Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 7

UMbhoshongo WaseBhabhele

UMbhoshongo WaseBhabhele

Ngemva kukaZamcolo, amadodana kaNowa namakhosikazi awo baba nezingane eziningi. Imindeni yawo yanda futhi yaya ezindaweni ezihlukahlukene zomhlaba njengoba uJehova ayeyalile.

Kodwa eminye imindeni ayizange imlalele uJehova. Yathi: ‘Masizakhele idolobha, sihlale lapha. Sizokwakha umbhoshongo ophakeme ofika emazulwini. Sizoduma emhlabeni wonke.’

Lokho ababekwenza akumjabulisanga uJehova, ngakho wabavimba. Uyazi ukuthi wabavimba kanjani? Wenza ukuba labo bantu bavele bakhulume izilimi ezingafani. Ngenxa yokuthi babengasakwazi ukuzwana, bayeka ukwakha umbhoshongo. Idolobha ababelakha lagcina selaziwa ngokuthi iBhabhele, okusho ‘Ukusangana.’ Ngakho, abantu baqala ukuthuthela ezindaweni ezihlukahlukene zomhlaba. Kodwa baqhubeka benza izinto ezimbi ezindaweni ezintsha ababehlala kuzo. Babekhona yini ababesamthanda uJehova? Sizobona esahlukweni esilandelayo.

“Wonke umuntu oziphakamisayo uyothotshiswa, kodwa noma ubani ozithobayo uyophakanyiswa.”—Luka 18:14