Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 2

IBhayibheli​—Incwadi Evela KuNkulunkulu

IBhayibheli​—Incwadi Evela KuNkulunkulu

1, 2. Kungani iBhayibheli liyisipho esijabulisayo esivela kuNkulunkulu?

UZIZWA kanjani lapho umngane wakho ekupha isipho ungalindele? Akuvumi ulinde ukusivula futhi kuyakujabulisa ukuthi umngane wakho ubekucabanga. Uyambonga.

2 IBhayibheli liyisipho esivela kuNkulunkulu. Lisinika ulwazi esingeke siluthole kwenye indawo. Ngokwesibonelo, lisitshela ukuthi uNkulunkulu wadala amazulu, umhlaba kanye nabantu ababili bokuqala, indoda nowesifazane. Lisitshela izinto ezingasisiza lapho sinezinkinga. Kulo, sifunda nokuthi uNkulunkulu uzowenza kanjani umhlaba ube indawo engcono njengoba ayehlosile kwasekuqaleni. Ngempela iBhayibheli liyisipho esijabulisayo!

3. Yini ozoyithola njengoba ufunda iBhayibheli?

3 Njengoba ufunda iBhayibheli, uzothola ukuthi uNkulunkulu ufuna ube umngane wakhe. Uma uqhubeka ufunda ngaye, uzosondelana nakakhulu naye.

4. Yini oyithanda kakhulu ngeBhayibheli?

4 IBhayibheli selihunyushelwe ezilimini ezingaba ngu-2 600, futhi kuye kwenziwa amaBhayibheli ayizigidigidi. Cishe bonke abantu emhlabeni bangalifunda ngolimi lwabo. Isonto ngalinye abantu abangaphezu kwesigidi bathola iBhayibheli! Ngempela, ayikho enye incwadi efana neBhayibheli.

5. Kungani sithi iBhayibheli ‘liphefumulelwe uNkulunkulu’?

5 IBhayibheli ‘liphefumulelwe uNkulunkulu.’ (Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16.) Le nkulumo isho ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu. Kodwa abanye bangase bathi, ‘IBhayibheli labhalwa abantu. Pho kushiwo kanjani ukuthi livela kuNkulunkulu?’ IBhayibheli liyaphendula: “Abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa [beqondiswa] umoya ongcwele.” (2 Petru 1:21) Lokhu kuthi akufane nosomabhizinisi otshela unobhala wakhe ukuba abhale incwadi. Ekabani leyo ncwadi? Ekasomabhizinisi, akuyona ekanobhala. Ngendlela efanayo, lokho okuseBhayibhelini kuvela kuNkulunkulu, hhayi kubantu abasebenzisa ukuba balibhale. UNkulunkulu wabaqondisa ukuba babhale imicabango yakhe. Ngempela iBhayibheli ‘liyizwi likaNkulunkulu.’—1 Thesalonika 2:13; bheka uMbhalo Osekugcineni 2.

INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele itholakala ngezilimi eziningi

IBHAYIBHELI LINEMBILE

6, 7. Kungani singase sithi iBhayibheli liyavumelana?

6 Kwathatha iminyaka engaphezu kwengu-1 600 ukubhala iBhayibheli. Ababhali balo babephila ngezikhathi ezingafani. Abanye babefundile abanye bengafundile. Ngokwesibonelo, omunye wayengudokotela, abanye babengabalimi, abadobi, abelusi, abaprofethi, abahluleli namakhosi. Nakuba labhalwa abantu abahlukahlukene, zonke izingxenye zeBhayibheli ziyavumelana. Aliziphikisi. *

7 Izahluko zokuqala zeBhayibheli zichaza indlela izinkinga zomhlaba ezaqala ngayo, izahluko zokugcina zisitshela ukuthi uNkulunkulu uzozilungisa kanjani lezo zinkinga ngokwenza umhlaba ube ipharadesi. IBhayibheli linomlando omude wokuphila kwabantu futhi libonisa ukuthi injongo kaNkulunkulu ihlale igcwaliseka.

