.’ (Hebheru 11:6) Ngakho, udinga ukuba nokholo ngaphambi kokuba ubhapathizwe. IBhayibheli lisitshela ukuthi abanye ababehlala eKorinte lasendulo bezwa abalandeli bakaJesu beshumayela, ngenxa yalokho “bakholwa futhi babhapathizwa.” (IzEnzo 18:8) Nawe ukutadisha iBhayibheli kukusize waba nokholo kuNkulunkulu nakulokho asithembise kona, waphinde waba nokholo lokuthi isihlengo sikaJesu sinamandla okusikhulula esonweni nasekufeni.—Joshuwa 23:14; IzEnzo 4:12; 2 Thimothewu 3:16, 17.

XOXELA ABANYE IZINTO OZIFUNDE EBHAYIBHELINI

8. Yini ezokwenza ufune ukuxoxela abanye ngezinto ozifunde eBhayibhelini?

8 Njengoba ufunda iBhayibheli futhi ubona indlela elikusiza ngayo ekuphileni kwakho, ukholo lwakho luzoqina nakakhulu. Uzofuna ukuxoxela abanye ngezinto ozifundayo. (Jeremiya 20:9; 2 Korinte 4:13) Ungaxoxela bani?

Ukholo luzokwenza ukuba uxoxele abanye ngezinkolelo zakho

9, 10. (a) Obani abokuqala ongaxoxa nabo ngezinto ozifundile? (b) Yini okumelwe uyenze uma usufuna ukushumayela nebandla?

9 Ungase uthande ukuxoxela umndeni, abangane, omakhelwane nosebenza nabo ngezinto ozifunda eBhayibhelini. Kuhle lokho, kodwa khumbula ukuba nomusa nothando lapho uxoxa nabo. Ngokuhamba kwesikhathi ungaqala ukushumayela nebandla. Uma ucabanga ukuthi usukulungele, ungakhuluma noFakazi okufundisa iBhayibheli umtshele ukuthi usungathanda ukushumayela nebandla. Uma naye ecabanga kanjalo futhi usuphila ngendlela uJehova ayamukelayo, kuzomelwe nibe nengxoxo nabadala ababili basebandleni.

10 Yini enizoxoxa ngayo kulowo mhlangano? Abadala bazokhuluma nawe ukuze bathole ukuthi uyaziqonda futhi uyazikholelwa yini izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo, nokuthi uphila ngendlela efunwa uNkulunkulu yini futhi ufuna ngempela ukuba uFakazi KaJehova. Khumbula ukuthi abadala banakekela wonke umuntu osebandleni, okuhlanganisa nawe, ngakho ungesabi ukukhuluma nabo. (IzEnzo 20:28; 1 Petru 5:2, 3) Ngemva kwalowo mhlangano, abadala bazokutshela ukuthi usungakwazi yini ukushumayela nebandla.

11. Kungani kubalulekile ukushintsha indlela obuphila ngayo ngaphambi kokuba uqale ukushumayela nebandla?

11 Kungenzeka abadala bakutshele ukuthi kusenezinto okumelwe uzilungise ngaphambi kokuba uqale ukushumayela nebandla. Kungani kubalulekile ukukwenza lokho? Ngoba lapho sixoxela abanye ngoNkulunkulu sisuke simelela uJehova, ngakho kufanele nendlela esiphila ngayo imkhazimulise.—1 Korinte 6:9, 10; Galathiya 5:19-21.

PHENDUKA FUTHI UGUQUKE

12. Kungani wonke umuntu kufanele aphenduke?

12 Kunokunye okufanele ukwenze ngaphambi kokuba ubhapathizwe. Umphostoli uPetru wathi: “Ngakho-ke, phendukani futhi niguquke ukuze kusulwe izono zenu.” (IzEnzo 3:19) Kusho ukuthini ukuphenduka? Kusho ukuzisola ngezinto ezimbi ozenzile. Ngokwesibonelo, uma wawenza izinto ezingcolile njengokufeba, kudingeka uzisole. Ngisho noma ubuzama kanzima ukwenza okulungile ukuphila kwakho konke, kusadingeka ukuba uzisole ngoba sonke siyona futhi sidinga ukucela ukuba uNkulunkulu asithethelele.—Roma 3:23; 5:12.

