Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 82

UJesu Ufundisa Abafundi Bakhe Ukuthandaza

UJesu Ufundisa Abafundi Bakhe Ukuthandaza

Yonke into abaFarisi ababeyenza babeyenzela ukubukwa abantu. Uma benza into enhle, babeyenzela ukubukwa abantu. Babethandaza ezindaweni ezigcwele abantu ukuze babonwe. AbaFarisi babebamba ngekhanda imithandazo emide bese beyiphinda emasinagogeni nasemakhoneni emigwaqo ukuze abantu babezwe. Ngakho abantu bamangala lapho uJesu ebatshela ukuthi: ‘Ningathandazi njengabaFarisi. Bacabanga ukuthi uNkulunkulu uyajabula lapho benza imithandazo emide, kodwa akajabuli. Umthandazo uyinto ephakathi kwakho noJehova. Ungaphindaphindi into eyodwa. UJehova ufuna umtshele indlela ozizwa ngayo ngempela.

‘Kufanele nithandaze kanje: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”’ UJesu wabatshela nokuthi kufanele bathandazele ukuba bathole ukudla kosuku, bathandazele ukuthethelelwa izono zabo nezinye izinto abazidingayo.

UJesu wathi: ‘Ningakuyeki ukuthandaza. Qhubekani nicela izinto ezinhle kuBaba wenu, uJehova. Bonke abazali bafunela izingane zabo izinto ezinhle. Uma indodana yakho icela isinkwa, ungayinika yini itshe? Uma icela inhlanzi, ungayinika yini inyoka?’

UJesu wabe esechaza isifundo: ‘Uma nikwazi ukunikeza izingane zenu izinto ezinhle, yini engahlula uBaba wenu, uJehova, ukuba aninike umoya ongcwele? Iyodwa nje kuphela into okumelwe niyenze; ukuthi nicele.’ Wena uyakwenza yini lokho okwashiwo uJesu? Yiziphi izinto ozithandazelayo?

“Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.”—Mathewu 7:7