Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini UNkulunkulu Ayihlosile Ngathi?

Yini UNkulunkulu Ayihlosile Ngathi?

UMA ufunda iphepha, ubukela ithelevishini noma ulalela umsakazo, ubona futhi uzwe izindaba eziningi zobugebengu, izimpi kanye nokuhlaselwa kwabantu ngamabhomu. Kungenzeka ukuthi nawe uyagula noma ufelwe umuntu omthandayo.

Zibuze:

  • Ingabe yilokhu uNkulunkulu akuhlosile ngami nomndeni wami?

  • Yini engangisiza ezinkingeni enginazo?

  • Kuyoke kube khona yini ukuthula kwangempela?

IBhayibheli linezimpendulo ezigculisayo zale mibuzo.

IBHAYIBHELI LIFUNDISA UKUTHI UNKULUNKULU UZOKWENZA IZINTO EZINHLE EMHLABENI.

ZUZA KULOKHO IBHAYIBHELI ELIKUFUNDISAYO

Kulula ukusheshe ucabange ukuthi okufunde ekuqaleni kwale ncwadi kuyiphupho. UNkulunkulu uthembisa ukuzenza ngokushesha lezi zinguquko emhlabeni, futhi iBhayibheli liyachaza ukuthi uzozenza kanjani.

IBhayibheli lenza nokungaphezu kwalokho. Lisitshela lokho esingakwenza ukuze sikujabulele ukuphila. Cabanga ngezinto ezikukhathazayo. Kungaba imali, izinkinga zomndeni, ukugula noma ukufelwa umuntu omthandayo. IBhayibheli lingakusiza ezinkingeni zakho, futhi likunikeze induduzo ngokuphendula le mibuzo elandelayo:

Ukufunda kwakho le ncwadi kubonisa ukuthi uyafuna ukwazi ukuthi iBhayibheli lifundisani. Le ncwadi izokusiza. Izigaba zinemibuzo ezokusiza uliqonde kangcono iBhayibheli. Abantu abaningi bakujabulele ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Sethemba ukuthi nawe uzokujabulela. Kwangathi uNkulunkulu angakubusisa njengoba uzama ukuthola lokho iBhayibheli elingafundisa kona!