Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwaziswa Kwabeze Emhlanganweni

Ukwaziswa Kwabeze Emhlanganweni

UMHLANGANO OKHETHEKILE

ISIKOLE SABASHUMAYELI BEVANGELI LOMBUSO Amaphayona aneminyaka ephakathi kuka-23 no-65 anesifiso sokwandisa inkonzo yawo amenywa ukuba abe khona emhlanganweni walabo abafisa ukufaka izicelo zokuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso ngeSonto ntambama. Indawo eqondile nesikhathi salo mhlangano kuyomenyezelwa kusengaphambili.

UKWAZISWA KWABEZE EMHLANGANWENI

ABALINDI Abalindi babelwe ukuba banisize. Sicela nibambisane nabo ngokugcwele ngokulalela ukuqondisa kwabo ngokuphathelene nokupakwa kwezimoto, ukulawulwa kwabahamba ngezinyawo, ukugcinwa kwezihlalo nokunye.

UBHAPATHIZO Izihlalo ezigcinelwe abazobhapathizwa ziyoba phambi kwendawo yesikhulumi, ngaphandle kwalapho kushiwo okuhlukile. Abazobhapathizwa kufanele babe sebehlezi endaweni abagcinelwe yona ngaphambi kokuba kuqale inkulumo yobhapathizo ngoMgqibelo ekuseni. Ngamunye kufanele aphathe ithawula nezingubo zokungena emanzini ezinesizotha.

IMINIKELO Kuye kwaba izindleko ezinkulu ukulungiselela izihlalo ezanele, imibhobho, okokubukela amavidiyo nezinye izinkonzo eziningi ezenza ukuba khona kulo mhlangano kujabulise futhi kusisize ukuba sisondele kuJehova. Iminikelo yenu yokuzithandela isiza ekuhlangabezaneni nalezi zindleko nasekusekeleni umsebenzi womhlaba wonke. Ukuze sinenzele lula, kuye kwabekwa amabhokisi eminikelo aphawulwe ngokucacile kuyo yonke indawo yomhlangano. Yonke iminikelo yaziswa kakhulu. INdikimba Ebusayo ifisa ukunibonga ngokusekela kwenu imisebenzi ephathelene noMbuso ngesandla esivulekile.

USIZO LOKUQALA Sicela nikhumbule ukuthi lo mnyango uhloselwe IZIMO EZIPHUTHUMAYO KUPHELA.

OBEKULAHLEKILE KWATHOLAKALA Zonke izinto ezitholakele kufanele ziyiswe kulo mnyango. Uma ulahlekelwe okuthile, yiya kulo mnyango futhi ukhombe okungokwakho. Abantwana abadukelene nabazali kufanele bayiswe kulo mnyango. Nokho, ukuze kugwemeke ukukhathazeka okungadingekile kubo bonke abahilelekile, sicela ubanakekele abantwana bakho futhi ubagcine bekanye nawe.

IZIHLALO Sicela nicabangele abanye. Khumbulani, izihlalo zingase zigcinelwe kuphela umndeni oseduze nalabo ohamba nabo emotweni, ohlala nabo ekhaya noma obafundela iBhayibheli. Sicela ningabeki izinto ezihlalweni okungekho muntu enimgcinela zona.

INKONZO YOKUZITHANDELA Uma ufisa ukusiza emsebenzini ohilelekile kulo mhlangano, sicela uye eMnyango Wokwaziswa naseMnyango Wenkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela.

Uhlelwe YiNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova