Ingxenye 2
UZamcolo Kuya Ekukhululweni EGibhithe
Bayisishiyagalombili kuphela abasinda kuZamcolo, kodwa ngemva kwesikhathi banda baba izinkulungwane eziningi. Eminyakeni engama-352 ngemva kukaZamcolo, kwazalwa u-Abrahama. Siyafunda ngendlela uNkulunkulu agcina ngayo isithembiso sakhe ngokunikeza u-Abrahama indodana eyayingu-Isaka. Khona-ke, emadodaneni ka-Isaka amabili, uJakobe wakhethwa uNkulunkulu.
UJakobe wayenomkhaya omkhulu wamadodana ayi-12 namadodakazi. Amadodana kaJakobe ayi-10 amzonda umfowabo omncane uJosefa amthengisa ebugqilini eGibhithe. Kamuva, uJosefa waba umbusi obalulekile eGibhithe. Lapho kufika indlala enzima, uJosefa wavivinya abafowabo ukuze abone ukuthi babeziguqulile yini izinhliziyo. Ekugcineni, wonke umkhaya kaJakobe, ama-Israyeli, athuthela eGibhithe. Lokhu kwenzeka eminyakeni engama-290 ngemva kokuzalwa kuka-Abrahama.
Eminyakeni engama-215 eyalandela ama-Israyeli ayehlala eGibhithe. Ngemva kokufa kukaJosefa, aba yizigqila. Ngemva kwesikhathi, kwazalwa uMose, futhi uNkulunkulu wamsebenzisa ukuba akhulule ama-Israyeli eGibhithe. Sekukonke, kuhlanganiswa iminyaka engama-875 yomlando kule Ngxenye YESIBILI.
KULE NGXENYE
INDABA 12
Abantu Bakha Umbhoshongo
UNkulunkulu wayengajabule, isijeziso asikhipha sisasithinta nanamuhla.
INDABA 13
U-Abrahama—Umhlobo KaJehova
Kungani u-Abrahama ashiya ikhaya elinethezekile ukuze ayochitha ukuphila kwakhe konke ehlala emathendeni?
INDABA 14
UJehova Uvivinya U-Abrahama
Kungani uNkulunkulu acela u-Abrahama ukuba anikele ngendodana yakhe u-Isaka?
INDABA 15
UmkaLoti Wabheka Emuva
INDABA 16
U-Isaka Uthola Umfazi Omuhle
Yini eyenza uRebheka waba unkosikazi omuhle? Ubuhle bakhe noma okunye?
INDABA 17
Amawele Ayengafani
Uyise wabo wayemthanda kakhulu u-Esawu, uRebheka unina wayemthana kakhulu uJakobe.
INDABA 19
UJakobe Unomkhaya Omkhulu
Ingabe izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli zaqajwa ngamadodana kaJakobe angu-12?
INDABA 23
Amaphupho KaFaro
Kwakunokufana okukhona phakathi kwezinkomo ezingu-7 kanye nezikhwebu ezingu-7.
INDABA 24
UJosefa Uvivinya Abafowabo
Yini engamsiza ukuba azi ukuthi ingabe sebeshintshile yini kusukela isikhathi bemdayisa njengesigqila?
INDABA 25
Umkhaya Uthuthela EGibhithe
Kungani amalungu omndeni kaJakobe ebizwa ngokuthi ama-Israyeli kunokuba kuthiwe abakwaJakobe?
INDABA 26
UJobe Uthembekile KuJehova
UJobe walahlekelwa umnotho wakhe, impilo nazo zonke izingane zakhe. UNkulunkulu wayemjezisa yini uJobe?
INDABA 27
Inkosi Embi Ibusa IGibhithe
Kungani atshela abantu bakhe ukuba babulale wonke abantwana bama-Israyeli babafana?
INDABA 28
Ukusinda Komntwana UMose
Umama wakhe wazama ukubalekela umthetho wokuthi bonke abantwana babafana kumelwe babulawe.
INDABA 29
Okwenza UMose Wabaleka
UMose wayecabanga ukuthi wayesekulungele ukusindisa u-Israyeli lapho eneminyaka engu-40, kanti wayengakulungele.
INDABA 30
Isihlahla Esivuthayi
Ngokusebenzisa izimangaliso eziningi, uNkulunkulu utshela uMose isikhathi sesifikile ukuba uMose ahole ama-Israyeli ephume eGibhithe.
INDABA 32
Izishayo Eziyi-10
UNkulunkulu waletha izinhlekelele eziyishumi eGibhithe, ngenxa yokuthi umbusi waseGibhithe, uFaro, ngenkani wenqaba ukudedela ama-Israyeli ahambe.
INDABA 33
Ukuwela ULwandle Olubomvu
UMose uhlukanisa uLwandle Olubomvu ngamandla kaNkulunkulu, ama-Israyeli awela emhlabathini owomile.