Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 3

U-Adamu No-Eva Abamlalelanga UNkulunkulu

U-Adamu No-Eva Abamlalelanga UNkulunkulu

Ngolunye usuku u-Eva eyedwa, inyoka yakhuluma naye. Yathi: ‘Kuyiqiniso yini ukuthi uNkulunkulu uyaninqabela ukuba nidle izithelo zazo zonke izihlahla?’ U-Eva wathi: ‘Singadla kuzo zonke izihlahla, sisodwa nje kuphela isihlahla okungamelwe sidle kuso. Uma sidla isithelo saso sizofa.’ Inyoka yathi: ‘Ngeke nife. Empeleni, uma nisidla lesi sithelo, nizofana noNkulunkulu.’ Kwakuyiqiniso yini lokho? Cha, kwakungamanga. Kodwa u-Eva wawakholelwa. Njengoba elokhu esibuka, waqala ukusihalela. Ekugcineni, wasidla leso sithelo futhi wanika no-Adamu. U-Adamu wayazi ukuthi babezofa uma bengamlaleli uNkulunkulu. Noma kunjalo wasidla.

Ntambama ngalolo suku, uJehova wakhuluma no-Adamu no-Eva. Wababuza ukuthi kungani bengamlalelanga. U-Eva wathi yinyoka emkhohlisile, u-Adamu yena wathi ukhohliswe u-Eva. Ngenxa yokuthi u-Adamu no-Eva abalalelanga, uJehova wabaxosha kuleyo nsimu. Ukuze kungenzeki nangephutha ukuba babuyele ensimini, uJehova wabeka izingelosi nenkemba evutha umlilo endleleni eya khona.

UJehova wathi, lo okhohlise u-Eva naye wayezojeziswa. Kodwa kwakungeyona inyoka ngempela eyakhuluma no-Eva. UJehova akazange adale izinyoka ezikwazi ukukhuluma. Yingelosi embi eyenza inyoka yakwazi ukukhuluma ukuze ikhohlise u-Eva. Igama laleyo ngelosi uSathane uDeveli. Esikhathini esizayo, uJehova uzobhubhisa uSathane ukuze angaphinde akhohlise abantu ukuba benze izinto ezimbi.

“UDeveli . . . wayengumbulali kusukela ekuqaleni, akazange abambelele eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye.”—Johane 8:44