Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 7

Indoda Enesibindi

Indoda Enesibindi

NJENGOBA inani labantu laliqala ukwanda emhlabeni, iningi labo lenza izinto ezimbi njengoKhayini. Kodwa indoda eyodwa yayihlukile. Yile ndoda eyayibizwa ngokuthi u-Enoke. U-Enoke wayeyindoda enesibindi. Abantu ayephakathi kwabo babenza izinto ezimbi, kodwa u-Enoke waqhubeka ekhonza uNkulunkulu.

Uyazi ukuthi kungani abantu bangaleso sikhathi babenza izinto eziningi kangaka ezimbi? Cabanga, Ubani owabangela u-Adamu no-Eva ukuba bangamlaleli uNkulunkulu badle isithelo ayethé bangasidli? Yebo kwakuyingelosi embi. IBhayibheli liyibiza ngokuthi uSathane. Uzama ukwenza wonke umuntu abe mubi.

Ngelinye ilanga uJehova wathi u-Enoke atshele abantu okuthile abangafunanga ukukuzwa. Kwakuyilokhu: ‘UNkulunkulu uzobhubhisa bonke abantu ababi.’ Abantu kungenzeka bathukuthela kakhulu ngokuzwa lokhu. Kungenzeka nokuthi bazama ukumbulala u-Enoke. Ngakho u-Enoke kwakudingeka abe nesibindi impela ukuze atshele abantu okwakuzokwenziwa uNkulunkulu.

UNkulunkulu akathandanga ukuba u-Enoke aphile isikhathi eside phakathi kwabantu ababi. U-Enoke waphila iminyaka engama-365 kuphela ubudala. Kungani sithi “engama-365 kuphela”? Ngoba abantu ngaleso sikhathi babeqinile kunamanje futhi bephila isikhathi eside impela. Indodana ka-Enoke uMethusela waphila iminyaka engama-969 ubudala!

Ngemva kokufa kuka-Enoke, abantu baqhubekela phambili nobubi. IBhayibheli lithi ‘zonke izinto ababezicabanga zazizimbi njalo,’ futhi ‘umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.’

Uyasazi esinye sezizathu zokuba kube nenkathazo engako emhlabeni ngalezo zinsuku? Siwukuthi uSathane wayesenendlela entsha yokwenza abantu benze izinto ezimbi. Sizofunda ngalokhu ngokulandelayo.