13. Kusho ukuthini “ukuguquka”?

13 Ingabe kwanele ukuzisola ngezinto ezimbi ozenzile? Cha. UPetru waphinde wathi kufanele ‘uguquke.’ Lokhu kusho ukuthi kufanele ufulathele noma yini engalungile obuyenza ngaphambili, wenze okulungile. Ngokwesibonelo, asithi uyaqala ukuya endaweni ethile bese ngemva kwesikhathi uqaphela ukuthi uyaduka. Yini ongayenza? Nakanjani unganciphisa ijubane, ume, ujike bese uthatha indlela efanele. Ngendlela efanayo, njengoba utadisha iBhayibheli ungase ubone ukuthi kunezinto ezithile obuzenza okumelwe uzishintshe. Kulungele “ukuguquka,” wenze ushintsho oludingekayo, bese wenza okulungile.

NIKELA UKUPHILA KWAKHO KUJEHOVA

Usumthembisile yini uJehova ukuthi uzomkhonza?

14. Ukunikela kanjani ukuphila kwakho kuNkulunkulu?

14 Enye into ebalulekile okumelwe uyenze ngaphambi kokubhapathizwa, ukunikela ukuphila kwakho kuJehova. Lapho unikela ukuphila kwakho kuJehova, uyathandaza umthembise ukuthi uzokhonza yena kuphela nokuthi ukwenza intando yakhe kuzoba yinto eza kuqala ekuphileni kwakho.—Luka 4: 8.

15, 16. Yini eyenza umuntu anikele ukuphila kwakhe kuNkulunkulu?

15 Ukuthembisa uJehova ukuthi uzomkhonza kufana nokuthembisa umuntu omthandayo ukuthi uzohlala naye ukuphila kwakho konke. Cabanga ngowesilisa nowesifazane abazwanayo. Njengoba indoda ichitha isikhathi nalona wesifazane, iqala ukumthanda bese ifisa ukumshada. Nakuba kuyisinqumo esingelula lesi, indoda izimisele ukusenza ngoba iyamthanda lo wesifazane.

16 Njengoba ufunda ngoJehova, uya umthanda nakakhulu bese ufisa ukumkhonza. Lokhu kuzokwenza ufune ukuthandaza, umthembise ukuthi uzomkhonza. IBhayibheli lithi noma ubani ofuna ukulandela uJesu kumelwe “azidele.” (Marku 8:34) Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi ukulalela uJehova kuza kuqala kuwe. Lokho okufunwa uJehova kuba okubaluleke kakhulu kunemigomo nezifiso zakho.—Funda eyoku-1 Petru 4:2.

UNGESABI UKUTHI UNGASE UHLULEKE

17. Kungani abanye abantu bengakuthandi ukunikela ukuphila kwabo kuJehova?

17 Abanye abantu abakunikeli ukuphila kwabo kuJehova ngoba besaba ukuthi bazohluleka ukugcina isithembiso sabo sokumkhonza. Basuke bengafuni ukudumaza uJehova, noma becabanga ukuthi uma benganikeli ukuphila kwabo kuJehova ngeke ababeke icala uma benza izinto angazifuni.

18. Yini engakusiza ukuba uyeke ukwesaba ukudumaza uJehova?

18 Ukuthanda uJehova kuyonqoba noma yikuphi ukwesaba ongaba nakho. Ngenxa yokuthi uyamthanda, uyokwenza konke okusemandleni akho ukuze ugcine isithembiso osenze kuye. (UmShumayeli 5:4; Kolose 1:10) Ngeke ucabange ukuthi kunzima ukwenza intando yakhe. Umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”—1 Johane 5:3.

