Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo Senxenye 4

Isethulo Senxenye 4

Le ngxenye ikhuluma ngoJosefa, uJobe, uMose, nama-Israyeli. Bonke bakhuthazelela uvivinyo oluvela kuDeveli. Abanye babo babhekana nokungabi nabulungisa, ukuboshwa ukuba yizigqila ngisho nokufa imbala. Noma kunjalo, uJehova wabavikela ngezindlela ezihlukahlukene. Uma ungumzali siza ingane yakho iqonde indlela lezi zinceku zikaNkulunkulu ezaqhubeka ngayo zinokholo naphezu kobubi.

UJehova wasebenzisa iziNhlupho Eziyishumi ukuze abonise ukuthi unamandla kunabo bonke onkulunkulu baseGibhithe. Qokomisa ukuthi uJehova wayebavikela kanjani abantu bakhe basendulo nokuthi lokhu ukwenza kanjani namuhla.

KULE NGXENYE

Isigqila Esasilalela UNkulunkulu

UJosefa wenza okulungile kodwa washushiswa kanzima. Kungani?

UJehova Akazange Amkhohlwe UJosefa

Ngisho noma uJosefa ayehlala kude nomndeni wakhe, uNkulunkulu wabonisa ukuthi akamkhohliwe.

Kwakungubani UJobe?

Walalela ngisho noma kwakunzima.

UMose Wakhetha Ukukhonza UJehova

UMose wasindiswa icebo elihlakaniphile likamama wakhe.

Isihlahla Esivuthayo

Kungani umlilo ungasishisanga isihlahla?

Izinhlupho Zokuqala Ezintathu

UFaro walethela isizwe sakhe inhlekelele ngoba wayengafuni ukuvumela ama-Israyeli ahambe.

Izinhlupho Eziyisithupha Ezalandela

Zazihluke kanjani kwezintathu zokuqala?

Inhlupho Yeshumi

Le nhlupho yayinzima kangangokuba ekugcineni uFaro wagoba uphondo.

Isimangaliso OLwandle Olubomvu

Izinhlupho eziyishumi azimbulalanga uFaro kodwa wasinda yini olwandle olubomvu?