INdaba 27
Inkosi Embi Ibusa IGibhithe
LA MADODA lapha asebenzisa abantu ngenkani. Bheka le ndoda eshaya esinye sezisebenzi ngesiswebhu! Izisebenzi zingezomkhaya kaJakobe, zibizwa ngokuthi ama-Israyeli. Amadoda abaphoqelela ukuba basebenze awaseGibhithe. Ama-Israyeli ayizigqila zabaseGibhithe. Kwenzeka kanjani lokhu?
Eminyakeni eminingi umkhaya kaJakobe omkhulu wawuhleli ngokuthula eGibhithe. UJosefa, owayeyindoda ebalulekile eGibhithe elandela inkosi uFaro, wayewunakekela. Kodwa uJosefa wafa. Kwathi uFaro omusha, owayengawathandi ama-Israyeli, waba inkosi eGibhithe.
Ngakho lo Faro omusha wenza ama-Israyeli izigqila. Wabeka amadoda phezu kwawo ayelukhuni enokhahlo. Ayewasebenzisa kanzima ama-Israyeli ngenkani akhela uFaro imizi. Kodwa ama-Israyeli aqhubeka anda. Ngemva kwesikhathi abaseGibhithe besaba ukuthi ama-Israyeli angaba maningi kakhulu futhi abe namandla.
Uyazi ukuthi uFaro wenzani? Wakhuluma nabesifazane ababebelethisa omama bama-Israyeli wathi: ‘Nibulale bonke abantwana abangabafana abazalwayo.’ Kodwa laba kwakungabesifazane abalungile, babengababulali abantwana.
Ngakho uFaro wanikeza lo myalo kubo bonke abantu: ‘Thathani abantwana abangabafana bama-Israyeli ni-babulale. Nishiye amantombazane kuphela.’ Ingabe kwakunge-yona into embi leyo? Ake sibone ukuthi omunye wabantwana abangabafana wasinda kanjani.