19. Kungani kungafanele wesabe ukunikela ukuphila kwakho kuJehova?

19 Akudingeki ube umuntu ongawenzi amaphutha ukuze ukwazi ukunikela ukuphila kwakho kuJehova. Akalokothi alindele okungaphezu kwamandla ethu. (IHubo 103:14) Uzokusiza uphumelele. (Isaya 41:10) Methembe ngenhliziyo yakho yonke uJehova, yena “uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6.

UKUBONISA UKHOLO LWAKHO PHAMBI KOFAKAZI ABANINGI

20. Uma usuthandazile kuNkulunkulu wathembisa ukumkhonza, yini okumelwe ilandele?

20 Ucabanga ukuthi usukulungele ukunikela ukuphila kwakho kuJehova? Uma usuthandazile wathembisa uJehova ukuthi uzomkhonza, okulandelayo ukuthi ubhapathizwe.

21, 22. Ungalubonisa kanjani ukholo lwakho phambi kofakazi abaningi?

21 Tshela omunye wabadala basebandleni ukuthi usuthandazile kuJehova wanikela ukuphila kwakho kuye futhi usufisa ukubhapathizwa. Yena uzobe esehlela nabanye abadala basebandleni ukuba baxoxe nawe ngeminye yemiBhalo eseBhayibhelini. Uma bevumelana ngokuthi usukulungele ukubhapathizwa, bazokutshela ukuthi ungabhapathizwa emhlanganweni wesigodi noma wesifunda woFakazi BakaJehova olandelayo. Emhlanganweni, kuyoba nenkulumo echaza ukuthi kusho ukuthini ukubhapathizwa. Isikhulumi siyocela labo abazobhapathizwa ukuba baphendule imibuzo emibili elula. Ngokuphendula leyo mibuzo, uyobe uvuma ukholo lwakho phambi kofakazi abaningi.—Roma 10:10.

22 Uyobe usuyabhapathizwa. Uyocwiliswa ngokuphelele emanzini. Ukubhapathizwa kwakho kuyobonisa wonke umuntu ukuthi usunikele ukuphila kwakho kuJehova, nokuthi usungomunye woFakazi BakaJehova.

OKUSHIWO UKUBHAPATHIZWA KWAKHO

23. Kusho ukuthini ukubhapathizwa “egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele”?

23 UJesu wathi abalandeli bakhe babeyobhapathizwa “egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.” (Funda uMathewu 28:19.) Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi uhlonipha isikhundla sikaJehova, uyakuqaphela lokho uJesu akwenza ukuze kufezeke intando kaNkulunkulu, futhi uyakuqaphela nokuthi uJehova usebenzisa umoya ongcwele ukuze afeze intando yakhe.—IHubo 83:18; Mathewu 28:18; Galathiya 5:22, 23; 2 Petru 1:21.

Lapho ubhapathizwa, ubonisa ukuthi uzimisele ukwenza intando kaNkulunkulu

24, 25. (a) Lumelelani ubhapathizo? (b) Sizoxoxa ngani esahlukweni esilandelayo?

24 Ubhapathizo lumelela okuthile okubalulekile. Ukucwiliswa ngokuphelele emanzini kubonisa ukuthi usuyiyekile indlela obuphila ngayo ngaphambili. Lapho uphuma emanzini, uqala ukuphila okusha, okuwukuphilela ukwenza intando kaNkulunkulu. Kubonisa ukuthi usuzokhonza uJehova ukuphila kwakho konke. Khumbula ukuthi awunikeli ukuphila kwakho kumuntu, enhlanganweni noma emsebenzini othile. Unikela ukuphila kwakho kuJehova.

25 Ukunikela ukuphila kwakho ngale ndlela kuyokusiza wakhe ubungane obuqinile noNkulunkulu. (IHubo 25:14) Lokhu akusho ukuthi umuntu uyosinda ekubhujisweni ngoba nje esebhapathiziwe. Umphostoli uPawulu wabhala: “Qhubekani nisebenzela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.” (Filipi 2:12) Ukubhapathizwa kumane kuyisiqalo esiholela ekusindisweni. Ungazigcina kanjani unobungane obuseduze noJehova? Isahluko sokugcina sale ncwadi sizowuphendula lo mbuzo.