Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 83

UJesu Unika Izinkulungwane Zabantu Ukudla

UJesu Unika Izinkulungwane Zabantu Ukudla

Abaphostoli babuya ohambweni lokushumayela, ngaphambi nje kwePhasika lika 32 C.E. Babekhathele, ngakho uJesu wabathatha ngesikebhe wabayisa eBhetsayida, ukuze baphumule. Kodwa lapho isikebhe sisondlela ogwini, uJesu wabona izinkulungwane zabantu ezazibalandela. Ngisho noma uJesu ayefuna ukuhlala nabaphostoli bakhe bebodwa, wabamukela ngomusa abantu. Welapha abagulayo futhi wabafundisa. Laze lashona ilanga uJesu ebafundisa ngoMbuso kaNkulunkulu. Kusihlwa, abafundi bakhe beza kuye bathi: ‘Kungenzeka abantu sebelambile. Badedele bahambe ukuze bathole ukudla abazokudla.’

UJesu wathi: ‘Akudingeki ukuthi bahambe. Banikeni nina ukudla.’ Abaphostoli bambuza: ‘Ufuna siyobathengela izinkwa?’ Omunye wabaphostoli, obizwa ngokuthi uFiliphu, wathi: ‘Ngisho noma ngabe sinemali eningi, ngeke sikwazi ukuthenga izinkwa ezinganela abantu abaningi kangaka.’

UJesu wabuza: ‘Kungakanani ukudla esinakho?’ U-Andreya wathi: ‘Sinolofu abahlanu bezinkwa nezinhlanzi ezimbili. Ngeke kusanele sonke.’ UJesu wathi: ‘Kuletheni la.’ Watshela abantu ukuba bahlale otshanini ngamaqembu abantu abangu-50 nabangu-100. UJesu wathatha olofu bezinkwa nezinhlanzi, wabheka ezulwini wabe esethandaza. Ngemva kwalokho wakunikeza abaphostoli ukuze bakunikeze abantu. Amadoda angu-5 000 kanye nabesifazane nezingane badla baze basutha. Lapho sebeqedile ukudla, abaphostoli baqoqa izinsalela, ukuze kungalahlwa lutho. Izinsalela zagcwala obhasikidi abangu-12! Kwakuyisimangaliso ngempela lesi.

Abantu bamangala ngempela kangangokuthi babefuna ukwenza uJesu abe yinkosi. UJesu wayazi ukuthi sasingakafiki isikhathi sokuthi uJehova amenze inkosi. Ngakho wathi abantu abahambe, watshela abaphostoli bakhe ukuba baye ngaphesheya koLwandle LwaseGalile. Bagibela isikebhe, uJesu yena wanyuka yedwa waya entabeni. Kungani? Ngoba wayefuna ukuthandaza kuYise. UJesu wayehlale ezinika isikhathi sokuthandaza, ngisho noma ayematasa kangakanani.

“Ningasebenzeli ukudla okonakalayo, kodwa sebenzelani ukudla okungonakali okunikeza ukuphila okuphakade, iNdodana yomuntu ezoninika kona.”—Johane 6:27