Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INdaba 19

UJakobe Unomkhaya Omkhulu

UJakobe Unomkhaya Omkhulu

AKE ubheke lo mkhaya omkhulu. Lawa ngamadodana kaJakobe ayi-12. Wayenamadodakazi futhi. Zikhona owazi amagama azo kulezi zingane? Ake sifunde amanye awo.

ULeya wazala uRubeni, uSimeyoni, uLevi noJuda. Lapho uRaheli ebona ukuthi wayengenabantwana, wadumala kakhulu. Ngakho wanikela ngencekukazi yakhe uBhiliha kuJakobe, uBhiliha waba namadodana amabili uDani noNafetali. NoLeya wapha uJakobe incekukazi yakhe uZilipha, uZilipha wazala uGadi no-Asheri. ULeya wabuye waba namanye amadodana amabili, u-Isakare noZebhuloni.

Ekugcineni uRaheli waba nomntwana. Wambiza ngokuthi uJosefa. Sizobuye sifunde okuningi ngoJosefa, ngoba waba umuntu obaluleke kakhulu. Lawa ngamadodana ayi-11 azalelwa wona uJakobe lapho ehlala noyise kaRaheli uLabani.

UJakobe futhi wayenamadodakazi, kodwa iBhayibheli linikeza igama leyodwa kuphela yawo. Igama layo kwakunguDina.

Kwafika isikhathi lapho uJakobe anquma ukumshiya uLabani aphindele eKhanani. Ngakho wabutha umkhaya wakhe omkhulu nemihlambi yakhe yezimvu neyezinkomo, waqalisa uhambo olude.

Ngemva kokuba uJakobe nomkhaya wakhe sebebuyele eKhanani, uRaheli wazala enye indodana. Kwenzeka besendleleni. URaheli waba nobunzima, futhi wafa ebeletha. Kodwa umntwana womfana wayephila. UJakobe wamqamba ngokuthi uBhenjamini.

Sifuna ukuwakhumbula amagama amadodana ayi-12 kaJakobe ngoba sonke isizwe sakwa-Israyeli savela kuwo. Eqinisweni, izizwe eziyi-12 zakwa-Israyeli zibizwa ngamadodana ayi-10 kaJakobe namabili kaJosefa. U-Isaka waphila iminyaka eminingi ngemva kokuzalwa kwalaba bafana, kufanele ukuba kwamjabulisa ukuba nabazukulu abaningi kangaka. Kodwa ake sibone ukuthi kwenzekani kuDina.