8. Yisho izibonelo ezibonisa ukunemba kweBhayibheli uma kuziwa kuyisayensi.

8 IBhayibheli alibhalelwanga ukuba lifundise ngesayensi noma ukuba libe incwadi yesikole, kodwa elikushoyo mayelana nesayensi kuhlale kunembile. Yilokho ebesingakulindela encwadini evela kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, incwadi kaLevitikusi inemithetho kaNkulunkulu yezindlela ama-Israyeli ayengavimbela ngayo ukwanda kwezifo. Le mithetho yabhalwa kusasele isikhathi eside abantu bazi indlela amagciwane abangela ngayo izifo. IBhayibheli lifundisa neqiniso eliwukuthi umhlaba ulenga phezu kweze. (Jobe 26:7) Ngenkathi iningi labantu likholelwa ukuthi umhlaba uyisicaba, iBhayibheli lalithi uyindilinga.—Isaya 40:22.

9. Ukwethembeka kwababhali beBhayibheli kusisiza ukuba siqondeni?

9 Lapho iBhayibheli likhuluma ngomlando, lihlale linembile. Kodwa izincwadi eziningi zomlando azikhulumi iqiniso ngaso sonke isikhathi ngoba ababhali bazo abathembekile. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi babengakuvezi ukunqotshwa kwezizwe zakubo ezimpini. Ababhali beBhayibheli bona babethembekile, babesho ngisho nalapho u-Israyeli enqotshiwe. Babhala nangamaphutha abo. Ngokwesibonelo, encwadini kaNumeri, uMose usitshela ukuthi wenza iphutha elikhulu nokuthi uNkulunkulu wamjezisa. (Numeri 20:2-12) Ukwethembeka kwababhali beBhayibheli kusisiza siqonde ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu nokuthi singalethemba.

INCWADI ENEZELULEKO EZINHLE

10. Kungani izeluleko zeBhayibheli zisisiza nanamuhla?

10 IBhayibheli ‘liphefumulelwe uNkulunkulu futhi linenzuzo yokufundisa, yokusola neyokuqondisa izinto.’ (2 Thimothewu 3:16) Izeluleko zeBhayibheli ziyasisiza nanamuhla. UJehova uyazi ukuthi sakheke kanjani, ngakho uyaqonda ukuthi sicabanga kanjani nokuthi sizizwa kanjani. Usazi kangcono futhi ufuna sijabule. Uyakwazi okusilungele nokungasilungele.

11, 12. (a) Yiziphi izeluleko ezinhle uJesu azinikeza kuMathewu izahluko 5 kuya ku-7? (b) Yikuphi okunye esingakufunda eBhayibhelini?

11 KuMathewu isahluko 5 kuya kusahluko 7, sifunda izeluleko ezinhle kakhulu ezashiwo uJesu mayelana nokuthi singajabula kanjani, singaphathana kanjani nabanye, singathandaza kanjani nokuba nombono omuhle ngemali. Nakuba lezi zeluleko azisho eminyakeni engu-2 000 edlule, zisasebenza nanamuhla.

12 EBhayibhelini, uJehova usifundisa izimiso ezisiza imindeni yethu ijabule, sibe izisebenzi ezinhle futhi sihlale ngokuthula nabanye. IBhayibheli lihlale liwusizo kubo bonke abantu noma ngabe babhekene naziphi izinkinga.—Funda u-Isaya 48:17; bheka uMbhalo Osekugcineni 3.

UNGAZETHEMBA IZIPROFETHO EZISEBHAYIBHELINI

Umbhali weBhayibheli u-Isaya wabikezela ukuthi iBhabhiloni lalizonqotshwa

13. Yini u-Isaya athi yayiyokwenzeka ngeBhabhiloni?

13 Iziprofetho eziningi eziseBhayibhelini sezigcwalisekile. Ngokwesibonelo, u-Isaya waprofetha ukuthi iBhabhiloni lalizobhujiswa. (Isaya 13:19) Wayichaza njengoba injalo indlela leli dolobha elalizonqotshwa ngayo. Lalinamasango amakhulu, lizungezwe umfula. Kodwa u-Isaya wabikezela ukuthi umfula wawuyobohla, amasango ashiywe evuliwe. Abantu abahlaselayo babeyolinqoba bengazange balwe. U-Isaya waze waprofetha nokuthi umuntu okuthiwa uKoresi uyena owayeyonqoba iBhabhiloni.—Funda u-Isaya 44:27–45:2; bheka uMbhalo Osekugcineni 4.

14, 15. Sagcwaliseka kanjani isiprofetho sika-Isaya?

14 Ngemva kweminyaka engu-200 lokhu kubikezelwe, amasosha afika ezohlasela iBhabhiloni. Ubani owayehola la masosha? KwakunguKoresi, inkosi yasePheresiya, njengoba nje isiprofetho sasishilo. Konke kwase kumi ngomumo ukuze lesi siprofetho sigcwaliseke.

