Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 3

Abantu Bokuqala

Abantu Bokuqala

YINI ehlukile kulesi sithombe? Yebo, abantu abakuso. Yindoda yokuqala nowesifazane. Benziwa ubani? UNkulunkulu. Uyalazi igama lakhe? UJehova. Le ndoda nowesifazane babizwa ngokuthi u-Adamu no-Eva.

Nansi indlela uJehova amenza ngayo u-Adamu. Wathatha uthuli lomhlabathi wakha ngalo umzimba ophelele, umzimba womuntu. Wabe esephefumulela emakhaleni omuntu, u-Adamu waba ngophilayo.

UJehova wayenomsebenzi ngo-Adamu. Watshela u-Adamu ukuba aqambe zonke izinhlobo ezihlukene zezilwane. U-Adamu kungenzeka wayenesikhathi eside ebuka izilwane ngakho-ke wakwazi ukukhetha amagama afanele azo zonke. Lapho u-Adamu eqamba izilwane waqala ukubona okuthile. Uyazi ukuthi kwakuyini?

Zonke izilwane zazinabangane. Kwakunezindlovu ezingobaba nezingomama, kukhona amabhubesi angobaba nangomama. Kodwa u-Adamu wayengenaye ongaba umngane wakhe. Ngakho-ke uJehova wamlalisa u-Adamu, wakhipha ithambo lobambo eceleni kuyena. Esebenzisa lolu bambo uJehova wenzela u-Adamu owesifazane, waba umkakhe.

Yeka ukujabula kuka-Adamu manje! Futhi cabanga ukuthi u-Eva kunokuba wajabula kanjani ngokubekwa ensimini enhle kanjalo! Manje babengase babe nabantwana futhi bahlale ngenjabulo.

UJehova wayefuna ukuba u-Adamu no-Eva baphile phakade. Wayefuna ukuba benze umhlaba wonke ube muhle njengensimu yase-Edene. Yeka ukujabula u-Adamu no-Eva okufanele ukuba baba nakho uma becabanga ngokwenza lokhu! Wawungathanda ukuhlanganyela ekwenzeni umhlaba ube insimu enhle? Kodwa injabulo ka-Adamu no-Eva yabuye yaphela. Ake sithole ukuthi kwakungani.