Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 102

UJohane Uthola IsAmbulo

UJohane Uthola IsAmbulo

Ngesikhathi umphostoli uJohane eyisiboshwa esiqhingini sasePhatmose, uJesu wambonisa imibono engu-16 echaza lokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo. Le mibono yembula indlela igama likaJehova elizongcweliswa ngayo, indlela uMbuso wakhe ozofika ngayo nendlela intando yakhe ezokwenzeka ngayo emhlabeni njengasezulwini.

Komunye umbono, uJohane ubona uJehova esesihlalweni sakhe sobukhosi esikhazimulayo ezulwini, ezungezwe abadala abangu-24 abagqoke izingubo ezimhlophe, bethwele imiqhele yegolide emakhanda abo. Esihlalweni sobukhosi kubonakala ukukhanya onjengombani nomsindo onjengokuduma kwezulu. Abadala abangu-24 bakhothama phambi kukaJehova bamkhonze. Bese kuthi komunye umbono, uJohane ubona isixuku esikhulu esivela kuzo zonke izizwe, abantu nezilimi esikhulekela uJehova. UJesu, oyiWundlu, uyaselusa asiyise emanzini okuphila. Kamuva, komunye umbono, uJesu uqala ukubusa njengeNkosi ezulwini, kanye nabadala abangu-24. Embonweni olandelayo, uJohane ubona uJesu elwa nodrago, onguSathane kanye namademoni akhe. UJesu ube esebaphonsa phansi emhlabeni.

Ngemva kwalokho uJohane ubona isithombe esihle seWundlu nabangu-144 000 bemi eNtabeni iZiyoni. Waphinde wabona ingelosi indiza phezu komhlaba, itshela abantu ukuthi besabe uNkulunkulu futhi bamdumise.

Embonweni olandelayo, wabona impi ye-Armagedoni. Kuleyo mpi, uJesu nebutho lakhe bahlula uSathane nesimiso sakhe esibi. Embonweni wokugcina, uJohane ubona kuba nokuthula ezulwini nasemhlabeni. USathane nenzalo yakhe babhujiswa ngokuphelele. Wonke umuntu emhlabeni nazo zonke izingelosi ezulwini zikhonza uJehova futhi zingcwelise igama lakhe.

“Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.”—Genesise 3:15