Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 5

Ukuqala Kwempilo Enzima

Ukuqala Kwempilo Enzima

NGAPHANDLE kwensimu yase-Edene, o-Adamu no-Eva babenezinkinga eziningi. Kwakufanele bakusebenzele kanzima ukudla. Esikhundleni semithi yezithelo, babona kukhula ameva namakhakhasi phakathi kwabo. Lokhu kwenzeka lapho u-Adamu no-Eva bedelela uNkulunkulu beyeka ukuba ngabangane baKhe.

Kodwa okubi kunalokho, u-Adamu no-Eva bafa. UNkulunkulu wayebaxwayisile ngokuthi bayokufa uma bedla isithelo somuthi othile. Kusukela ngalo kanye usuku abadla ngalo baqala ukufa. Yeka indlela ababeyiziphukuphuku ngayo ngokungalaleli uJehova!

Abantwana baka-Adamu no-Eva bonke bazalwa ngemva kokuba abazali babo sebengaphandle kwensimu yase-Edene. Lokhu kusho ukuthi nabantwana babeyoguga futhi bafe.

Ukuba nje u-Adamu no-Eva babemlalele uJehova, ukuphila kwakuyojabulisa kubona nabantwana babo. Bonke babeyophila ngenjabulo kuze kube phakade emhlabeni. Akekho owayeyoguga, agule afe.

UNkulunkulu ufuna ukuba abantu baphile phakade ngenjabulo, futhi uthembisa ukuthi ngelinye ilanga kuyokwenzeka. Ngeke nje kuphela kube umhlaba omuhle, kodwa bonke abantu bayoba ngabaphilile. Wonke umuntu emhlabeni uyoba umngane kunoma ubani nakuNkulunkulu.

Kodwa u-Eva wayengaseyena umngane kaNkulunkulu. Ngakho-ke lapho ezala abantwana, kwakungelula kuyena. Wezwa ubuhlungu. Ukungamlaleli uJehova ngokuqinisekile kwamlethela ubuhlungu obukhulu, akunjalo?

U-Adamu no-Eva baba namadodana namadodakazi amaningi. Lapho kuzalwa indodana yabo yokuqala, bayibiza ngokuthi uKhayini. Eyesibili bayibiza ngokuthi u-Abela. Kwenzekani kuwona? Uyazi?