Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 14

Isigqila Esasilalela UNkulunkulu

Isigqila Esasilalela UNkulunkulu

UJosefa wayengenye yamadodana kaJakobe. Abafowabo abadala babona ukuthi uJosefa wayeyintandokazi kubaba wabo. Ucabanga ukuthi bazizwa kanjani ngalokho? Baba nomona futhi bamzonda uJosefa. Ngesikhathi ephupha amaphupho angajwayelekile, waxoxela abafowabo ngawo. Babecabanga ukuthi amaphupho ayesho ukuthi ngolunye usuku uJosefa uzobabusa. Ngenxa yalokho, bamzonda nakakhulu!

Ngolunye usuku abafowabo bakaJosefa babelusa izimvu eduze kwedolobha laseShekemi. UJakobe wathuma uJosefa ukuba ayobheka ukuthi konke kuhamba kahle yini. Abafowabo bambona eseza kude, base bethi: ‘Nangu eza loya mphuphi. Asimbulale!’ Bambamba bamphonsa emgodini ojulile. Kodwa omunye wabafowabo, uJuda, wathi: ‘Ningambulali! Asimdayise njengesigqila.’ Ngakho, badayisa uJosefa ngezinhlamvu ezingu-20 zesiliva kubathengisi bakwaMidiyani ababeya eGibhithe.

Ngemva kwalokho, abafowabo bakaJosefa bacwilisa ingubo yakhe egazini lembuzi, bayibonisa uBaba wabo, base bathi: ‘Akuyona yini le ingubo yendodana yakho?’ Ngakho uJakobe wacabanga ukuthi uJosefa ubulawe isilwane esiyingozi. Wezwa ubuhlungu obukhulu kangangokuba akekho owayengamduduza.

EGibhithe, uPotifari owayeyisikhulu kulelo zwe, wathenga uJosefa njengesigqila sakhe. Kodwa uJehova akamkhohlwanga uJosefa. UPotifari wabona ukuthi uJosefa wayewenza kahle umsebenzi wakhe futhi ethembekile. Ngokushesha uJosefa waba isikhulu esiphakeme endlini kaPotifari.

UmkaPotifari waqaphela ukuthi uJosefa wayemuhle futhi enamandla. Nsuku zonke wayelokhu encenga uJosefa ukuba alale naye. Wayezokwenzenjani uJosefa? Wenqaba wathi: ‘Cha! Yinto embi kabi leyo. Inkosi yami iyangithemba futhi wena uyinkosikazi yayo. Uma ngilala nawe, ngizobe ngiyona kuNkulunkulu!’

Ngolunye usuku umkaPotifari wazama ukuphoqa uJosefa ukuba alale naye, wabamba ingubo yakhe. Kodwa uJosefa waphunyuka wabaleka. Lapho uPotifari ebuya ekhaya, umkakhe wathi uJosefa ubefuna ukumdlwengula. UmkaPotifari wayeqamba amanga. UPotifari wacasuka kakhulu futhi wavalela uJosefa ejele. Kodwa uJehova akazange amkhohlwe uJosefa.

“Ngakho zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele.”—1 Petru 5:6