15 Ngobusuku amasosha ahlasela ngabo, abaseBhabhiloni babenomcimbi. Babezizwa bephephile ngoba babevikelwe izindonga ezinkulu nomfula. Ngaphandle kwaleli dolobha, uKoresi namasosha akhe bamba umsele ukuze amanzi omfula abohle. Amanzi ancipha, amasosha asePheresiya akwazi ukuwela. Kodwa ayezodlula kanjani ezindongeni zaseBhabhiloni? Njengoba isiprofetho sasishilo, amasango omuzi ayeshiywe evuliwe, ngakho amasosha anqoba iBhabhiloni ngaphandle kokulwa.

16. (a) U-Isaya waprofetha wathini ngekusasa leBhabhiloni? (b) Sazi kanjani ukuthi isiprofetho sika-Isaya sagcwaliseka?

16 U-Isaya waprofetha ukuthi kwakuyogcina kungasahlali muntu eBhabhiloni. Wabhala: “Ngeke liphinde lakhiwe, futhi ngeke liphinde lithole indawo yokuhlala [lihlalwe] izizukulwane ngezizukulwane.” (Isaya 13:20) Kwenzeka ngempela yini lokho? Endaweni eyayiyiBhabhiloni, eseningizimu yeBaghdad, e-Iraq, sekusele amanxiwa. Ngisho nanamuhla akuhlali muntu khona. UJehova washanela iBhabhiloni “ngomshanelo obhuqayo [walibhubhisa].”—Isaya 14:22, 23. *

Amanxiwa aseBhabhiloni

17. Kungani singazethemba zonke izithembiso zikaNkulunkulu?

17 Njengoba kuneziprofetho eziningi eziseBhayibhelini esezigcwalisekile, singakwethemba lokho okushiwo yiBhayibheli ngekusasa. Singaqiniseka ukuthi uJehova uzosigcina isithembiso sakhe sokwenza umhlaba ube ipharadesi. (Funda uNumeri 23:19.) Sinethemba “lokuphila okuphakade lokho uNkulunkulu ongenakuqamba amanga, akuthembisa ngaphambi kwezikhathi ezimi njalo.”—Thithu 1:2. *

IBHAYIBHELI LINGAKUGUQULA UKUPHILA KWAKHO

18. UPawulu ulichaza kanjani “izwi likaNkulunkulu”?

18 Sifundile ukuthi ayikho enye incwadi efana neBhayibheli. Aliziphikisi kanti lapho likhuluma ngesayensi noma ngomlando, lihlale linembile. Liphinde lisinikeze izeluleko ezinhle futhi lineziprofetho eziningi esezigcwalisekile. Kodwa lenza okungaphezu kwalokho. Umphostoli uPawulu wabhala: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.” Kusho ukuthini lokho?—Funda eyamaHebheru 4:12.

19, 20. (a) IBhayibheli lingakusiza kanjani ukuba uzazi? (b) Ungabonisa kanjani ukuthi uyasithanda isipho esiyiBhayibheli?

19 IBhayibheli lingakuguqula ukuphila kwakho. Lingakusiza ukuba uzazi ukuthi ungumuntu onjani ngempela. Lingakusiza uqonde imicabango nemizwa yakho ejulile. Ngokwesibonelo, singase sicabange ukuthi siyamthanda uNkulunkulu. Kodwa ukuze sifakazele ukuthi siyamthanda, kudingeka senze lokho iBhayibheli elikushoyo.

20 Ngempela, iBhayibheli liyincwadi evela kuNkulunkulu. Ufuna ulifunde, ulitadishe futhi ulithande. Sithande lesi sipho, ungayeki ukusifunda. Uma wenza kanjalo, uzokuqonda lokho uNkulunkulu ayekuhlosile ngabantu. Esahlukweni esilandelayo, sizofunda okuningi ngalokho ayekuhlosile ngabantu.

^ par. 6 Abanye abantu bathi iBhayibheli alivumelani kodwa lokho akulona iqiniso. Bheka isahluko 7 sencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 16 Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngeziprofetho zeBhayibheli, ungafunda amakhasi 27-29 encwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ par. 17 Ukubhujiswa kweBhabhiloni kungesinye seziprofetho zeBhayibheli ezagcwaliseka. Ungafunda ngeziprofetho eziphathelene noJesu Kristu eMbhalweni Osekugcineni 5.