Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 2

Insimu Enhle

Insimu Enhle

AKE ubheke umhlaba lapha! Indlela okuhle ngayo konke! Bheka utshani nemithi, izimbali nazo zonke izilwane. Ungayikhomba indlovu namabhubesi?

Le nsimu enhle yaba khona kanjani? Ake sibone ukuthi uNkulunkulu wasilungiselela kanjani umhlaba.

Okokuqala, wamboza izwe ngotshani obuluhlaza. Wayesenza zonke izinhlobo zezitshalo ezincane nezihlahla nemithi. Lezi zinto ezimilayo zisiza ekwenzeni umhlaba ube muhle. Kodwa zenza okungaphezu kwalokho. Eziningi zazo zisinikeza ukudla okumnandi.

Kamuva uNkulunkulu wenza izinhlanzi zasemanzini nezinyoni ezindiza emkhathini. Wenza izinja namakati namahhashi; izilwane ezinkulu nezincane. Zilwane zini eziseduze kwakini? Akufanele yini sijabule ngokuthi uNkulunkulu wasenzela zonke lezi zinto?

Ekugcineni, uNkulunkulu wenza enye ingxenye yomhlaba yaba ngekhethekile. Wayibiza ngokuthi insimu yase-Edene. Yayiphelele. Yonke into kuyo yayiyinhle. Futhi uNkulunkulu wayefuna ukuba wonke umhlaba ube njengale nsimu enhle ayeyenzile.

Kodwa ake ubheke isithombe sale nsimu futhi. Uyazi ukuthi yini uNkulunkulu abona ukuthi yayidingeka? Ake sibone.