Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 9

UNowa Wakha UMkhumbi

UNowa Wakha UMkhumbi

UNOWA wayenomkakhe namadodana amathathu. Amagama amadodana akhe kwakunguShemi, uHamu noJafete. Ngayinye yala madodana yayinomfazi. Ngakho kwakunabantu abangu-8 emkhayeni kaNowa.

UNkulunkulu wathi uNowa enze into engajwayelekile neze. Wathi akhe umkhumbi omkhulu. Lo mkhumbi wawumkhulu unjengebhokisi elikhulu, elide. ‘Wenze ube izindlu ezintathu ukuphakama,’ kusho uNkulunkulu, ‘kube nezindlu kuwo.’ Izindlu kwakungezikaNowa nomkhaya wakhe, izilwane, nokudla ababezokudinga bonke.

UNkulunkulu watshela uNowa ukuba alungise umkhumbi ukuze kungangeni manzi kuwo. Wathi: ‘Ngizoletha uzamcolo wamanzi ozochitha umhlaba wonke. Konke okungekho emkhunjini kuzokufa.’

UNowa namadodana akhe bamlalela uJehova baqala ukwakha. Kodwa abanye abantu bamane bahleka nje. Baqhubeka bebabi. Akekho owakholwa uNowa uma ebatshela ukuthi uNkulunkulu wayezokwenzani.

Kwathatha isikhathi eside ukwakha umkhumbi ngoba wawumkhulu. Waphela ngemva kweminyaka eminingi. UJehova watshela uNowa ukuba afake izilwane emkhunjini, ezimbili zohlobo oluthile lwezilwane, eseduna nesensikazi. Kodwa kwezinye izinhlobo afake eziyisikhombisa. UJehova watshela uNowa ukuba afake zonke izinhlobo zezinyoni. UNowa wenza kanjalo.

Ekugcineni uNowa nomkhaya wakhe bangena emkhunjini. UJehova wavala umnyango. UNowa nomkhaya wakhe balinda ngaphakathi. Ake uzicabange nje ulapho ngaphakathi nabo ulindile. Ingabe ngempela uzoba khona uzamcolo njengokusho kukaJehova?